Isahluko 6
Yini UNkulunkulu Abeyenza?
ABANTU abaningi namuhla bakholelwa ukuthi uNkulunkulu akanaso isithakazelo esifudumele ngomhlaba noma ukuthi akenzi lutho ngezinkinga ezikhathaza isintu. Kodwa iqiniso liwukuthi uNkulunkulu unokukhathalela okukhulu. Kuyiqiniso, kungenzeka ukuthi akakwenzanga lokho abantu abebelindele ukuba akwenze. Kodwa lokho akusho ukuthi akazange enze lutho. Eqinisweni, ubebenzela izinto abantu kusukela ekuqaleni komlando womuntu kuze kube kulolusuku lwanamuhla.
2 Esinye isizathu esenza abantu baphethe ngokuthi uNkulunkulu akenzi lutho siyisikhathi sabo sokuphila esifushane. Lokhu kubenza bangabi nakubekezela bafune ukwenza izinto ngesikhathi esifushane esivunyelwa ukuphila kwabo. Ngakho isifiso sokubona izinguquko phakathi nesikhathi sabo sokuphila sibusa ukucabanga kwabo. Khona-ke, ukuthambekela kwabo kuwukwahlulela uNkulunkulu ngesisekelo sokuhlangenwe nakho komuntu okunjalo, nakho konke ukulinganiselwa kwakho.
3 Ngakolunye uhlangothi, uJehova uphila phakade. (IHubo 90:2, 4; Isaya 44:6) Ngokombono wakhe angabona ngokuqondile ukuthi kukuphi phakathi nesikhathi lapho izenzo zakhe ziyofeza khona okuhle kakhulu ngabo bonke abahilelekile futhi kufeze injongo yakhe ngokuphumelela kangcono. (Isaya 40:22; 2 Petru 3:8, 9) Yilokho kanye uNkulunkulu abekwenza.
Indlela UNkulunkulu Azembule Ngayo
4 Injongo kaJehova iwukulungiselela ukuphathwa okulungileyo kwayo yonke indalo, lokho okuyohlanganisa isintu ndawonye ngokuthula nobunye, sijabulele ukulondeka okugcwele. (Efesu 1:9, 10; IzAga 1:33) Nokho, uNkulunkulu akaphoqeleli muntu ukuba abe ngaphansi kokuphathwa nguye. Kuphela yilabo abamkhonzayo nabathanda indlela yakhe yokubusa abamukelekayo. UNkulunkulu uye wenza ukuba abantu bathole ulwazi lwezindinganiso zokulunga zokuphatha kwakhe nolwendlela ukuphatha kwakhe okusebenza ngayo, ekwenza ngombono wokumisa izwe lonke eliyophila ngezindinganiso zakhe. Ngesikhathi esifanayo uNkulunkulu ubekwenza kube nokwenzeka ngesintu ukuzuza ulwazi olubalulekile ngokuphathelene naye ngokwakhe nezimfanelo zakhe siqu.—Johane 17:3.
5 Yebo, njengoba engumoya, uJehova akabonakali kumuntu. Khona-ke, ubengenza kanjani ukuba abantu benyama negazi baqonde lezizinto? Kuningi okungafundwa ngezimfanelo zoMdali emsebenzini wezandla zakhe. (Roma 1:20) Ubuhlobo obumangalisayo phakathi kwezinto eziphilayo nemithetho yendalo ebusa zonke izinto buwubufakazi bokuhlakanipha kwakhe. Amandla amakhulu abonakala ezilwandle, esimweni sezulu, nasemandleni ezinkanyezi anikeza ubufakazi bobukhulu bakhe. (Jobe 38:8-11, 22-33; 40:2) Futhi izinhlobo zokudla ezihlukahlukene nezijabulisayo ekunambithekeni, ubuhle bezimbali, izinyoni, ukuphuma nokushona kwelanga, imikhuba yezilwane yokudlala—konke kubonisa uthando loMdali ngesintu nesifiso sakhe sokuba sikuthole kujabulisa ukuphila. Nokho ukuzembula kukaNkulunkulu akugcini ngalezizinto.
6 Ezikhathini ezihlukahlukene uye wakhuluma futhi esemazulwini. Kwezinye izimo lokhu ekwenza yena siqu. Kwezinye izimo uye wakhuluma ngezingelosi, njengaseNtabeni iSinayi eNhlonhlweni yaseArabiya, lapho anikeza izigidi zamaIsrayeli umthetho wakhe. (Eksodusi 20:22; Heberu 2:2) Khona-ke, ngabaprofethi bakhe wakhuluma nabantu emakhulwini amaningi eminyaka futhi wenza ukuba babhale izambulo zentando yakhe. (2 Petru 1:21) Ngaleyondlela, uJehova kancane kancane uye wajwayelanisa umuntu nezindinganiso zaKhe zokulunga kanye nentando yaKhe. Isici esibalulekile salokhu siyindlela aye wembula ngayo izimiso zakhe nezimfanelo ngokusebenzelana kwakhe nabantu. Lokhu kuye kwanezela ukukhanga okufudumele kokuhlangenwe nakho kwabantu eZwini lakhe elilotshiwe. Yeka ukuthi kungokufundisa kakhulu kangakanani nokwanelisa kangakanani ukungezwa nje kuphela nokufunda izimemezelo zenjongo kaNkulunkulu kodwa futhi ukuba sibe nezibonelo eziphilayo embhalweni weBhayibheli ezisisiza ukuba siyiqonde kangcono intando yakhe! (1 Korinte 10:11) Futhi lowombhalo wembulani?
7 Unikeza ubufakazi bokuthi uNkulunkulu akakubekezeleli phakade ukungalungi. Kuyiqiniso, wavumela inzalo ka-Adamu noEva izenzele ngendlela yayo, yakha umbhalo owawungenakugwenywa wokwehluleka komuntu ukuzibusa ngokwakhe ngokuphumelelayo. Kodwa uNkulunkulu akazange ashiye isintu singenabufakazi besahlulelo saKhe ngokumelene nezindlela zokungalungi. Ngakho-ke waletha uZamcolo osukwini lukaNowa ngoba ‘umhlaba wawugcwele ubudlova.’ (Genesise 6:11-13) Wabhubhisa amadolobha onakele ngokuziphatha aseSodoma neGomora. (Genesise 19:24, 25; Juda 7) Wayeka isizwe sakwaIsrayeli, esasithi siyamkhonza, sathunjwa ngenxa yokuthi sasiqhuba inkolo yamanga. (Jeremiya 13:19, 25) Ngokufunda ukuthi uNkulunkulu ukubheka kanjani ukuziphatha okunjalo, sinethuba lokwenza izinguquko ekuphileni kwethu ukuze sibonise uthando lwethu ngokulungileyo. Ingabe siyokwenza?
8 Umlando weBhayibheli futhi wembula ukuthi uNkulunkulu uyehlukanisa phakathi kwabalungileyo nababi. KuZamcolo wembulunga yonke, uNkulunkulu akazange ambhubhise uNowa, ‘owayengumshumayeli wokulunga,’ kodwa wamsindisa kanye nabanye abayisikhombisa. (2 Petru 2:5) Futhi-ke, ngaphambi kokuba line umlilo nesibabule eSodoma, kwenzeka ngoLoti olungileyo nomkhaya wakhe ukuba babaleke.—Genesise 19:15-17; 2 Petru 2:7.
9 Lapho abantu bakwaIsrayeli, ababefungile ukuthi bayokhonza uNkulunkulu, bezibonakalisa bengathembekile akazange abalahle ngokushesha. Njengoba abatshela: “Ngithumile kini zonke izinceku zami abaprofethi, ngibathuma imihla ngemihla njalonjalo.” Kodwa abalalelanga. (Jeremiya 7:25, 26) Ngisho nalapho kusondela isikhathi sokubhujiswa kweJerusalema, uJehova wathi: “Ngiyenamela nokwenamela ukufa komubi yini, . . . kungabi ukuba abuye endleleni yakhe, aphile, na? . . . Ngalokho buyani, niphile.”—Hezekeli 18:23, 32.
10 Khona-ke, yini esiyibonayo? Ukuthi ngendlela ethinta izinhliziyo zabantu abathanda ukulunga ngokujulile, uJehova uye wakwenza kwakhanya ukubekezelela kwakhe isintu okukhulu. Ngesikhathi esifanayo, ukusebenzelana kwakhe naso futhi kugcizelela kithina uthando lwakhe lokulunga nokubaluleka kokuba siphile ngokuvumelana nezimfuneko zakhe.
11 Kunokunye futhi okuyisisekelo, okuvelelayo. Kusukela ekuqaleni kuba sobala ukuthi uNkulunkulu uye waba nenjongo eqondile kukho konke aye wakwenza. Futhi akakaze ahluleke ukuthatha isinyathelo lapho ukugcwaliseka kwenjongo yakhe kudinga isinyathelo esithile. Lenjongo eyisisekelo yaqaliswa khona kanye e-Edene. Lapho ekhipha isahlulelo kuSathane, uJehova wabikezela ukuthi uSathane wayeyoba nethuba lokuveza “inzalo,” labo ababeyobonisa ukuthambekela kwakhe futhi bamsekele. Wabikezela futhi ngokuvezwa kwenye “inzalo,” umkhululi olungileyo. Lona wayeyoyichoboza “inyoka endala ethiwa uMhlebi noSathane,” ngaleyondlela akhulule isintu ekubuseni kwayo okubhubhisayo. (Genesise 3:15; IsAmbulo 12:9) Ngemva kokukhipha lenkulumo eyinjongo yakhe, uJehova waqhubeka wenza amalungiselelo aqondile okuphathwa kwezindaba zomhlaba ngaphansi ‘kwenzalo’ ethenjisiwe. Lomsebenzi wokulungisa wawuyothatha isikhathi, njengoba sizobona.
Isizathu Sokusebenzelana Kwakhe NoIsrayeli Ngokukhethekile
12 Esikhathini eside ngaphambi kokuba izizwe zanamuhla zibe khona, uNkulunkulu wakhetha isizwe esisodwa asisebenzisa amakhulu eminyaka njengabantu bakhe. Ngani? Ukuze anikeze isibonelo esiphilayo sokusebenza kwezimiso zakhe zokulunga. Lesosizwe, uIsrayeli wasendulo, senziwa yinzalo ka-Abrahama, indoda eyayibonise ukholo olukhulu kuMdali. UJehova wathi kuso: “UJehova akanamathelanga kini, kanikhethanga ngokuba nanibaningi kunezinye izizwe, ngokuba naniyingcosana kunezizwe zonke, kepha ngokuba uJehova enithanda nangokuba ebeyakugcina isifungo asifungela oyihlo.”—Duteronomi 7:7, 8; 2 AmaKhosi 13:23.
13 Ngemva kokubakhulula ebugqilini eGibithe, uJehova wazinikela ukuba abathathe babe nobuhlobo obukhethekile kanye naye, baphendula ngokuthi: “Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza.” (Eksodusi 19:8) UJehova wabe esebanikeza imithetho yakhe, ngaleyondlela ebenza bahluke kuzo zonke ezinye izizwe futhi ebanikeza ukwaziswa okuningiliziwe ngokuqondene nezindinganiso zakhe zokulunga. (Duteronomi 4:5-8) Ngakho-ke, umlando wamaIsrayeli asendulo unikeza umbhalo walokho okwenzekayo uma imithetho kaNkulunkulu yokulunga ilalelwa noma ingalalelwa. Ngesikhathi esifanayo, umlando wezinye izizwe wembula umphumela kulabo abangaphili ngomthetho kaNkulunkulu.
14 Kuthiwani ngalezo ezinye izizwe? Zazenzela ngendlela yazo, zizikhethela izinhlobo zazo zawohulumeni. Abantu bazo babengebona abangenakho ngokuphelele ukulunga ekuphileni kwabo. Babesenawo unembeza, futhi lokhu ngezinye izikhathi kwabashukumisela ukuba benze ngokukhathalela kozwela ngabanye abantu. (Roma 2:14; IzEnzo 28:1, 2) Kodwa isono abazalwa naso nokwenqaba ukuqondisa kwaphezulu kwababangela ukuba baphishekele inkambo yokuzifunela okwabo eyaholela ezimpini zonya nasemikhubeni eyihlazo. (Efesu 4:17-19) Ngokuqinisekile uNkulunkulu akanakubekwa icala ngawomaye ababangelwa inkambo yokuphila abazikhethela yona ngokwabo. Okuwukuphela kwezikhathi uNkulunkulu angenela ngazo kwakuyilapho izenzo zabantu zingqubuzana nokufezeka kwezinjongo zakhe. Ngesikhathi esifanayo, uNkulunkulu ngomusa wabavumela ukuba bahlanganyele enjabulweni yokuphila, ebuhleni bendalo nasezithelweni zomhlaba.—IzEnzo 14:16, 17.
15 UJehova akazange futhi abakhiphe abantu balesisizwe ekubeni ekugcineni bamukele izinzuzo ezathenjiswa ‘ngenzalo’ ka-Abrahama. UJehova wathi ‘ngalenzalo’ eyayizokuza ngohlu lomkhaya ka-Abrahama: “Nangenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba, ngokuba ulalele izwi lami.” (Genesise 22:18) Ngakho-ke ngisho nakuba uJehova ayesebenzelana noIsrayeli kuphela, wayeyiphumelelisa injongo yakhe yokuba ngokungakhethi abuse ezinye izizwe kamuva, nakuba zazingakuqapheli zona lokhu.—IzEnzo 10:34, 35.
16 Ngesikhathi lapho uJehova esebenzelana noIsrayeli wasendulo, wanikeza iziprofetho eziningi ezagcwalisa isidingo esikhethekile samadoda okholo—indlela yokubona iNzalo ka-Abrahama ethenjisiwe lapho ifika ekugcineni. Ngisho nohlu lomkhaya wayo, ngesizwe sakwaJuda nendlu kaDavide, lwashiwo. (Genesise 49:10; IHubo 89:35, 36) Kwashiwo nendawo eyayiyozalelwa kuyo, iBetlehema. (Mika 5:2) Emakhulwini eminyaka ngaphambili unyaka eyayizogcotshwa ngawo njengoMesiya waboniswa. (Daniyeli 9:24-27) Izinkonzo zayo zobupristi ngenxa yesintu zafanekiselwa. Kwakungokufanayo ngomhlatshelo wayo owavula ithuba lokuphila okuphakade kubantu bazo zonke izizwe. (Heberu 9:23-28) Ngaleyondlela, lapho isikhathi esimisiwe sifika, konke kwakhomba uJesu Kristu ngokungaxheguli njengeNzalo yesithembiso okwakuyothi ngayo ekugcineni izibusiso zifike kubantu.—Galathiya 3:16, 24; 2 Korinte 1:19, 20.
Ukulungiselelwa Kwababusi Besintu
17 Ngaphambi kokuzalwa kukaJesu unina uMariya wayetshelwe yingelosi ukuthi indodana yakhe yayiyonikezwa umbuso waphakade. Abelusi eduze kwaseBetlehema baziswa ngokuzalwa kwayo, base bezwa uquqaba lwamabandla asezulwini edumisa uNkulunkulu ethi: “Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.”—Luka 1:31-33; 2:10-14.
18 Cabangela izinzuzo zokuthi leNkosi yasezulwini yakusasa iye yaphila emhlabeni. Njengomuntu yafinyelela ekwazini nasekuqondeni izinkinga zesintu. Yaphila futhi yasebenza nabo, nayo ngokwayo ihlanganyela usizi lwabo futhi ihlangabezana nobunzima. Ngaphansi kokuvivinywa okunzima kakhulu yabonisa kokubili ukwethembeka kuJehova nothando lwayo lokulunga. Ngalendlela uNkulunkulu wayelungiselela uJesu ukuba abe yiNkosi ebonelelayo kanye nomPristi Omkhulu wokudlulisela izinzuzo ezinikeza ukuphila esintwini. (Heberu 1:9; 4:15; 5:8-10) Ngokungaphezulu, ngokudela ukuphila kwakhe siqu, uJesu Kristu wavula indlela yokuba isintu siphinde sizuze ubuhlobo obunokuthula noNkulunkulu.—1 Petru 3:18.
19 Ngemva kokufa kukaJesu, uNkulunkulu wamvusela ekuphileni futhi, futhi wabonakala kofakazi abangabantu abangaphezu kwama-500 ababengase bafakazele ukuthi uvuko lwalwenzeke ngokoqobo. (1 Korinte 15:3-8) Ezinsukwini ezingamashumi amane ngemva kokuvuswa kukaJesu, wanyukela ezulwini futhi wanyamalala emehlweni abafundi bakhe ababebhekile. (IzEnzo 1:9) Esezulwini waqhubeka esebenzisa ubukhosi bakhe kubalandeli bakhe abathembekile, futhi izinzuzo zokubusa kwakhe zabenza bavelela njengabahlukile kwabanye abantu. Kodwa ingabe manje kwase kuyisikhathi sokuba aqale ukubusa izizwe? Cha, ngoba kunezinye izinto esimisweni sikaNkulunkulu esimangalisayo ezazisadinga ukunakekelwa.—Heberu 10:12, 13.
20 Kwakusenomsebenzi okwakusadingeka wenziwe emhlabeni wonke. Ngaphambi kokufa nokuvuswa kukaJesu abekho kumaIsrayeli ababeke baphuma bayoshumayela ukuze baphendule abantu bezinye izizwe. Nokho noma ubani owayefisa ukukhulekela uJehova wayengahlanganyela ezinzuzweni zalokho kanye namaIsrayeli. (1 AmaKhosi 8:41-43) Nokho, ukufika kobuKristu kwavula umsebenzi omusha omkhulu. UJesu Kristu ngokwakhe wabeka isibonelo futhi wasishiya njengefa kubafundi bakhe, ebatshela ngaphambi kokunyukela kwakhe ezulwini: “Nibe-ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube-sekugcineni komhlaba.”—IzEnzo 1:8.
21 Ingabe injongo yayiwukuphendula umhlaba wonke? Cha. Kunalokho, uJesu wabonisa ukuthi phakathi nalesosikhathi kuze kube ‘sekupheleni kwalesimiso sezinto’ kwakuyoba nokuqoqwa ‘kwamadodana oMbuso’ ngokuyinhloko. Yebo, kwakumelwe kukhethwe amanye amalungu kahulumeni woMbuso ozayo. (Mathewu 13:24-30, 36-43) Noma ubani ofunda imiBhalo yamaKristu yesiGreki angabona kalula ukuthi kusukela ngePentekoste lika-33 C.E., abanye babemenyelwa ukuhlanganyela noJesu Kristu ekubuseni koMbuso wakhe wasezulwini.—2 Thimothewu 2:12; Heberu 3:1; 1 Petru 1:3, 4.
22 Ukukhethwa kwalababusi bakusasa kanye naye phezu kwesintu kwakuyothatha isikhathi. Ngani? Ngenxa yalesizathu, lelothuba kwakumelwe lidluliselwe kubantu bazo zonke izizwe. Futhi, nakuba bebaningi ababethi balibambile, bambalwa ababonakala bengabalandeli beNdodana kaNkulunkulu abathembekile. (Mathewu 22:14) Kwakumelwe kuhlangatshezwane nezindinganiso eziphakeme. Nakuba amaKristu engazange aphile njengeqembu lobuzwe elihlukile njengamaIsrayeli asendulo, aye abhekwa njengabafokazi, emelela indlela ehlukile yokuphila. (1 Petru 2:11, 12) Kumelwe ahlale ehlanzekile emikhubeni yokuziphatha okubi neyonakele yezwe eliwazungezile. (1 Korinte 6:9, 10) Ukuze abe “abantwana bakaNkulunkulu” ngempela, kumelwe azibonakalise ‘enokuthula,’ angahlanganyeli ezimpini zezizwe futhi angaphindiseli uma eshushiswa ngenxa yokholo lwawo. (Mathewu 5:9; 26:52; Roma 12:18, 19) Kumelwe abonise ukwethembeka ekubuseni kukaNkulunkulu ngokwenqaba ukumelela ohulumeni bezombangazwe, abafanekiselwa ‘ngezilo’ eBhayibhelini. (IsAmbulo 20:4, 6) Ngenxa yakho konke lokhu nangenxa yokuthi aye aphakamisa igama likaJesu Kristu endimeni yakhe njengeNkosi kaNkulunkulu egcotshiwe, aye ‘azondwa yizo zonke izizwe.’ (Mathewu 24:9) Ngakho-ke labo abazoba ngababusi basezulwini besintu kanye noKristu abazange bakhethwe ngokubhuduzela.
23 Okwenza ukuba ukukhetha kuthathe isikhathi eside kangaka akubangelwa ukuthi inani elikhethwayo likhulu. NgokwemiBhalo, uNkulunkulu walinganisela inani lalendikimba yokuphatha yabakhethiwe ngaphansi kukaJesu Kristu kubantu abayizi-144 000 kuphela. (IsAmbulo 14:1-3) Kodwa uNkulunkulu uye wabakhetha ngokunakekela. Baye bathathwa “kuyo yonke imindeni, nezilimi, nabantu, nezizwe.” (IsAmbulo 5:9, 10) Phakathi kwabo kunabantu bazo zonke izindlela zokuphila, abesilisa nabesifazane, abantu abaye bahlanganyela kuzo zonke izinkinga zesintu ezihlukahlukene. Phakathi nesikhathi sokumbatha kwabo ubuntu obusha bobuKristu, cishe ayikho inkinga abanye babo abangazange babhekane nayo futhi bayinqoba. (Efesu 4:22-24; 1 Korinte 10:13) Yeka indlela esingajabula ngayo ngalokhu! Ngani? Ngoba kusinikeza isiqiniseko sokuthi bayoba ngamakhosi nabapristi abanozwela nobubele, abakwaziyo ukusiza abesilisa nabesifazane bazo zonke izinhlobo ukuba bazuze elungiselelweni likaNkulunkulu lokuphila okuphakade.
24 Kuthiwani ngesintu esingekho kulelilungiselelo? Phakathi naso sonke lesikhathi, uNkulunkulu akazange abaphazamise ohulumeni abahlukahlukene. Uye wavumela abantu baqhuba ngendlela abayikhethile. Yebo, izigidi zabantu ziye zaphila futhi zafa, abaningi babo bengakaze bezwe ngeBhayibheli noma ngoMbuso kaNkulunkulu. Nokho uNkulunkulu akazange abakhohlwe. Ubelungiselela isikhathi umphostoli uPawulu akhuluma ngaso: “Nginethemba kuNkulunkulu . . . lokuthi kuyakuba-khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungile nokwabangalungile.” (IzEnzo 24:15) Khona-ke, ngaphansi kwezimo ezinhle zoHlelo Olusha lukaNkulunkulu, bayonikezwa ithuba eligcwele lokufunda izindlela zikaJehova. Ngokusekelwe kulokhu, bangakwazi ukukhetha uhlangothi ngokomuntu siqu empikiswaneni yokubuswa kwendawo yonke. Labo abathanda ukulunga bayozuza ithuba lokuphila phakade.
Njengoba “Ukuphela” Kusondela
25 Ngaphambi kokungena koHlelo Olusha, kumelwe kube nezenzakalo ezivusa amadlingozi. IBhayibheli labikezela ngoshintsho olukhulu ezindabeni zezwe. UJesu Kristu uyobe esebekwa esihlalweni sobukhosi njengeNkosi hhayi nje ukuba abuse phezu kwabafundi bakhe siqu kodwa enegunya lokuthatha isinyathelo emhlabeni wonke. Ezulwini kuyokwenziwa isimemezelo esilandelayo: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu nokaKristu wayo; iyakubusa kuze kube-phakade naphakade.” (IsAmbulo 11:15) Isinyathelo sokuqala saleNkosi siyokuba ukumelana ‘nombusi wezwe’ ngokwakhe, uSathane uDeveli, namademoni akhe. (Johane 14:30) Lamandla amabi ayophonswa phansi esuswa emazulwini avalelwe endaweni yasemhlabeni. Kube namiphi imiphumela?
26 Incazelo engokwesiprofetho ibika izwi elivela ezulwini lithi: “Ngalokho thokozani nina-mazulu nabahlala kuwo; maye kuwe-mhlaba nakuwe-lulwandle, ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane!” (IsAmbulo 12:12) Kwakuyoba khona isiyaluyalu esingabonaze sibonwe phakathi kwezizwe, kodwa ukuphela kwakungeke kufike ngalesosikhathi.
27 Lesi kwakuyoba isikhathi somsebenzi omkhulu wokwehlukanisa. Ngaphansi kokuqondisa kukaJesu Kristu osesihlalweni sobukhosi, abalandeli bakhe abathembekile babezophikelela nokushumayela “lezi zindaba ezinhle zombuso” kuwo wonke umhlaba owakhiwe kube ubufakazi kuzo zonke izizwe. Abantu yonke indawo babeyonikezwa ithuba lokubonisa isimo sabo sengqondo ngasekubuseni kwaphezulu. (Mathewu 24:14; 25:31-33) Lapho sekufezwe lokhu, njengoba uJesu achaza, “khona-ke ukuphela kuyofika.” Kuyoba “usizi olukhulu olungazange lube-khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube-manje nolungasayikuba-khona.” (Mathewu 24:21) Abantu abanakuphinde babuze, Yini uNkulunkulu abeyenza? Okuwukuphela kwabayosinda kuyoba yilabo abebezihlupha ngokwanele ukuba bathole ukuthi ubenzani futhi balethe ukuphila kwabo ekuvumelaneni nezimfuneko zakhe ngaphambi kokuba kufike ukubhujiswa kwalelizwe.
28 Kodwa zonke lezizenzakalo ziyokwenzeka nini? Kunini lapho uKristu enikezwa khona amandla okubusa njengeNkosi futhi aqhubeke nokuhlukanisa abantu bazo zonke izizwe? Amaqiniso abonisa ukuthi uNkulunkulu ubenza lezizinto phakathi nalelikhulu lama-20 leminyaka. UKristu kakade usesesihlalweni sakhe sobukhosi sasezulwini, futhi umsebenzi wokwehlukanisa manje ususondela ekupheleni. Isikhathi sokuba uzilethe ngasohlangothini lukaJehova lwempikiswano yobukhosi bendawo yonke sifushane kakhulu. “Usizi olukhulu” seluseduze kakhulu! Ukuhlolwa kwesiprofetho seBhayibheli ngokucabangela umlando wanamuhla kubonisa ukuthi lokhu kuyiqiniso. Sikukhuthaza ukuba ukucabangele ngokunakekela.
[Imibuzo Yesifundo]
1. Yini abantu abaningi namuhla abayikholelwayo ngoNkulunkulu, kodwa ingabe kuyiqiniso?
2. Ubufushane besikhathi sabo sokuphila bungakuthinta kanjani ukucabanga kwabantu kulendaba?
3. Ubude bokuphila kukaJehova buwathinta kanjani amandla akhe okusingatha izimo ngesikhathi esifaneleke kangcono?
4. UJehova uye wamemezela ukuthi iyini injongo yakhe, futhi iluphi ulwazi aye walunikeza isintu?
5. Yini esingayifunda ngoNkulunkulu emisebenzini yendalo?
6. (a) Kungaziphi izindlela uNkulunkulu aye wanikeza ngazo izambulo eziqondile zentando yakhe? (b) Kungaziphi ezinye izindlela uNkulunkulu aye wambula ngazo izimiso zakhe nezimfanelo kumuntu?
7. (a) UNkulunkulu uye wabonisa kanjani ukuthi akakubekezeleli phakade ukungalungi? (b) Lapho sizwa ngendlela uNkulunkulu abheka ngayo ukuziphatha okunjalo, kumelwe senzeni?
8. Lapho uNkulunkulu eletha imbubhiso, ingabe bakhona abayosinda? Bonisa.
9. Sifundani endleleni uJehova asebenzelana ngayo noIsrayeli wasendulo?
10. Ngaphandle kokubekezela kwakhe, yini enye lemilando yeBhayibheli esifundisa yona ngoNkulunkulu?
11. (a) Iyiphi inkulumo yenjongo uNkulunkulu ayenza e-Edene? (b) Yini uNkulunkulu abeyenza kusukela lapho?
12, 13. (a) Kungani uNkulunkulu akhetha uIsrayeli futhi imithetho yakhe wayinikeza lesosizwe esisodwa kuphela? (b) Ngakho-ke, yini esingayifunda emlandweni kaIsrayeli nakowezinye izizwe?
14. (a) Ingabe uNkulunkulu wenza okubi ezizweni ezingewona amaIsrayeli ngokungangeneli ezindabeni zazo? (b) Nokho, zazuza kanjani emseni kaNkulunkulu ongafanele?
15. Imaphi amalungiselelo okubusiswa kwabantu balezizwe ekugcineni uNkulunkulu abewenza?
16. (a) Phakathi naso sonke lesikhathi, yini uNkulunkulu abeyenza ngokuqondene nesithembiso seNzalo? (b) LeyoNzalo yesithembiso yabonakala ingubani?
17. NgoJesu, yini uNkulunkulu ayezoyiletha, futhi lokhu kwagcizelelwa kanjani ngesikhathi sokuzalwa kwakhe?
18. (a) Okuhlangenwe nakho kwakhe emhlabeni kwamlungiselela kanjani isikhundla sokuba yinkosi nompristi? (b) Ukufa kwakhe kwaba namuphi umphumela ekuzuzeni ukuthula?
19. (a) Sazi kanjani ukuthi uJesu wavuswa futhi wanyuselwa ezulwini? (b) Ngokuqondene nobukhosi bakhe, yini ayenza ngemva kokubuyela ezulwini?
20. Imuphi umsebenzi omusha uJesu ayewuvulele abafundi bakhe emhlabeni?
21. Esikhundleni sokuphendula umhlaba wonke, yini uNkulunkulu ayeyifeza ngalokho kufakaza?
22. (a) Iziphi izimfanelo uNkulunkulu ayezifuna kulaba abayizindlalifa zakusasa zoMbuso wasezulwini? (b) Ngakho-ke, ingabe ukukhetha kwenziwa ngokubhuduzela?
23. (a) Bangaki abayoba kuleyondikimba yokuphatha yasezulwini kanye noKristu? (b) Baye bakhethwa phakathi kobani, futhi ngani?
24. Kuthiwani ngezigidi zabanye abantu abaphila futhi bafa phakathi nalesikhathi, abaningi babo bengazi lutho ngeBhayibheli?
25, 26. (a) Ngesikhathi esifanele, yiliphi igunya elengeziwe eliyonikezwa uKristu, futhi uyothatha isinyathelo ngokumelene nobani? (b) Lokhu kuyozithinta kanjani izimo emhlabeni?
27. (a) Njengoba “ukuphela” kuyobe kusondela, imuphi umsebenzi omkhulu wokwehlukanisa owawuyokwenzeka, futhi kanjani? (b) Ukubhujiswa kwezwe okwabikezelwa kuyoba kukhulu kangakanani?
28. (a) Ukubekwa kukaKristu esihlalweni sobukhosi nokwehlukaniswa kwabantu bazo zonke izizwe kuyokwenzeka nini? (b) Ngakho-ke, yini okuphuthumayo ngawe siqu ukuba uyenze?
[Isithombe ekhasini 62]
Ngokuphila phakathi kwabantu, umbusi omusha womhlaba wafinyelela ekuqondeni isintu kangcono