Abagibeli Bamahhashi BesAmbulo—Indlela Ukugibela Kwabo Okukuthinta Ngayo
NGOMSOMBULUKO, ngoApril 1, 1985, kwakuwusuku oluvelele ngabagibeli abaningi eToronto, eCanada. Labo ababezobe behlasele ngebhomu babeye basongela ukuqhumisa ujantshi wesitimela esihamba ngaphansi kwedolobha. Ngani? Ukuze balethe ukunakekela kulokho ababethi kwakuwumzamo weminyaka eminingi edlule wokubulala abantu baseArmenia eTurkey, lokho uhulumeni waseTurkey ayekuphika ngokuphindaphindiwe.
Ngokungangabazeki, iningi lalabobagibeli lalazi okuncane noma lalingazi lutho ngaleyondaba yeminyaka edlule. Nokho bathola ubunzima nokuhlupheka. Ngokuvamile sichaphazelwa yizinto esazi okuncane kakhulu ngazo.
Phakathi neshumi lesibili lekhulu lama-20 leminyaka, izenzakalo ezivelele zaqala ukwenzeka zigcwalisa isiprofetho seBhayibheli esiphawulekayo esitholakala kusAmbulo 6:1-8. Njengoba kwembulwa kumphostoli ongumKristu uJohane, abagibeli bamahhashi babezogibela ngezinsuku zokugcina. Futhi nakuba izigidi zingazi lutho ngakho, ukugibela kwabagibeli bamahhashi besAmbulo kuthinta wonke umuntu emhlabeni. Nawe futhi, uthintekile. Kodwa kanjani? Sizobona njengoba sixoxa ngomgibeli wehhashi ngamunye.
Ihhashi Elibomvu
Okunye ukugibela okwabonwa uJohane “ihashi elibomvu, nohlezi phezu kwalo waphiwa ukususa ukuthula emhlabeni, ukuze babulalane, wanikwa nenkemba enkulu.”—IsAmbulo 6:4.
‘Lenkemba enkulu’ yomgibeli wehhashi ifanekisela impi. Kanjalo, kusukela ngo-1914 cishe abantu abayizigidi ezingama-69 bafa ezimpini ezimbili zezwe. Yeka ukubulala okungaka! Eqinisweni, inani elikhulu labafelokazi nezintandane lifakazela ukuthi umgibeli wehhashi elibomvu, elimelela ukulwa kwezizwe, uye wakuthinta ngokuqondile ukuphila kwabo.
Ngaphezu kwalokho, ukuqhubeka kwezimpi nokusongela kwempi kuyasisinda isizukulwane esisha. Emazweni lapho kugcwele khona iziphithiphithi, intsha iyona elwa kakhulu. Umphumela wempi kulentsha ufushaniswe kulombuzo owaphakanyiswa usihlalo wenhlangano elwela amalungelo abantu: “Bangakhula kanjani babe abantu abanengqondo nabanokulinganisela?”
Intsha emazweni amaningi eye yathintwa yimpi ngokuqondile iye yafunda ukubala isikhathi ingamahora nangezinsuku esikhundleni sezinyanga nangeminyaka. Iyabuza: “Ikusasa, ubani onendaba ngekusasa? Ungagomela ukuthi ibhomu ngeke lingene ekamelweni namuhla kusihlwa lapho ngiyolala?”
Kuthiwani ngabantwana abahlala emazweni anokuthula? Ingabe bayayizwa imiphumela yomgibeli wehhashi lempi? Yebo, ukusongela okusabekayo kwempi yenuzi kuye kwaba nemiphumela engokwengqondo emikhulu ngabo. Ngokuqondene nokuphelelwa yithemba okwaboniswa abafundi bakhe, omunye uthisha waphawula: “Njalo uma ngizwa lezinkulumo ngangimane ngikhungathwe umuzwa wokungazikholelwa. Labantwana abasebasha bezwa izinga lokuphelelwa yithemba lelo mina engingalivumeli.” UDr. Richard Logan waseQuebec, eCanada, uyanezela: “Ukwehluleka ukuzisiza nokungabi namandla kuwuphawu lokucindezeleka ngokwengqondo. Yilokho esikubonayo entsheni eningi.”
Kodwa kuthiwani uma ungaphili ezweni elikhungethwe yimpi noma ungenawo umuzwa wokuthi lenkinga iyakuthinta ngokwemizwelo? Nalapha umgibeli wehhashi elibomvu uyakuthinta ukuphila kwakho. Umzuzu ngamunye amadollar ayizigidi eziyi-1.3 asetshenziselwa ezinjongweni eziqondile zempi—cishe amadollar ayizigidi eziyizinkulungwane eziyi-660 ngonyaka emhlabeni wonke. Ubani okhokhela konke lokhu? Uwena. Noma kuphi lapho uhlala khona, uyakuthinta umgibeli wehhashi elibomvu.
Ihhashi Elimnyama
Elinye ihhashi elikulombono lichazwe nguJohane ngalamazwi: “Ngase ngibona, bheka, nanto ihashi elimnyama nohlezi phezu kwalo ephethe isilinganiso ngesandla sakhe. Ngase ngizwa kungathi izwi phakathi kwezidalwa ezine lithi: Imbenge kakolweni ngodenariyu nezimbenge ezintathu zebhali ngodenariyu; kepha amafutha newayini ungakoni.”—IsAmbulo 6:5, 6.
Ingabe ulambile? Izigidi zilambile. Zithintwa ngokuqondile umgibeli wehhashi elimnyama, elimelela indlala. Umzuzu ngamunye izingane ezingama-30 ziyafa ngenxa yokuntuleka kokudla okwanele noma ezokwelashwa—izigidi ezingaphezu kweziyi-15 ngonyaka! Izigidi ezingamakhulu zabanye abantu ziphila ngaphansi kwezimo ezidabukisayo. Ngokusho kowayenguMongameli weBhange Lomhlaba uRobert McNamara, “bakhungethwe ukungakwazi ukufunda, ukungondleki kahle, izifo, ukufa okukhulu kwezinsana nokungakwazi ukuphila isikhathi eside okuze kubenze bangakwazi ukuveza amakhono abazalwa nawo.”
Ezinyangeni zamuva, kuye kwaba ngokuvamile ukubona izithombe zamadoda, abesifazane, nabantwana abaNsundu abalambayo. Enikeza umbono wobukhulu balokhu kuhlupheka, uNobhala-Jikelele weUN uJavier Perez de Cuellar waxwayisa: “Abantu abaningi bangase bafe ezindaweni eziseSahara eAfrika ukwedlula abafa phakathi neMpi Yezwe Yesibili isiyonke. Ngisho nalabo abasindayo bangase bakhubazeke phakade, kungaba ngokomzimba noma ngokwengqondo.” Lezisulu zithintwa ngokuqondile ukugitshelwa kwehhashi elimnyama.
Mhlawumbe awulambile, kodwa ngokuqinisekile uye wathintwa izithombe ezidabukisayo zabakhungethwe yindlala. Ngokohla lomhleli weNew York Times lukaMay 20, 1985, amadollar angaphezu kwezigidi eziyinkulungwane ngalesosikhathi aye anikelwa ukuze kusizwe ababulawa yindlala. Nakuba ungakaze unikele ngokuqondile, abanye ohulumeni baye benza iminikelo emikhulu, besebenzisa intela. Yebo, ukugitshelwa kwehhashi elimnyama kuzithinta ngokuqondile noma ngenye indlela zonke izakhamuzi zomhlaba.
Ihhashi Elimpofu
Umbono uJohane awubona uyaqhubeka ubonisa elinye ihhashi nomgibeli walo: “Ngase ngibona, bheka, nanto ihashi elimpofu nohlezi phezu kwalo, igama lakhe lingukuFa, neHayidese lalandelana naye; base benikwa amandla phezu kokwesine komhlaba ukuba babulale ngenkemba, nangendlala, nangokufa, nangezilwane zomhlaba.”—IsAmbulo 6:8.
Ukufa kugibele ihhashi elimpofu, futhi “izifo ezibulalayo” kungenye yezindlela ezihlukahlukene ukuphila okuqedwa ngazo phakathi nalokho kugibela komgibeli wehhashi. Naphezu kwentuthuko yanamuhla yezokwelapha, umhlaba uselokhu ubhekene nezifo kuzo zonke izinhlangothi. Nakuba kungenzeka ukuthi asibhekene manje nobhadane olulingana nalokho okubizwa ngokuthi umkhuhlane waseSpain ewalandela iMpi Yezwe I, kodwa inani elikhulu elibulawa yikhensa, izifo zenhliziyo, nezinye izifo eziningi liyashaqisa. Ngokwesibonelo, Inhlangano Yezwe Yezempilo ilinganisela ukuthi inani elisha labantu abaphethwe yikhensa abayizigidi eziyi-5,9 liyafa emhlabeni wonke unyaka ngamunye. Isifo sezilo, umalaleveva, umkhuhlane weminenke, isifo sohudo, nezinye izifo eziningi ziyanezela ezifweni ezikhona.
Nokho, ungase uthi ‘angiphethwe yinoma isiphi salezizifo.’ Lokho kungase kube yiqiniso, kodwa kuyakuthinta ukugitshelwa kwehhashi elimpofu. Izindleko zasezibhedlela nezokwelashwa ziphakeme kakhulu. Lokhu kwenza ukuba abantu bazifunele ukulondeka okuthile ngomshuwalense wezempilo. Amazwe amaningi anikeza imithi ekhokhelwe ngentela. Futhi cabanga ngezindleko ezinkulu ezibangelwa ukulahleka kwesikhathi sezisebenzi ezigulayo, lezo ngokomphumela okhokhiswa zona ngezinto ozithengayo ezinamanani aphakeme. Yebo, ukugitshelwa kwehhashi elimpofu kuyakuthinta.
Lokho Ihhashi Elimhlophe Elikulethayo
Ngemva kokucabangela imiphumela eyingozi njengoba abanye abagibeli bamahhashi begibela, kuyathokozisa ukuphawula lokho uJohane akusho ngehhashi elimhlophe nomgibeli walo, eliwahola phambili amanye. Umphostoli wathi: “Ngabona, bheka, nanto ihashi elimhlophe, nohlezi phezu kwalo ephethe umnsalo wanikwa umqhele, waphuma engonqobayo nokuyakunqoba.”—IsAmbulo 6:2.
UJesu Kristu ugibele ihhashi elimhlophe. (IsAmbulo 19:11) Ukubusa kwakhe kwasezulwini kwaqala ngo-1914 ngezenzakalo ezijabulisayo. Impi ezulwini yaphumela ekubeni uDeveli nezingelosi zakhe balahlelwe phansi emhlabeni. Ngemva kwalokho, izwi elivela ezulwini lathi: “Maye kuwe-mhlaba nakuwe-lulwandle, ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane!” Lokhu kwaphawula ukuqala kokugibela kwabagibeli bamahhashi.—IsAmbulo 12:7-12.
Kodwa kukuthinta kanjani ukugibela kukaJesu Kristu? Ngokuqondene nokubusa kwakhe, uJesu wabikezela: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.” (Mathewu 24:14) Namuhla, emazweni angaphezu kwama-200 naseziqhingini zolwandle, oFakazi BakaJehova bamemezela uMbuso kaKristu omisiwe. Ingabe sebeye bafika ekhaya lakho? Khona-ke uye wathintwa ukugibela kwalomgibeli wehhashi.
Ebikezela ngokuqhubekayo indlela abantu abayothinteka ngayo ngokubusa kwakhe, uJesu waprofetha: “Kepha nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo senkazimulo; kuzakubuthelwa phambi kwayo izizwe zonke, ibahlukanise abanye kwabanye, njengomalusi ahlukanisa izimvu nezimbuzi, imise izimvu ngakwesokunene sayo kepha izimbuzi ngakwesokhohlo.”—Mathewu 25:31-33.
Ngenxa yalomsebenzi wokwahlukanisa owenziwa phakathi nokugibela kukaJesu ihhashi elimhlophe, sonke isintu sihlukaniswa ‘njengezimvu’ noma ‘njengezimbuzi.’ Phawula umphumela. “Izimbuzi” ‘ziyakumuka, ziye ekujezisweni okuphakade, kodwa abalungileyo [“izimvu”] baye ekuphileni okuphakade.’ (Mathewu 25:46) Ngakho-ke, indlela osabela ngayo ekushunyayelweni kwesigijimi soMbuso iyokusho ukuphila noma ukufa ngawe.
Ngisho nakuba ngaphambili lingazange uyicabangele indlela abagibeli bamahhashi besAmbulo abakuthinta ngayo, sikukhuthaza ukuba usabele ezindabeni ezinhle zokuthi ukugibela kwabo kuzophela ngokushesha. Khona-ke, umhlaba uyojabulela izibusiso eziningi ngaphansi kokubusa kukaJesu, umgibeli wehhashi elimhlophe. IBhayibheli lachaza ngokwesiprofetho ezinye zazo ngalendlela: “Ezinsukwini zayo elungileyo uyakuqhakaza [umgibeli wehhashi elibomvu engasekho], kuvame ukuthula, ize ingabikho inyanga. [Njengoba umgibeli wehhashi elimnyama uyobe engasekho], kuyakuba-khona inala kakolweni ezweni esiqongweni sezintaba; ukudla kwalo kuyakuhashazela.”—IHubo 72:7, 16.
Ngesikhathi uJesu esemhlabeni, wabonisa amandla ayewaphiwe nguNkulunkulu phezu kwezinto ezifana nezifo ezenyanyekayo ngisho nokufa. Uyobonisa amandla anjalo ngokwezinga elikhulu kakhulu phakathi nokubusa kwakhe njengeNkosi futhi izokhulula umhlaba ezifweni, endlaleni nasezimpini. Kanjalo, umgibeli wehhashi elimhlophe uyoqeda ukugibela okubulalayo kwabanye abagibeli bamahhashi besAmbulo.
[Ibhokisi ekhasini 3]
ABAGIBELI BAMAHHASHI BACHAZIWE
INqabayokulinda kaJanuary 1 yabonisa indlela ukugibela kwabagibeli bamahhashi besAmbulo okwaqala ngayo ukugcwaliseka.
IHHASHI ELIMHLOPHE: UJesu Kristu ugibele lelihhashi njengeNkosi esanda kumiswa ezulwini. Ufanekiswa eya phambili njengomnqobi wokulunga kusukela ekumisweni kwakhe njengeNkosi ngo-1914.
IHHASHI ELIBOMVU: Umgibeli walelihhashi umelele impi. Ukuthula kuyasuswa emhlabeni, futhi ukugqashuka kwempi yezwe kuyaphawuleka.
IHHASHI ELIMNYAMA: Umgibeli walelihhashi umelela indlala nobumpofu. Nakuba izigidi zilamba, abanye basakwazi ukuthenga ukudla okuphambili.
IHHASHI ELIMPOFU: Ukufa kugibele ihhashi elimpofu. Ukufa ngaphambi kwesikhathi kusobala. Kungumphumela wezifo nezinye izici.