Isahluko 10
UMbuso KaNkulunkulu Uyabusa
1, 2. Ohulumeni babantu baye babonakala kanjani behluleka?
MHLAWUMBE wake wathenga umshini othile, kanti uzothola ukuthi awusebenzi. Ake sithi wabiza umkhandi. Nokho, ngokushesha ngemva kokuba “ewulungisile” wabuye waphuka. Yeka ukuthi kwakudumaza kanjani!
2 Kungokufanayo nangohulumeni babantu. Selokhu kwathí nhlo isintu besilangazelela uhulumeni oyoqiniseka ukuthi kunokuthula nenjabulo. Nokho, imizamo yokuzikhandla yokulungisa okonakele emphakathini ayizange iphumelele ngempela. Kuye kwenziwa izivumelwano zokuthula eziningi kakhulu—zase ziyephulwa. Ngaphezu kwalokho, yimuphi uhulumeni oye wakwazi ukuqeda ubumpofu, ubandlululo, ubugebengu, izifo, nokucekelwa phansi kwezinto eziphilayo nendawo yazo ezungezile? Ukubusa komuntu akusenakulungiseka. Ngisho neNkosi yakwa-Israyeli ehlakaniphile uSolomoni yabuza: “Umuntu angaqonda kanjani indlela yakhe na?”—IzAga 20:24.
3. (a) Sasiyini isihloko sokushumayela kukaJesu? (b) Abanye abantu bawuchaza kanjani uMbuso kaNkulunkulu?
3 Ungalilahli ithemba! Uhulumeni wezwe ozinzile awulona nje iphupho. Wawuyisihloko sokushumayela kukaJesu. Wawubiza ngokuthi “umbuso kaNkulunkulu,” futhi wafundisa abalandeli bakhe ukuba bawuthandazele. (Luka 11:2; 21:31) Yebo, ngezinye izikhathi kuyakhulunywa ngoMbuso kaNkulunkulu emaqenjini enkolo. Eqinisweni, izigidi ziwuthandazela nsuku zonke lapho ziphinda uMthandazo WeNkosi (obuye ubizwe ngokuthi uBaba Wethu noma umthandazo oyisibonelo). Kodwa abantu baphendula ngezindlela ezihlukahlukene lapho bebuzwa, “Uyini uMbuso kaNkulunkulu?” Abanye bathi, “Usenhliziyweni yakho.” Abanye bathi uyizulu. IBhayibheli linikeza impendulo ecacile, njengoba sizobona.
UMBUSO ONENJONGO
4, 5. Kungani uJehova akhetha ukuletha ukubonakaliswa okusha kobukhosi bakhe, futhi kuyofezani?
4 UJehova uNkulunkulu ubelokhu eyiNkosi, noma uMbusi wendawo yonke. Iphuzu lokuthi wadala konke limphakamisela kuleso sikhundla esiphezulu. (1 IziKronike 29:11; IHubo 103:19; IzEnzo 4:24) Kodwa uMbuso uJesu ashumayela ngawo ungaphansi kobukhosi bukaNkulunkulu bendawo yonke. UMbuso wobuMesiya unenjongo ekhethekile, kodwa uyini?
5 Njengoba kuchaziwe eSahlukweni 6, abantu ababili bokuqala bahlubuka egunyeni likaNkulunkulu. Ngenxa yezimpikiswano ezaphakanyiswa, uJehova wakhetha ukuletha ukubonakaliswa okusha kobukhosi bakhe. UNkulunkulu wamemezela injongo yakhe yokuveza “imbewu” eyayiyochoboza iNyoka, uSathane, futhi isuse imiphumela yesono sesintu esazuzwa njengefa. “Imbewu” eyinhloko inguJesu Kristu, futhi “umbuso kaNkulunkulu” uyithuluzi eliyomnqoba ngokuphelele uSathane. NgaloMbuso, uJesu Kristu uyobuyisela ukubuswa komhlaba egameni likaJehova futhi uyobulwela phakade ubukhosi obufanele bukaNkulunkulu.—Genesise 3:15, qhathanisa ne-NW; IHubo 2:2-9.
6, 7. (a) Ukuphi uMbuso, futhi ubani iNkosi nababusi abakanye nayo? (b) Zingobani izikhonzi zoMbuso?
6 Ngokokunye ukuhunyushwa kwamazwi kaJesu kubaFarisi ababi, wathi: “Umbuso kaNkulunkulu uphakathi kini.” (Luka 17:21, IBhayibheli LesiZulu Elivamile) Ingabe uJesu wayesho ukuthi uMbuso wawusezinhliziyweni ezikhohlakele zalawo madoda ayonakele? Cha. Inguqulo enembe kangcono yesiGreki sokuqala ifundeka kanje: “Umbuso kaNkulunkulu uphakathi kwenu.” (INguqulo Yezwe Elisha) UJesu, owayephakathi kwabo, ngaleyo ndlela wayebhekisela kuye siqu njengeNkosi yesikhathi esizayo. Kunokuba okuthile umuntu anakho enhliziyweni yakhe, uMbuso kaNkulunkulu uwuhulumeni ongokoqobo, osebenzayo, onombusi nezikhonzi. Uwuhulumeni wasezulwini, ngoba ubizwa ngokuthi ‘umbuso wamazulu’ nangokuthi ‘umbuso kaNkulunkulu.’ (Mathewu 13:11; Luka 8:10) Embonweni, umprofethi uDaniyeli wabona uMbusi wawo ‘enjengendodana yomuntu’ eyayilethwe phambi kukaNkulunkulu uMninimandla onke futhi yanikwa “ukubusa, nobukhosi, nombuso,” ohlala njalo, “ukuze bonke abantu, nezizwe, nezilimi bayikhonze.” (Daniyeli 7:13, 14) Ingubani leNkosi? Eqinisweni, iBhayibheli libiza uJesu Kristu ngokuthi ‘iNdodana yomuntu.’ (Mathewu 12:40; Luka 17:26) Yebo, uJehova wamisa iNdodana yakhe, uJesu Kristu, ukuba ibe iNkosi.
7 UJesu akabusi yedwa. Kunabangu-144 000 abakanye naye “abathengwe emhlabeni” ukuba babe amakhosi nabapristi kanye naye. (IsAmbulo 5:9, 10; 14:1, 3; Luka 22:28-30) Izikhonzi zoMbuso kaNkulunkulu ziyoba umkhaya wembulunga yonke wabantu abathobela ukuhola kukaKristu. (IHubo 72:7, 8) Nokho, singaqiniseka kanjani ukuthi loMbuso uyobulwela ngempela ubukhosi bukaNkulunkulu futhi ubuyisele izimo zepharadesi emhlabeni wethu?
UKUBA NGOKOQOBO KOMBUSO KANKULUNKULU
8, 9. (a) Singakufanekisa kanjani ukuba nokwethenjelwa kwezithembiso zoMbuso kaNkulunkulu? (b) Kungani singaqiniseka ukuthi uMbuso uyinto engokoqobo?
8 Ake sithi umlilo ushise umuzi wakho wangqongqa. Manje umngane onendlela yokwenza kanjalo uthembisa ukusiza ekwakheni kabusha indlu yakho futhi anikeze umkhaya wakho ukudla. Uma lowo mngane eye wakutshela iqiniso ngaso sonke isikhathi, ubungeke yini umkholwe? Ake sithi uyafika uvela emsebenzini ngosuku olulandelayo futhi uthola ukuthi izisebenzi seziqalile kakade ukukhuculula imfucumfucu ebangelwe umlilo nokuthi ukudla komkhaya wakho kulethiwe. Ngokungangabazeki ubuyoqiniseka ngokugcwele ukuthi ekugcineni, izinto ngeke nje zilungiswe kodwa futhi ziyoba ngcono kunakuqala.
9 Ngokufanayo, uJehova usinikeza isiqinisekiso sokuba ngokoqobo koMbuso. Njengoba kubonisiwe encwadini yeBhayibheli yamaHeberu, izici eziningi zoMthetho zazifanekisela ilungiselelo loMbuso. (Heberu 10:1) Imibono ngobunjalo boMbuso kaNkulunkulu yayibonakala nasembusweni wasemhlabeni wakwa-Israyeli. Kwakungewona uhulumeni ovamile lowo, ngoba ababusi babehlala “esihlalweni sobukhosi sikaJehova.” (1 IziKronike 29:23) Ngaphezu kwalokho, kwakubikezelwe: “Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nozime lokubusa phakathi kwezinyawo zakhe, aze afike yena olufanele lona [“uShilo,” NW]; nezizwe ziyakumlalela.” (Genesise 49:10)a Yebo, uJesu, iNkosi ehlala njalo kahulumeni kaNkulunkulu, wayezozalwa kuloluhlu lwamakhosi akwaJuda.—Luka 1:32, 33.
10. (a) Sabekwa nini isisekelo soMbuso kaNkulunkulu wobuMesiya? (b) Yimuphi umsebenzi obalulekile labo ababeyoba ababusi kanye noJesu ababeyohola kuwo emhlabeni?
10 Isisekelo soMbuso kaNkulunkulu wobuMesiya sabekwa ngokukhethwa kwabaphostoli bakaJesu. (Efesu 2:19, 20; IsAmbulo 21:14) Laba babengabokuqala kwabangu-144 000 abayobusa ezulwini njengamakhosi kanye noJesu Kristu. Ngenkathi besemhlabeni, laba ababezoba ababusi kanye naye babeyohola emkhankasweni wokufakaza, begcina umyalo kaJesu: “Hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele.”—Mathewu 28:19.
11. Wenziwa kanjani umsebenzi wokushumayela ngoMbuso namuhla, futhi ufezani?
11 Umyalo wokwenza abafundi manje ulalelwa ngezinga elingakaze libonwe. OFakazi BakaJehova bamemezela izindaba ezinhle zoMbuso embulungeni yonke, ngokuvumelana namazwi kaJesu angokwesiprofetho: “Lezizindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiweyo ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” (Mathewu 24:14) Kunesimiso esikhulu semfundo esiqhutshwayo esiyisici esisodwa somsebenzi wokushumayela ngoMbuso. Labo abathobela imithetho nezimiso zoMbuso kaNkulunkulu kakade sebenokuthula nobunye ohulumeni babantu abangenakukufinyelela. Konke lokhu kunikeza ubufakazi obusobala bokuthi uMbuso kaNkulunkulu uyinto engokoqobo!
12. (a) Kungani kufaneleka ukubiza abamemezeli boMbuso ngokuthi oFakazi BakaJehova? (b) Uhluke ngani uMbuso kaNkulunkulu kohulumeni babantu?
12 UJehova watshela ama-Israyeli: “Ningofakazi bami, . . . nenceku yami engiyikhethileyo.” (Isaya 43:10-12) UJesu, “uFakazi Okholekileyo,” wazimemezela ngentshiseko izindaba ezinhle zoMbuso. (IsAmbulo 1:5; Mathewu 4:17) Ngakho kuyafaneleka ukuba abamemezeli boMbuso bosuku lwanamuhla babe negama elikhethwe ngokwaphezulu elithi oFakazi BakaJehova. Kodwa kungani oFakazi besebenzisa isikhathi esingaka nomzamo bekhuluma nabanye ngoMbuso kaNkulunkulu? Lokhu bakwenza ngoba uMbuso uwukuphela kwethemba lesintu. Ohulumeni babantu bayawa ekugcineni, kodwa uMbuso kaNkulunkulu awusoze wawa. U-Isaya 9:6, 7 ubiza uMbusi wawo, uJesu, ngokuthi “iNkosi yokuthula” abese enezela: “Umbuso uyakuba-mkhulu, ukuthula kungabi-nakuphela.” UMbuso kaNkulunkulu awufani nohulumeni babantu—ababa khona namhlanje kusasa abasekho. Ngempela, uDaniyeli 2:44 uthi: “UNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, . . . wona uqobo ume phakade.”
13. (a) Yiziphi ezinye izinkinga uMbuso kaNkulunkulu oyozisingatha ngokuphumelelayo? (b) Kungani singaqiniseka ukuthi izithembiso zikaNkulunkulu ziyogcwaliseka?
13 Iyiphi inkosi engumuntu engaqeda impi, ubugebengu, ukugula, indlala, nokungabi namakhaya? Ngaphezu kwalokho, yimuphi umbusi wasemhlabeni ongavusa abaye bafa? Lezi zindaba ziyosingathwa uMbuso kaNkulunkulu neNkosi yawo. LoMbuso ngeke ube namaphutha, njengomshini ongasebenzi kahle olokhu udinga ukulungiswa. Kunalokho, uMbuso kaNkulunkulu uyophumelela, ngoba uJehova uyathembisa: “Izwi lami eliphuma emlonyeni wami: aliyikubuyela-ze kimi, lingakafezi lokhu engikufunayo, liphumelele kulokhu engilithumele kukho.” (Isaya 55:11) Injongo kaNkulunkulu ngeke ihluleke, kodwa ukubusa koMbuso kwakuyoqala nini?
UKUBUSA KOMBUSO—NINI?
14. Yikuphi ukungaqondi kahle abafundi bakaJesu ababenakho ngoMbuso, kodwa yini uJesu ayeyazi ngokubusa kwakhe?
14 “Nkosi, ingabe ubuyisela umbuso ku-Israyeli ngalesisikhathi?” Lombuzo owabuzwa abafundi bakaJesu wabonisa ukuthi babengakayazi injongo yoMbuso kaNkulunkulu nesikhathi esimisiwe sokuqala kokubusa kwawo. Ebaxwayisa ukuba bangalokhu beqagela ngalendaba, uJesu wathi: “Akukhona okwenu ukuthola ulwazi ngezikhathi noma izinkathi uBaba azibeke egunyeni lakhe siqu.” UJesu wayazi ukuthi ukubusa kwakhe phezu komhlaba kwakungokwesikhathi esizayo, esikhathini eside ngemva kokuvuswa nokunyukela kwakhe ezulwini. (IzEnzo 1:6-11; Luka 19:11, 12, 15) ImiBhalo yayikubikezele lokhu. Kanjani?
15. IHubo 110:1 lisikhanyisa kanjani isikhathi sokuqala kokubusa kukaJesu?
15 Ibhekisela kuJesu ngokwesiprofetho ngokuthi “Nkosi,” iNkosi uDavide yathi: “UJehova wathi eNkosini yami: Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe-yisenabelo sezinyawo zakho.” (IHubo 110:1; qhathanisa nezEnzo 2:34-36.) Lesi siprofetho sibonisa ukuthi ukubusa kukaJesu kwakungeke kuqale ngokushesha ngemva kokwenyukela kwakhe ezulwini. Kunalokho, wayeyolinda ngakwesokunene sikaNkulunkulu. (Heberu 10:12, 13) Lokhu kulinda kwakuyoqhubeka isikhathi eside kangakanani? Ukubusa kwakhe kwakuyoqala nini? IBhayibheli liyasisiza ukuba sithole izimpendulo.
16. Yini eyenzeka ngo-607 B.C.E., futhi lokhu kwakuhlangene ngani noMbuso kaNkulunkulu?
16 IJerusalema laliwukuphela komuzi emhlabeni wonke uJehova ayebeke kuwo igama lakhe. (1 AmaKhosi 11:36) Futhi laliyinhloko-dolobha yombuso wasemhlabeni owawamukelwa uNkulunkulu owawufanekisela uMbuso wasezulwini kaNkulunkulu. Ngakho-ke, ukubhujiswa kweJerusalema abaseBabiloni ngo-607 B.C.E. kwakusho okukhulu ngempela. Lesi senzakalo saqalisa ukuphazamiseka kwesikhathi eside kokubusa kukaNkulunkulu okuqondile phezu kwabantu bakhe emhlabeni. Emakhulwini eminyaka angaba isithupha kamuva, uJesu wabonisa ukuthi yayisaqhubeka lenkathi yokubusa okuphazamisekile, ngoba wathi: “IJerusalema liyonyathelwa phansi izizwe, kuze kugcwaliseke izikhathi ezimisiwe zezizwe.”—Luka 21:24.
17. (a) Ziyini “izikhathi ezimisiwe zezizwe,” futhi zaziyothatha isikhathi eside kangakanani? (b) Zaqala futhi zaphela nini “izikhathi ezimisiwe zezizwe”?
17 Phakathi ‘nezikhathi ezimisiwe zezizwe’ ohulumeni bezwe babeyovunyelwa ukuba baphazamise ukubusa okwakwemukelwa uNkulunkulu. Leyo nkathi yaqala lapho kubhujiswa iJerusalema ngo-607 B.C.E., futhi uDaniyeli wabonisa ukuthi yayiyoqhubeka “izikhathi eziyisikhombisa.” (Daniyeli 4:23-25) Side kangakanani leso sikhathi? IBhayibheli libonisa ukuthi “izikhathi” ezintathu nengxenye ziyizinsuku ezingu-1 260. (IsAmbulo 12:6, 14) Ukuphindwa kabili kwaleyo nkathi, noma izikhathi eziyisikhombisa, bekuyoba izinsuku ezingu-2 520. Kodwa akwenzekanga lutho oluphawulekayo ekupheleni kwaleyo nkathi emfushane yesikhathi. Nokho, ngokusebenzisa isimiso sokuthi ‘usuku luwunyaka’ esiprofethweni sikaDaniyeli futhi sibala iminyaka engu-2 520 ukusuka ku-607 B.C.E., sifika onyakeni ka-1914 C.E.—Numeri 14:34; Hezekeli 4:6.
18. Yini uJesu ayenza ngemva nje kokwamukela amandla oMbuso, futhi lokhu kwawuthinta kanjani umhlaba?
18 Ingabe uJesu waqala ukubusa ezulwini ngaleso sikhathi? Izizathu ezingokomBhalo zokuthi kunjalo kuzoxoxwa ngazo esahlukweni esilandelayo. Yiqiniso, ukuqala kokubusa kukaJesu kwakungeke kuboniswe ukuba khona kokuthula ngokushesha emhlabeni. IsAmbulo 12:7-12 sibonisa ukuthi ngemva nje kokwamukela uMbuso, uJesu wayeyoxosha uSathane nezingelosi ezingamademoni ezulwini. Lokhu kwakuyosho usizi emhlabeni, kodwa kuyaduduza ukufunda ukuthi uDeveli usalelwe ‘inkathi yesikhathi emfushane.’ Maduze nje, sizokwazi ukuthokoza hhayi nje ngenxa yokuthi uMbuso kaNkulunkulu uyabusa kodwa nangenxa yokuthi uyoletha izibusiso emhlabeni nasesintwini esilalelayo. (IHubo 72:7, 8) Sazi kanjani ukuthi lokhu kuzokwenzeka maduze nje?
[Imibhalo waphansi]
a Igama elithi Shilo lisho ukuthi “Lowo Okungokwakhe; Lowo Ongumnikazi Wakho.” Ngokuhamba kwesikhathi, kwakhanya ukuthi “uShilo” kwakunguJesu Kristu, “iNgonyama engeyesizwana sakwaJuda.” (IsAmbulo 5:5) Amanye amaTargum esiJuda amane afaka ukuthi “uMesiya” noma “inkosi uMesiya” esikhundleni segama elithi “uShilo.”
HLOLA ULWAZI LWAKHO
Uyini uMbuso kaNkulunkulu, futhi ubusa ukuphi?
Obani ababusayo eMbusweni, futhi obani izikhonzi zawo?
UJehova uye wasiqinisekisa kanjani ukuthi uMbuso wakhe uyinto engokoqobo?
Zaqala futhi zaphela nini “izikhathi ezimisiwe zezizwe”?
[Ibhokisi ekhasini 94]
EZINYE IZENZAKALO EZIBALULEKILE EZIHLOBENE NOMBUSO KANKULUNKULU
• UJehova umemezela injongo yakhe yokuveza “imbewu” eyayiyochoboza ikhanda leNyoka, uSathane uDeveli.—Genesise 3:15, qhathanisa ne-NW.
• Ngo-1943 B.C.E., uJehova ubonisa ukuthi ‘lembewu’ yayiyoba umzukulu ka-Abrahama ongumuntu.—Genesise 12:1-3, 7; 22:18.
• Isivumelwano soMthetho ku-Israyeli ngo-1513 B.C.E. sinikeza ‘isithunzi sezinto ezinhle ezizayo.’—Eksodusi 24:6-8; Heberu 10:1.
• Umbuso wasemhlabeni ka-Israyeli waqala ngo-1117 B.C.E., futhi kamuva waqhubeka ngohlu lukaDavide.—1 Samuweli 11:15; 2 Samuweli 7:8, 16.
• IJerusalema liyabhujiswa ngo-607 B.C.E., futhi kuqala “izikhathi ezimisiwe zezizwe.”—2 AmaKhosi 25:8-10, 25, 26; Luka 21:24.
• Ngo-29 C.E., uJesu ugcotshwa njengeNkosi Emisiwe futhi uqhubeka nenkonzo yakhe yasemhlabeni.—Mathewu 3:16, 17; 4:17; 21:9-11.
• Ngo-33 C.E., uJesu unyukela ezulwini, lapho eyolinda khona ngakwesokunene sikaNkulunkulu kuze kuqale ukubusa kwakhe.—IzEnzo 5:30, 31; Heberu 10:12, 13.
• UJesu ubekwa esihlalweni sobukhosi eMbusweni wasezulwini ngo-1914 C.E. njengoba kuphela “izikhathi ezimisiwe zezizwe.”—IsAmbulo 11:15.
• USathane namademoni akhe baphonselwa endaweni yasemhlabeni futhi babangela usizi olwengeziwe esintwini.—IsAmbulo 12:9-12.
• UJesu uqondisa ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu emhlabeni wonke.—Mathewu 24:14; 28:19, 20.