Isahluko 9
Yini Eyenzekayo Kwabathandekayo Bethu Abafileyo?
1. Abantu bazizwa kanjani lapho kufa othandekayo?
“UMUNTU uzwa ubuhlungu lapho kufa othandekayo ngoba ukufa kuwukunyamalalela endaweni engaqondakali.” Yilokho indodana ethile eyakusho lapho kufa uyise futhi ngokushesha ngemva kwalokho unina. Ubuhlungu eyabuzwa kanye nomuzwa ojulile wokulahlekelwa kwayenza yazizwa “icwila ngokomzwelo.” Mhlawumbe nawe uye wezwa ubuhlungu ngendlela efanayo. Kungenzeka uye wazibuza ukuthi bakuphi abathandekayo bakho nokuthi uyoke uphinde ubabone yini.
2. Yimiphi imibuzo edidayo ephakamayo ngokufa?
2 Abanye abazali abalusizi baye batshelwa, “UNkulunkulu ukha izimbali ezinhle kakhulu ukuze aziyise kuye ezulwini.” Ingabe kunjalo ngempela? Ingabe abathandekayo bethu abafileyo baye endaweni yomoya? Ingabe iyilokho abanye abakubiza ngokuthi iNirvana, echazwa ngokuthi isimo sentokozo sokukhululeka kubo bonke ubuhlungu nokufisa? Ingabe labo esibathandayo bangene ngomnyango oya ekuphileni kokungafi epharadesi? Noma njengoba abanye besho, ingabe ukufa kuwukwehlela ekuhlushweni okungasoze kwaphela kwalabo abaye bona kuNkulunkulu? Ingabe abafileyo bangakuthonya ukuphila kwethu? Ukuze sithole izimpendulo eziyiqiniso zemibuzo enjalo, kudingeka siye eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli.
UYINI “UMOYA” OKUBANTU?
3. Yimuphi umbono uSocrates noPlato ababenawo ngabafileyo, futhi lokhu kubathinta kanjani abantu namuhla?
3 Izazi zefilosofi zasendulo ezingamaGreki uSocrates noPlato zazikholelwa ukuthi kumelwe ukuba kunokuthile okungafi ngokwemvelo okungaphakathi kowesilisa nowesifazane—umphefumulo osindayo ongalokothi ufe ngempela. Emhlabeni wonke, izigidi ziyakukholelwa lokhu namuhla. Ngokuvamile lenkolelo ibangela ukwesatshwa kwabafileyo ngendlela efanayo nebangela ngayo ukukhathazeka ngenhlalakahle yabo. IBhayibheli lisifundisa okuthile okuhluke kakhulu ngabafileyo.
4. (a) UGenesise usitshelani ngomphefumulo? (b) UNkulunkulu wafakani ku-Adamu ukuze amenze aphile?
4 Lapho sicabangela isimo sabafileyo, kumelwe sikhumbule ukuthi ubaba wethu wokuqala, u-Adamu, wayengenawo umphefumulo. Wayeyiwo umphefumulo. Ngesenzo sokudala esimangalisayo, uNkulunkulu wenza umuntu—umphefumulo—ngezakhi eziyisisekelo zomhlaba wayesephefumulela kuye “umoya wokuphila.” UGenesise 2:7 uyasitshela: “UJehova uNkulunkulu wambumba umuntu ngomhlabathi, waphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; umuntu waba-kanjalo umphefumulo ophilayo.” Ukuphila kuka-Adamu kwakusekelwa ukuphefumula. Nokho, kwakuhileleke okungaphezu nje kokufuthela umoya emaphashini omuntu lapho uNkulunkulu efaka umoya wokuphila ku-Adamu. IBhayibheli likhuluma ‘ngamandla okuphila’ asebenza ezidalweni eziphilayo zasemhlabeni.—Genesise 7:22, NW.
5, 6. (a) Ayini “amandla okuphila”? (b) Kwenzekani lapho “umoya” okukhulunywa ngawo kumaHubo 146:4 uyeka ukuphilisa umzimba?
5 Ayini “amandla okuphila”? Ayinhlansi yokuphila ebalulekile uNkulunkulu ayifaka emzimbeni ka-Adamu owawungaphili. Lamandla abe esesekelwa yinqubo yokuphefumula. Kodwa uyini “umoya” okukhulunywa ngawo kumaHubo 146:4? Lelo vesi lithi ngomuntu ofayo: “Umoya wakhe uyaphuma, yena abuyele emhlabathini wakhe; ngalona lolosuku amacebo akhe ayaphela.” Lapho abalobi beBhayibheli besebenzisa igama elithi “umoya” ngalendlela, babengacabangi ngomphefumulo oshiye umzimba oqhubeka uphila ngemva kokuba umzimba ufile.
6 “Umoya” ophuma kubantu lapho befa ungamandla okuphila avela kuMdali wethu. (IHubo 36:9; IzEnzo 17:28) Lamandla okuphila awabi nanoma yisiphi sezici zesidalwa asenza siphile, njengoba nje nogesi ungathathi izici zento oyenza isebenze. Lapho umuntu efa, umoya (amandla okuphila) uyeka ukuphilisa amangqamuzana omzimba, njengoba nje nesibani sicisha lapho kucishwa ugesi. Lapho amandla okuphila eyeka ukusekela umzimba womuntu, umuntu—umphefumulo—uyafa.—IHubo 104:29; UmShumayeli 12:1, 7.
“UZOBUYELA OTHULINI”
7. Kwakuyokwenzekani ku-Adamu uma engamlaleli uNkulunkulu?
7 UJehova wachaza ngokucacile ukuthi ukufa kwakuyosho ukuthini ngesoni esingu-Adamu. UNkulunkulu wathi: “Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa sakho, uze ubuyele emhlabathini, lokhu wathathwa kuwo; ngokuba ungumhlabathi, [uyobuyela othulini, NW].” (Genesise 3:19) U-Adamu wayeyobuyelaphi? Emhlabathini, othulini ayedalwe ngalo. Kalula nje lapho efa u-Adamu wayeyoyeka ukuba khona!
8. Njengemiphefumulo, iyiphi indlela abantu abangazidluli ngayo izilwane?
8 Kulokhu, ukufa komuntu akuhlukile kokwezilwane. Nazo ziyimiphefumulo, futhi wona lowomoya, noma amandla okuphila, yiwona ozinika amandla. (IHubo 74:19; Genesise 1:24) KumShumayeli 3:19, 20, indoda ehlakaniphile uSolomoni iyasitshela: “Njengalokhu kufa lokho, kuyafa nalokhu; kunomphefumulo munye, [ekufeni] umuntu akazidluli ngalutho izilwane . . . konke kuvela othulini, konke kubuyela othulini.” Umuntu wayephakeme kunezilwane ngoba wayedalwe ngomfanekiso kaNkulunkulu, ebonakalisa izimfanelo zikaJehova. (Genesise 1:26, 27) Nokho, lapho befa abantu nezilwane babuyela othulini ngendlela efanayo.
9. Siyini isimo sabafileyo, futhi bayaphi?
9 USolomoni wabuye wachaza ukuthi ukufa kusho ukuthini, ethi: “Abaphilayo bayazi ukuthi bayakufa, kepha abafileyo abazi-lutho.” Yebo, abafileyo abazi lutho ngokuphelele. Ngenxa yalokhu, uSolomoni wanxusa: “Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho, ngokuba akukho-msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.” (UmShumayeli 9:5, 10) Abafileyo bayaphi? ESheoli (ngesiHeberu, sheʼohlʹ), ithuna elivamile lesintu. Abafileyo esibathandayo abezwa lutho. Abahlupheki, futhi abanakusithonya nganoma iyiphi indlela.
10. Kungani singase sithi ukufa akusho isiphetho?
10 Ingabe thina sonke kanye nesibathandayo kumelwe siphile iminyaka embalwa nje bese singabe sisaba khona kuze kube phakade? Akunjalo ngokweBhayibheli. Ngesikhathi sokuhlubuka kuka-Adamu, ngokushesha uJehova uNkulunkulu wenza amalungiselelo okulungisa imiphumela emibi yesono somuntu. Ukufa kwakungeyona ingxenye yenjongo kaNkulunkulu ngesintu. (Hezekeli 33:11; 2 Petru 3:9) Ngakho, akudingekile ukuba ukufa kusho ukuthi sekuphelile ngathi noma ngabathandekayo bethu.
“UYE KOPHUMULA”
11. UJesu wasichaza kanjani isimo somngane wakhe owayefile uLazaru?
11 Injongo kaJehova iwukophula thina nabathandekayo bethu abafileyo ekufeni okwabangelwa u-Adamu. Ngakho-ke, iZwi likaNkulunkulu lithi abafileyo balele. Ngokwesibonelo, lapho ezwa ukuthi umngane wakhe uLazaru ufile, uJesu Kristu watshela abafundi baKhe: “ULazaru umngane wethu uye kophumula, kodwa ngiya lapho ukuze ngimvuse ebuthongweni.” Ngenxa yokuthi abafundi abazange bakuthole ngokushesha okushiwo yilenkulumo, uJesu wacacisa: “ULazaru ufile.” (Johane 11:11, 14) UJesu wabe eseya emzini waseBethaniya, lapho odadewabo bakaLazaru uMarta noMariya babelilela khona ukufa komfowabo. Lapho uJesu ethi kuMarta, “Umfowenu uzovuka,” wezwakalisa ukholo lwakhe enjongweni kaNkulunkulu yokulungisa imiphumela yokufa emkhayeni wesintu. Wathi: “Ngiyazi ukuthi uyovuka ovukweni ngosuku lokugcina.”—Johane 11:23, 24.
12. Yiliphi ithemba uMarta owayeshonelwe ayenalo ngabafileyo?
12 UMarta akakhulumanga ngomqondo womphefumulo ongafi ophila endaweni ethile ngemva kokufa. Wayengakholelwa ukuthi uLazaru wayeseye endaweni yomoya ukuze aqhubeke ephila. UMarta wayenokholo ethembeni elihle kakhulu lokuvuswa kwabafileyo. Wayeqonda ukuthi, akukhona ukuthi kwakuphume umphefumulo ongafi emzimbeni kaLazaru, kodwa ukuthi umfowabo owayefile wayengasekho. Ikhambi laliyoba ukuvuswa komfowabo.
13. Yimaphi amandla avela kuNkulunkulu uJesu anawo, futhi wawabonisa kanjani lamandla?
13 UJesu Kristu uyena uJehova uNkulunkulu amnikeze amandla okuhlenga isintu. (Hoseya 13:14) Ngakho, ephendula inkulumo kaMarta, uJesu wathi: “Mina ngingukuvuka nokuphila. Lowo obonisa ukholo kimi, ngisho noma efa, uyophila.” (Johane 11:25) UJesu wabonisa amandla akhe ayewanikezwe uNkulunkulu ngokuqondene nalokhu lapho eya ethuneni likaLazaru, owayesenezinsuku ezine efile, futhi embuyisela ekuphileni. (Johane 11:38-44) Ake ucabange nje ngenjabulo yalabo ababona lolu vuko kanye nolunye uJesu Kristu alwenza!—Marku 5:35-42; Luka 7:12-16.
14. Kungani umqondo wovuko nowomphefumulo ongafi ingahlangani?
14 Ake uthi ukucabangisisa ngalokhu: Akekho obekuyodingeka avuswe, noma abuyiselwe ekuphileni, ukuba umphefumulo ongafi ubusinda ekufeni. Eqinisweni, bekungeke kube ukubonisa umusa ukuvusela umuntu onjengoLazaru ekuphileni okungaphelele emhlabeni uma esedlulele emvuzweni omuhle wasezulwini. Eqinisweni, iBhayibheli aliwasebenzisi nakuwasebenzisa amazwi athi “umphefumulo ongafi.” Kunalokho, imiBhalo ithi umphefumulo ongumuntu owonayo uyafa. (Hezekeli 18:4, 20) Ngakho iBhayibheli liveza ukuthi ilungiselelo lovuko liyikhambi langempela lokufa.
“BONKE ABASEMATHUNENI AYISIKHUMBUZO”
15. (a) Lisho ukuthini igama elithi “uvuko”? (b) Kungani ukuvuswa kwabantu ngabanye kungeke kube inkinga kuJehova uNkulunkulu?
15 Igama abafundi bakaJesu abalisebenzisa kwelithi “uvuko” ngokwezwi nezwi lisho “ukuvusa” noma “ukusukuma.” Lokhu ukuvusa esimweni esingenakuphila sokufa—ngomqondo ongokomfanekiso, ukusukuma ethuneni elivamile lesintu. UJehova uNkulunkulu angamvusa kalula umuntu. Ngani? Ngoba uJehova unguMsunguli wokuphila. Namuhla, abantu bangaqopha amazwi nemifanekiso yabesilisa nabesifazane ekhasethini le-video futhi bangabuye badlale lokho abakuqophile ngemva kokuba labo bantu sebefile. Khona-ke, ngokuqinisekile uMdali wethu onamandla onke angaqopha imininingwane yanoma yimuphi umuntu futhi avuse yena lowomuntu, amnikeze umzimba owakhiwe kabusha.
16. (a) Yisiphi isithembiso uJesu asenza ngabo bonke abasemathuneni ayisikhumbuzo? (b) Yini eyonquma ukuthi uvuko lomuntu luba olwani?
16 UJesu Kristu wathi: “Ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni ayisikhumbuzo beyozwa khona izwi [likaJesu] futhi baphume, labo ababenze izinto ezinhle baphumele ovukweni lokuphila, labo ababezenze umkhuba izinto ezimbi ovukweni lokwahlulelwa.” (Johane 5:28, 29) Bonke abasenkumbulweni kaJehova bayovuswa futhi bafundiswe ngezindlela zakhe. Kulabo abenza ngokuvumelana nolwazi ngoNkulunkulu, lolu kuyoba uvuko lokuphila. Nokho, luyoba uvuko lokwahlulelelwa ukulahlwa kulabo abenqaba izimfundiso zikaNkulunkulu nobubusi bakhe.
17. Obani abayovuswa?
17 Njengoba kulindelekile, labo abaye baphishekela inkambo yokulunga njengezinceku zikaJehova bayovuswa. Eqinisweni, ithemba lovuko laqinisa abaningi ukuba babhekane nokufa, ngisho nalapho beshushiswa ngobudlova. Babazi ukuthi uNkulunkulu angababuyisela ekuphileni. (Mathewu 10:28) Kodwa izigidi zabantu ziye zafa zingazange zibonise ukuthi zingenza yini ngokuvumelana nezindinganiso zikaNkulunkulu zokulunga noma cha. Nazo ziyovuswa. Eqiniseka ngenjongo kaJehova ngalokhu, umphostoli uPawulu wathi: “Nginethemba kuNkulunkulu . . . lokuthi luyoba khona uvuko kokubili olwabalungileyo nabangalungile.”—IzEnzo 24:15.
18. (a) Umphostoli uJohane wathola muphi umbono ngovuko? (b) Yini ebhujiswa ‘echibini lomlilo,’ futhi ‘lelichibi’ lifanekiselani?
18 Umphostoli uJohane wathola umbono ovusa amadlingozi wabavusiwe bemi phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu. UJohane wabe esebhala: “Ulwandle lwakhipha abafileyo ababekulo, nokufa neHayidese kwakhipha abafileyo ababekukho, futhi bahlulelwa umuntu ngamunye ngokwezenzo zabo. Futhi ukufa neHayidese kwajikijelwa echibini lomlilo. Lokhu kusho ukufa kwesibili, ichibi lomlilo.” (IsAmbulo 20:12-14) Ake ucabange ngalokho! Bonke abafileyo abasenkumbulweni kaNkulunkulu banethemba lokukhululwa eHayidese (ngesiGreki, haiʹdes), noma eSheoli, ithuna elivamile lesintu. (IHubo 16:10; IzEnzo 2:31) Bayoba nethuba lokubonisa ngezenzo zabo ukuthi bayomkhonza yini uNkulunkulu noma cha. Khona-ke “ukufa neHayidese” kuyojikijelwa kulokho okubizwa ngokuthi “ichibi lomlilo,” okufanekisela ukubhujiswa okuphelele, njengoba kufanekiselwa nayigama elithi “Gehena.” (Luka 12:5) Ithuna elivamile lesintu liyobe ligeqiwe futhi ngeke lisaba khona lapho abantu sebevuswe bonke. Yeka ukuthi kududuza kanjani ukufunda eBhayibhelini ukuthi uNkulunkulu akahluphi muntu!—Jeremiya 7:30, 31.
UKUVUSELWA KUPHI?
19. Kungani abanye esintwini beyovuselwa ezulwini, futhi luhlobo luni lomzimba uNkulunkulu ayobanikeza lona?
19 Inani elincane labesilisa nabesifazane liyovuselwa ekuphileni ezulwini. Njengamakhosi nabapristi kanye noJesu, bayohlanganyela ekususeni imiphumela yokufa isintu esakuzuza njengefa kumuntu wokuqala, u-Adamu. (Roma 5:12; IsAmbulo 5:9, 10) Bangaki uNkulunkulu ayobayisa ezulwini ukuba babuse kanye noKristu? NgokweBhayibheli, bangu-144 000 kuphela. (IsAmbulo 7:4; 14:1) UJehova uyonikeza ngamunye walaba abavusiwe umzimba womoya ukuze bakwazi ukuphila ezulwini.—1 Korinte 15:35, 38, 42-45; 1 Petru 3:18.
20. Kuyokwenzekani esintwini esilalelayo, kuhlanganise nabavusiwe?
20 Abaningi kakhulu balabo abafile bayovuselwa emhlabeni oyipharadesi. (IHubo 37:11, 29; Mathewu 6:10) Esinye sezizathu zokuvusela abanye ezulwini siwukufeza injongo kaNkulunkulu ngomhlaba. UJesu Kristu nabangu-144 000 ezulwini bayoqhubeka bebuyisela isintu esilalelayo ekupheleleni abazali bethu bokuqala abakulahla. Lokhu kuyohlanganisa nabavusiwe, njengoba uJesu abonisa lapho etshela indoda eyayifa eyayibethelwe eceleni kwakhe: “Uyoba nami ePharadesi.”—Luka 23:42, 43.
21. Ngokomprofethi u-Isaya nomphostoli uJohane, kuyokwenzekani ngokufa?
21 Emhlabeni oyiPharadesi, ukufa, lokho namuhla okubangela ubuze obunjalo, kuyosuswa. (Roma 8:19-21) Umprofethi u-Isaya wathi uJehova uNkulunkulu “uyakugwinya ukufa kuze kube-phakade.” (Isaya 25:8) Umphostoli uJohane wanikezwa umbono wesikhathi lapho isintu esilalelayo siyobe sikhululekile ebuhlungwini nasekufeni. Yebo, “uNkulunkulu ngokwakhe uyoba naso. Futhi uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”—IsAmbulo 21:1-4.
22. Ukwazi ngovuko kukuthinta kanjani?
22 Izimfundiso zeBhayibheli ezicacile ziqeda ukudideka ngalokho okwenzekayo kwabafileyo. ImiBhalo isho ngokucacile ukuthi ukufa ‘kuyisitha sokugcina’ esiyobhujiswa. (1 Korinte 15:26) Yeka amandla nenduduzo esingakuthola ngokwazi ngethemba lovuko! Futhi yeka indlela esingajabula ngayo ngokuthi abathandekayo bethu abafileyo abasenkumbulweni kaNkulunkulu bayovuka ebuthongweni bokufa ukuze bajabulele zonke izinto ezinhle azigcinele abamthandayo! (IHubo 145:16) Izibusiso ezinjalo ziyoza ngoMbuso kaNkulunkulu. Kodwa ukubusa kwawo kwakuyoqala nini? Ake sibone.
HLOLA ULWAZI LWAKHO
Uyini umoya okubantu?
Ungasichaza kanjani isimo sabafileyo?
Obani abayovuswa?
[Isithombe ekhasini 85]
Njengoba nje uJesu abiza uLazaru ukuba aphume ethuneni, ziyovuswa kanjalo izigidi zabantu
[Isithombe ekhasini 86]
Injabulo iyokwanda lapho ‘uNkulunkulu egwinya ukufa kuze kube phakade’