INgoma 61
Uhlobo Lomuntu Okufanele Ngibe Yilo
Printed Edition
1. Ngingakubuyisela ngani Nkosi
Ngibonge Jehova ngokuphila kwami?
Ng’hlola inhliziyo yami ngeZwi lakho;
Ngisize ukuba ngizihlolisise.
Ngiyokukhonza ngokuphila kwami,
Ngeke ngikwenze ngokugcina icala.
Ngizokukhonza ngenhliziyo yonke;
Nami ngikujabulise Nkosi.
2. Baba ngisize ukuba ngibone
Uhlobo lomunt’ ofuna ngibe yilo.
Abaqotho wobavuza ngobuqotho;
Mangikuthokozise nabantu bakho.
(Bheka neHu. 18:25; 116:12; 119:37; IzAga 11:20.)