Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lr isahl. 21 kk. 112-116
  • Ikhona Yini Into Okufanele Sizigabise Ngayo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ikhona Yini Into Okufanele Sizigabise Ngayo?
  • Funda KuMfundisi Omkhulu
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isidingo Sokuthandaza Nesokuthobeka
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Isidingo Sokuthandaza Nesokuthobeka
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Isidingo Somthandazo Nokuthobeka
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Ukuphatha Abanye Ngendlela Yokwesaba UNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
Bheka Okunye
Funda KuMfundisi Omkhulu
lr isahl. 21 kk. 112-116

ISAHLUKO 21

Ikhona Yini Into Okufanele Sizigabise Ngayo?

KUSHO ukuthini ukuzigabisa? Uyazi?— Nasi isibonelo. Wake wazama ukwenza into ongayazi kahle? Mhlawumbe wawuzama ukukhahlela ibhola. Noma ukudlala ingqathu. Ukhona yini umuntu owathi, “Ha! Ha! Ha! ngingakudlula mina”?— Lowo muntu wayezigabisa.

Wena uzizwa kanjani uma abanye benza lokho? Uyakuthanda?— Ucabanga ukuthi abanye bazizwa kanjani-ke uma wena uzigabisa?— Ingabe kuyinto enhle ukutshela omunye ukuthi, “Ngingcono mina kunawe”?— UJehova uyabathanda yini abantu abakhuluma kanjalo?—

UMfundisi Omkhulu wayazi abantu ababecabanga ukuthi bangcono kunabanye. Babezigabisa noma beziqhayisa, bebabukela phansi bonke abanye abantu. Ngakho ngelinye ilanga uJesu wabaxoxela indaba ebonisa ukuthi kubi kanjani ukuzigabisa. Ake siyizwe.

Le ndaba ikhuluma ngomFarisi nomthelisi. AbaFarisi kwakungabafundisi benkolo, ababevame ukwenza sengathi balunge kakhulu noma bangcwele kakhulu kunabanye abantu. UmFarisi uJesu akhuluma ngaye kule ndaba waya ethempelini likaNkulunkulu eJerusalema eyothandaza.

Umthandazo womFarisi nowomthelisi

Kungani kungumthelisi owajabulisa uNkulunkulu hhayi umFarisi?

UJesu wathi umthelisi naye waya ethempelini eyothandaza. Abantu abaningi babengabathandi abathelisi. Babecabanga ukuthi abathelisi badla izimali zabo. Futhi vele nje abathelisi abaningi babengathembeki ngazo zonke izikhathi.

Esesethempelini, umFarisi wathandaza kuNkulunkulu wathi: ‘O Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuthi angisona isoni njengabanye abantu. Angizidli izimali zabantu futhi angizenzi ezinye izinto ezimbi. Angifani naloya mthelisi. Mina ngilungile. Ngizila ukudla kabili ngesonto ukuze ngibe nesikhathi esiningi sokucabanga ngawe. Ethempelini nginikela okweshumi kwazo zonke izinto engizitholayo.’ Uyabona yini ukuthi umFarisi wayecabanga ukuthi ungcono ngempela kunabanye?— Waze watshela noNkulunkulu.

Kodwa umthelisi wayengacabangi kanjalo. Akazange aphakamise ngisho namehlo abheke ezulwini ngesikhathi ethandaza. Wamela kude egobise ikhanda. Lo mthelisi wayezisola kakhulu ngezono zakhe futhi wazishaya isifuba edabukile. Akazange azame ukutshela uNkulunkulu ukuthi ulunge kangakanani. Kunalokho wathandaza wathi: ‘O Nkulunkulu, yiba nomusa kimina soni.’

Kula madoda amabili ucabanga ukuthi iyiphi eyajabulisa uNkulunkulu? Ingabe umFarisi, lo owayecabanga ukuthi ulunge kakhulu? Noma umthelisi, lo owazisola ngezono zakhe?—

UJesu wathi umthelisi uyena owajabulisa uNkulunkulu. Ngani? UJesu wachaza: ‘Ngoba bonke abantu abazama ukuzenza babonakale bengcono kunabanye bayokwehliswa. Kodwa ozibona ephansi uyophakanyiswa.’—Luka 18:9-14.

Yisiphi isifundo uJesu ayesifundisa kule ndaba?— Isifundo sokuthi kubi ukucabanga ukuthi singcono kunabanye. Singase singasho ngomlomo ukuthi sicabanga ukuthi singcono kunabo, kodwa ngendlela esenza ngayo, singabonisa ukuthi sicabanga ukuthi singcono. Wake wenza ngaleyo ndlela wena?— Cabanga ngomphostoli uPetru.

Lapho uJesu etshela abaphostoli bakhe ukuthi bazomshiya bonke ngesikhathi eboshwa, uPetru wazigabisa: ‘Ngisho noma bangakushiya bonke abanye, mina ngeke!’ Kodwa uPetru wayenephutha. Wayezethemba kakhulu. Wamshiya uJesu. Kodwa wabuye wabuya njengoba sizozwa eSahlukweni 30 sale ncwadi.—Mathewu 26:31-33.

Nasi isibonelo salokho okungenzeka namuhla. Ake sithi wena nengane ofunda nayo nibuzwa imibuzo esikoleni. Uyothini uma wena uphendula ngokushesha kodwa le ngane ihluleka? Yiqiniso, uyajabula uma uzazi izimpendulo. Kodwa uyobe wenza kahle yini uma uziqhathanisa nale ngane ehlulekayo ukuphendula?— Kulungile yini ukuzama ukuzenza ubonakale ungcono ngokwenza omunye umuntu abonakale eyisilima?—

Yilokho umFarisi akwenza. Wazigabisa wathi yena ungcono kunomthelisi. Kodwa uMfundisi Omkhulu wathi umFarisi wayenephutha. Kuyiqiniso ukuthi omunye umuntu angakwazi ukwenza into ethile kangcono kunomunye. Kodwa lokho akusho ukuthi ungcono ngempela.

Intombazane iphakamisa isandla ekilasini

Usuke ungcono yini uma unolwazi oludlula olomunye?

Ngakho uma sinolwazi oludlula olomunye, ingabe kufanele sizigabise?— Cabanga ngalokhu. Sazenzela thina yini izingqondo zethu?— Cha, nguNkulunkulu owasinika izingqondo. Futhi izinto eziningi esizaziyo sazifunda kothile. Mhlawumbe sazifunda encwadini. Noma mhlawumbe sazizwa ngothile. Ngisho noma kunento esazicabangela yona, sayicabanga kanjani?— Uqinisile, sasebenzisa ingqondo esayinikwa uNkulunkulu.

Lapho umuntu ezama, kuhle sisho amazwi azomkhuthaza. Mtshele ukuthi uyayithanda into ayenzile. Mhlawumbe ungaze umsize nokumsiza ukuba enze kangcono. Angithi yilokho nawe ongathanda abantu bakwenzele kona?—

Umfana ukhombisa omunye umfana ukuthi unamandla

Kungani kukubi ukuzigabisa uma sinamandla kunomunye?

Abanye abantu banamandla kunabanye. Ake sithi wena unamandla kunomfowenu noma udadewenu. Ingabe sekufanele uzigabise?— Cha, akufanele. Ukudla esikudlayo yikona okusisiza sikhule sibe namandla. Akuyena yini uNkulunkulu osinika ukukhanya kwelanga nemvula nakho konke okudingekayo ukuze ukudla kumile?— Ngakho-ke uNkulunkulu okufanele simbonge uma sinamandla.—IzEnzo 14:16, 17.

Akekho kithina ongathanda ukuzwa umuntu ezigabisa, angithi?— Masikhumbule amazwi kaJesu: ‘Leyo ndlela enifuna abantu benze ngayo kini, nani yenzani kanjalo kubo.’ Uma sikwenza lokhu ngeke sifane nomFarisi owazigabisa uMfundisi Omkhulu axoxa ngaye.—Luka 6:31.

Umuntu othile wake wabiza uJesu ngokuthi muhle. Ingabe uMfundisi Omkhulu wathi, ‘Vele ngimuhle’?— Cha, akazange. Kunalokho wathi: “Akekho omuhle, ngaphandle koyedwa, uNkulunkulu.” (Marku 10:18) Yize uMfundisi Omkhulu ayephelele, akazange azigabise. Kunalokho, lonke udumo waluyisa kuBaba wakhe, uJehova.

Ukhona-ke yini umuntu esingazigabisa ngaye?— Yebo ukhona. Singazigabisa ngoMdali wethu, uJehova uNkulunkulu. Uma sibona ilanga lilihle liyoshona noma enye indalo enhle, kufanele sitshele othile sithi, ‘Le nto yenziwe uNkulunkulu wethu omuhle, uJehova!’ Masihlale sikulungele ukuxoxa ngezinto ezinhle uJehova azenzile nasazozenza.

Abafana ababili babuka ukushona kwelanga

Uzigabisa ngani lo mfana?

Funda ukuthi imiBhalo ithini ngokuzigabisa, noma ukuziqhayisa, nokuthi singakugwema kanjani ukuzigabisa: IzAga 16:5, 18; Jeremiya 9:23, 24; 1 Korinte 4:7; no-13:4.

    Zulu Publications (1975-2027)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela