Isaya
7 Kwathi ezinsukwini zika-Ahazi+ indodana kaJothamu indodana ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, uRezini+ inkosi yaseSiriya noPheka+ indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, bakhuphukela eJerusalema ukuba balwe nalo, kodwa abakwazanga ukulwa nalo.+ 2 Kwafika umbiko endlini kaDavide, othi: “ISiriya linciké ku-Efrayimi.”+
Inhliziyo yakhe nenhliziyo yabantu bakhe yaqala ukuvevezela, njengokuvevezela kwemithi yehlathi ivevezeliswa ngumoya.+
3 UJehova wathi ku-Isaya: “Ngicela uhambe, uyohlangabeza u-Ahazi, wena noSheyari-jashubi+ indodana yakho, ekupheleni komsele+ wechibi elingenhla ngasemgwaqweni omkhulu wensimu yomhlanzi wezingubo.+ 4 Uthi kuye, ‘Zilinde futhi uhlale ungaphazamisekile.+ Ungesabi, futhi ungayivumeli inhliziyo yakho ibe novalo+ ngenxa yalezi zidunu ezimbili zalezi zikhuni ezivuthayo, ngenxa yentukuthelo evuthayo kaRezini neSiriya nendodana kaRemaliya,+ 5 ngenxa yokuthi iSiriya kanye no-Efrayimi nendodana kaRemaliya balulekene ngokubi ngawe, bethi: 6 “Masikhuphuke silwe nelakwaJuda futhi silidwengule sizithathele lona ngokulifohla; masenze ukuba kubuse enye inkosi phakathi kwalo, indodana kaThabeyeli.”+
7 “‘Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushilo: “Ngeke kume, futhi ngeke kwenzeke.+ 8 Ngoba inhloko yeSiriya yiDamaseku, futhi inhloko yeDamaseku nguRezini; ngeminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu nje kuphela u-Efrayimi uyophihlizwa abe yizicucu angabe esaba yisizwe.+ 9 Inhloko ka-Efrayimi yiSamariya,+ futhi inhloko yeSamariya yindodana kaRemaliya.+ Ngaphandle kokuba nibe nokholo, ngeke nihlale isikhathi eside.”’”+
10 UJehova waqhubeka wakhuluma no-Ahazi, wathi: 11 “Zicelele isibonakaliso kuJehova uNkulunkulu wakho,+ usenze sijule njengeShiyoli noma usenze siphakame njengezindawo ezingenhla.” 12 Kodwa u-Ahazi wathi: “Ngeke ngisicele, futhi ngeke ngimvivinye uJehova.”
13 Wathi: “Ngicela ulalele wena ndlu kaDavide. Ingabe kuyinto encane kini ukuba nenze abantu bakhathale, nize nenze noNkulunkulu wami akhathale?+ 14 Ngakho-ke uJehova ngokwakhe uyoninika isibonakaliso: Bheka! Intombi+ empeleni iyokhulelwa,+ ibelethe indodana,+ ngokuqinisekile iyoyiqamba ngokuthi u-Imanuweli. 15 Kuyothi lapho isikwazi ukwala okubi ikhethe okuhle+ idle ibhotela noju. 16 Ngoba ngaphambi kokuba umfana akwazi ukwala okubi akhethe okuhle,+ izwe omakhosi alo amabili ozwa ingebhe ecanuzelisayo ngawo liyobe lishiywe ngokuphelele.+ 17 UJehova uyoletha kuwe+ nakubantu bakini nasendlini kayihlo izinsuku ezingakaze zibe khona ezinjengazo kusukela osukwini lokusuka kuka-Efrayimi eceleni kukaJuda,+ okungukuthi, uyoletha inkosi yase-Asiriya.+
18 “Ngalolo suku uJehova uyozibiza ngekhwelo izimpukane ezisemkhawulweni wemiselekazi yeNayile yaseGibhithe nezinyosi+ ezisezweni lase-Asiriya,+ 19 ngokuqinisekile zizofika zihlale phansi, zonke, phezu kwezigodi zesifufula ezineziwa naphezu kwemifantu yamadwala naphezu kwawo wonke amahlozi ameva naphezu kwazo zonke izindawo zokunisela.+
20 “Ngalolo suku, esebenzisa insingo eqashiwe esifundeni soMfula,+ yebo esebenzisa inkosi yase-Asiriya,+ uJehova uyophuca ikhanda neziboya ezisezinyaweni, futhi iyosusa ngisho nentshebe uqobo.+
21 “Ngalolo suku umuntu uyolonda isithokazi emhlambini wezinkomo nezimvu ezimbili.+ 22 Futhi ngenxa yokuthi ziyokwehlisa ubisi ngokuchichimayo, uyodla ibhotela; ngoba wonke umuntu osele ezweni uyodla ibhotela noju.+
23 “Ngalolo suku yonke indawo lapho kwakukhona khona izivini eziyinkulungwane, ezibiza izinhlamvu eziyinkulungwane zesiliva,+ iyokuba eyezihlahla zomunga nokhula.+ 24 Uyofika lapho nemicibisholo nomnsalo,+ ngoba lonke izwe liyoba yizihlahla zomunga nokhula kuphela. 25 Futhi zonke izintaba ezazicentwa ukhula ngekhuba—ngeke uye khona ngokwesaba izihlahla zameva nokhula; futhi ngokuqinisekile kuyoba indawo yokudedela izinkomo nendawo yokubhudulwa yizimvu.”+