Isaya
8 UJehova wathi kimi: “Zithathele isibhebhe+ esikhulu ulobe kuso ngothi lokuloba lomuntu ofayo ukuthi, ‘Mahere-shalali-hashi-bazi.’ 2 Mangizitholele ubufakazi+ ngofakazi abathembekile,+ u-Uriya umpristi+ noZakariya indodana kaJeberekiya.”
3 Khona-ke ngasondela kumprofethikazi, wakhulelwa ngemva kwesikhathi wabeletha indodana.+ UJehova manje wathi kimi: “Yiqambe ngokuthi uMahere-shalali-hashi-bazi, 4 ngoba ngaphambi kokuba umfana akwazi ukuthi,+ ‘Baba!’ nokuthi, ‘Mama!’ umuntu uyomuka nomnotho waseDamaseku nempango yaseSamariya phambi kwenkosi yase-Asiriya.”+
5 UJehova waqhubeka wakhuluma nami wathi: 6 “Ngenxa yokuthi lesi sizwe siwalile+ amanzi aseShilowa+ ageleza kahle, futhi sethaba+ ngoRezini nangendodana kaRemaliya;+ 7 ngalokho-ke, bheka! noJehova ukhuphulela kuso+ amanzi oMfula anamandla futhi amaningi,+ inkosi yase-Asiriya+ nayo yonke inkazimulo yayo.+ Futhi ngokuqinisekile iyokhuphukela ngaphezu kwazo zonke iziqu zemifudlana yayo iye ngaphezu kwalo lonke usebe lwayo 8 iqhubekele kwaJuda. Empeleni iyokhukhula idlule.+ Iyoze ifinyelele entanyeni.+ Futhi ukweluleka kwamaphiko ayo+ kumelwe kubugcwalise ububanzi bezwe lakho Imanuweli!”+
9 Hlosani okulimazayo, nina zizwe, niphihlizwe nibe yizicucwana; bekani indlebe, nonke nina enisemajukujukwini omhlaba!+ Bhincani,+ niphihlizwe nibe yizicucwana!+ Bhincani, niphihlizwe nibe yizicucwana! 10 Cebani icebo, liyohlakazwa!+ Khulumani noma iliphi izwi, ngeke lime, ngoba uNkulunkulu unathi!+ 11 Ngoba yilokhu uJehova akushilo kimi ngokuqina kwesandla, ukuze angenze ngiphambuke ekuhambeni endleleni yalesi sizwe, ethi: 12 “Nina akumelwe nithi, ‘Uzungu!’ ngokuqondene nakho konke lesi sizwe esilokhu sithi ngakho: ‘Uzungu!’+ futhi into esiyesabayo nina akumelwe niyesabe, futhi akumelwe inithuthumelise.+ 13 UJehova wamabutho—nguYe okufanele nimphathe njengongcwele,+ futhi kufanele nesabe yena,+ nguYe okufanele anibangele ukuba nithuthumele.”+
14 Kumelwe abe njengendawo engcwele;+ kodwa abe njengetshe lokuqhuzula nanjengedwala lokukhubeka+ kuzo zombili izindlu zakwa-Israyeli, abe njengesicupho nanjengogibe kwabakhileyo eJerusalema.+ 15 Futhi abaningi phakathi kwabo ngokuqinisekile bayokhubeka bawe, futhi baphuke, babekelwe ugibe futhi babanjwe.+
16 Busongeni ubufakazi,+ nibeke uphawu emthethweni phakathi kwabafundi bami!+ 17 Ngizohlale ngilindele uJehova,+ ofihlela indlu kaJakobe ubuso bakhe,+ ngizothemba yena.+
18 Bheka! Mina nabantwana uJehova angiphé bona+ sinjengezibonakaliso+ nanjengezimangaliso kwa-Israyeli ezivela kuJehova wamabutho, ohlala eNtabeni iZiyoni.+
19 Uma kwenzeka bethi kini: “Buzani kwabanemimoya+ noma kulabo abanomoya wokubikezela abatshiyozayo+ futhi bakhulume ngokunyenyeza,” akufanele yini isizwe sibuze kuNkulunkulu waso?+ [Ingabe kufanele yini ukuba kubuzwe] abantu abafileyo ngenxa yabantu abaphilayo?+ 20 Emthethweni nasebufakazini!+
Ngokuqinisekile bayoqhubeka bekhuluma okuvumelana nala mazwi+ angeke abe nakho ukukhanya kokuntwela kokusa.+ 21 Ngokuqinisekile yilowo nalowo uyodabula izwe ecindezeleke kanzima futhi elambile;+ kuyothi ngenxa yokuba elambile futhi eye wazenza wathukuthela, empeleni aqalekise inkosi yakhe noNkulunkulu wakhe+ futhi ngokuqinisekile asinge phezulu. 22 Futhi uyobheka emhlabeni, bheka! usizi nobumnyama,+ ukusitheka, izikhathi ezinzima nesigayegaye esingenakho ukukhanya.+