Jeremiya
52 UZedekiya+ wayeneminyaka engamashumi amabili nanye lapho eqala ukubusa,+ wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema.+ Igama likanina kwakunguHamuthali+ indodakazi kaJeremiya waseLibhina.+ 2 Waqhubeka enza okubi emehlweni kaJehova,+ njengakho konke uJehoyakimi ayekwenzile.+ 3 Kwenzeka eJerusalema nakwaJuda ngenxa yentukuthelo kaJehova, kwaze kwaba yilapho esebalahlile basuka phambi kobuso bakhe.+ UZedekiya wadlubulunda enkosini yaseBhabhiloni.+ 4 Ekugcineni kwathi ngonyaka wesishiyagalolunye wokuba kwakhe yinkosi,+ ngenyanga yeshumi, ngosuku lweshumi lwenyanga, uNebukhadirezari inkosi yaseBhabhiloni weza, yena nalo lonke ibutho lakhe lempi, bezolwa neJerusalema,+ baqala ukukanisa ngokumelene nalo futhi bakha udonga lokuvimbezela nxazonke zalo.+ 5 Ngakho lo muzi wavinjezelwa kwaze kwaba unyaka weshumi nanye weNkosi uZedekiya.+
6 Ngenyanga yesine, ngosuku lwesishiyagalolunye lwenyanga,+ indlala yaba nzima emzini futhi abantu bezwe ababanga nasinkwa.+ 7 Ekugcineni umuzi wafohlwa;+ futhi wonke amadoda empi aqala ukubaleka+ ephuma emzini ebusuku, ngendlela yasesangweni eliphakathi kodonga olubhangqiwe olungasensimini yenkosi,+ kuyilapho amaKhaledi ayenxazonke zomuzi; futhi aqhubeka ehamba ngendlela yase-Araba.+ 8 Ibutho lempi lamaKhaledi layijaha inkosi,+ futhi lamfica uZedekiya+ emathafeni awugwadule aseJeriko; lonke ibutho lakhe lempi lahlakazeka lasuka eceleni kwakhe.+ 9 Khona-ke ibutho lamaKhaledi layibamba inkosi layikhuphulela enkosini yaseBhabhiloni+ eRibila+ ezweni laseHamati,+ ukuze iyigwebe.+ 10 Inkosi yaseBhabhiloni yabulala amadodana kaZedekiya phambi kwamehlo akhe,+ yabulala nazo zonke izikhulu zakwaJuda eRibila.+ 11 Yawaphuphuthekisa amehlo kaZedekiya,+ okwathi ngemva kwalokho inkosi yaseBhabhiloni yambopha ngezibopho zethusi yaya naye eBhabhiloni+ yamfaka etilongweni kwaze kwaba usuku lokufa kwakhe.
12 Ngenyanga yesihlanu, ngosuku lweshumi lwenyanga, okungukuthi, ngonyaka weshumi nesishiyagalolunye weNkosi uNebukhadirezari,+ inkosi yaseBhabhiloni, uNebuzaradani+ induna yemilindankosi, owayema phambi kwenkosi yaseBhabhiloni, weza eJerusalema. 13 Washisa indlu kaJehova+ nendlu yenkosi nazo zonke izindlu zaseJerusalema;+ nazo zonke izindlu ezinkulu wazishisa ngomlilo.+ 14 Futhi, wonke amabutho empi amaKhaledi ayekanye nenduna yemilindankosi azidiliza zonke izindonga zaseJerusalema ezizungezile.+
15 Futhi abanye kubantu abaphansi kanye nabo bonke abanye abantu ababeshiyiwe emzini+ nabahlamuki ababehlubukele enkosini yaseBhabhiloni nazo zonke ezinye izisebenzi eziyizingcweti uNebuzaradani induna yemilindankosi wabayisa ekudingisweni.+ 16 Abanye kubantu abaphansi bezwe uNebuzaradani induna yemilindankosi wabashiya ukuze babe ngabagcini-zivini nezisebenzi eziphoqelelwe.+
17 Futhi izinsika zethusi+ zendlu kaJehova namakalishi+ nolwandle lwethusi+ okwakusendlini kaJehova amaKhaledi akuphihliza kwaba izicucu athwala lonke ithusi lako aliyisa eBhabhiloni.+ 18 Amakani namahalavu+ nezicimo+ nezitsha+ nezindebe nazo zonke izinto zethusi okwakukhonzwa ngazo akuthatha.+ 19 Futhi imicengezi+ nemicengezi yomlilo nezitsha+ namakani nezinti zezibani+ nezindebe nezitsha kwegolide loqobo,+ nokwesiliva loqobo,+ induna yemilindankosi yakuthatha.+ 20 Nezinsika ezimbili,+ ulwandle olulodwa,+ nezinkunzi zethusi+ eziyishumi nambili ezazingaphansi kolwandle, amakalishi, iNkosi uSolomoni eyayikwenzele indlu kaJehova.+ Asizange silinganiswe isisindo sethusi elalikuzo—zonke lezi zinto.+
21 Ngokuphathelene nezinsika, insika ngayinye yayiyizingalo eziyishumi nesishiyagalombili ukuphakama,+ futhi kwakungazungeza umucu oyizingalo eziyishumi nambili;+ uhlonze lwayo lwaluyiminwe emine, iyigobongo. 22 Isihloko esasiphezu kwayo sasingesethusi,+ ukuphakama kwesihloko esisodwa kwakuyizingalo ezinhlanu;+ futhi ngokuqondene nokunjengenetha kanye namahalananda okwakuphezu kwesihloko, nxazonke,+ konke kwakungokwethusi; nensika yesibili yayinokufanayo nalokhu, ngokunjalo namahalananda.+ 23 Amahalananda ayengamashumi ayisishiyagalolunye nesithupha, ezinhlangothini, wonke amahalananda ayeyikhulu phezu kokunjengenetha okuzungezile.+
24 Ngaphezu kwalokho, induna yemilindankosi yathatha uSeraya+ umpristi omkhulu noZefaniya+ umpristi wesibili nabalindimnyango+ abathathu, 25 emzini yathatha isikhulu segceke esisodwa esasingumphathi wamadoda empi, namadoda ayisikhombisa kulawo ayenelungelo lokungena enkosini,+ eyawathola emzini, nonobhala wenduna yempi, owayebutha abantu bezwe, namadoda angamashumi ayisithupha kubantu bezwe eyabathola phakathi komuzi.+ 26 Ngakho laba uNebuzaradani+ induna yemilindankosi wabathatha wabayisa enkosini yaseBhabhiloni eRibila.+ 27 Futhi laba inkosi yaseBhabhiloni yabashaya+ yababulala eRibila+ ezweni laseHamati.+ Kanjalo uJuda wasuka ezweni lakhe waya ekudingisweni.+
28 Nampa abantu uNebukhadirezari abayisa ekudingisweni: ngonyaka wesikhombisa, amaJuda ayizinkulungwane ezintathu namashumi amabili nantathu.+
29 Ngonyaka weshumi nesishiyagalombili kaNebukhadirezari,+ imiphefumulo eyayivela eJerusalema yayingamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amathathu nambili.
30 Ngonyaka wamashumi amabili nantathu kaNebukhadirezari, uNebuzaradani induna yemilindankosi wathatha amaJuda wawayisa ekudingisweni, imiphefumulo engamakhulu ayisikhombisa namashumi amane nanhlanu.+
Isiyonke le miphefumulo yayiyizinkulungwane ezine namakhulu ayisithupha.
31 Ekugcineni kwathi ngonyaka wamashumi amathathu nesikhombisa wokudingiswa kukaJehoyakini+ inkosi yakwaJuda, ngenyanga yeshumi nambili, ngosuku lwamashumi amabili nanhlanu lwenyanga, u-Evili-merodakhi inkosi yaseBhabhiloni, ngonyaka aba ngawo yinkosi, waphakamisa ikhanda+ likaJehoyakini inkosi yakwaJuda wamkhipha etilongweni. 32 Wayeseqala ukukhuluma izinto ezinhle naye futhi waphakamisa isihlalo sakhe sobukhosi ngaphezu kwezihlalo zobukhosi zamanye amakhosi ayekanye naye eBhabhiloni.+ 33 Wakhumula izingubo zakhe zasetilongweni,+ futhi wadla isinkwa+ phambi kwakhe njalo zonke izinsuku zokuphila kwakhe.+ 34 Ngokuqondene nesabelo sakhe, kwakukhona isabelo ayesinikwa njalo sivela enkosini yaseBhabhiloni, nsuku zonke njengokufanelekile, kwaze kwaba usuku lokufa+ kwakhe, zonke izinsuku zokuphila kwakhe.