Zakariya
2 Ngaphakamisa amehlo ami ngabona; bheka! kwakukhona indoda, esandleni sayo kukhona indophi yokulinganisa.+ 2 Ngakho ngathi: “Uyaphi?”
Yona yathi kimi: “Ngiyolinganisa iJerusalema, ukuze ngibone ukuthi ububanzi balo bungakanani nokuthi ubude balo bungakanani.”+
3 Bheka! Ingelosi eyayikhuluma nami yayiphuma, futhi kwaba khona nenye ingelosi eyayiphuma iyoyihlangabeza. 4 Khona-ke yathi kuyo: “Gijima, ukhulume naleya nsizwa elaphaya, uthi, ‘“IJerusalema liyohlalwa njengezwe lasemaphandleni elingabiyelwe,+ ngenxa yoquqaba lwabantu nezilwane ezifuywayo okuphakathi kwalo.+ 5 Mina ngizoba udonga lomlilo nxazonke zalo,+ futhi ngibe inkazimulo phakathi kwalo,”’”+ kusho uJehova.
6 “Hheyi nina! Hheyi nina! Balekani-ke ezweni lasenyakatho,”+ kusho uJehova.
“Ngoba nginisakazele ezinhlangothini zemimoya emine yamazulu,”+ kusho uJehova.
7 “Hheyi wena, Ziyoni!+ Phunyuka, wena ohlala nendodakazi yaseBhabhiloni.+ 8 Ngoba yilokhu uJehova wamabutho akushilo, ‘Ngemva kwale nkazimulo+ ungithumele ezizweni ezaziniphanga;+ ngoba othinta nina+ uthinta inhlamvu yeso lami.+ 9 Ngoba bheka ngiyabasikaza ngesandla sami,+ futhi kuyomelwe babe yimpango ezigqileni zabo.’+ Nina niyokwazi ngokuqinisekile ukuthi uJehova wamabutho ungithumile.+
10 “O ndodakazi yaseZiyoni, khamuluka kakhulu ujabule;+ ngoba bheka ngiyeza,+ ngizohlala phakathi kwakho,”+ kusho uJehova. 11 “Izizwe eziningi ngokuqinisekile ziyozihlanganisa noJehova ngalolo suku,+ empeleni zibe yisizwe sami;+ futhi ngiyohlala phakathi kwenu.” Niyokwazi ukuthi uJehova wamabutho ungithumile kini.+ 12 Ngokuqinisekile, uJehova uyothatha uJuda abe yisabelo sakhe emhlabathini ongcwele,+ futhi usazophinda alikhethe iJerusalema.+ 13 Nyama yonke, thula phambi kukaJehova,+ ngoba uvukile+ endaweni yakhe yokuhlala engcwele.+