Mathewu
19 Lapho uJesu esewaqedile la mazwi, wamuka eGalile wafika emingceleni yaseJudiya ngaphesheya kweJordani.+ 2 Futhi, isixuku esikhulu samlandela, waselapha khona.+
3 AbaFarisi beza kuye, behlose ukumlinga, bathi: “Kungokomthetho yini ukuba umuntu ahlukanise nomkakhe nganoma yisiphi isizathu?”+ 4 Ephendula wathi: “Anifundanga yini ukuthi lowo owabadala kusukela ekuqaleni wabenza kwaba owesilisa nowesifazane,+ 5 wathi, ‘Ngenxa yalesi sizathu indoda iyoshiya uyise nonina+ inamathele kumkayo, futhi laba ababili bayoba nyamanye’?+ 6 Ngakho abasebabili, kodwa sebenyamanye. Ngakho-ke, lokho uNkulunkulu akubophele ndawonye makungahlukaniswa muntu.”+ 7 Bathi kuye: “Pho-ke, kungani uMose athi makanikwe incwadi yokuxoshwa futhi kuhlukaniswe naye?”+ 8 Wathi kubo: “UMose, ngenxa yokucabangela ukuba nezinhliziyo ezilukhuni kwenu,+ wanivumela ukuba nihlukanise nomkenu, kodwa kwakungenjalo ekuqaleni.+ 9 Ngithi kini noma ubani ohlukanisa nomkakhe, ngaphandle kwesizathu sobufebe, ashade nomunye, uyaphinga.”+
10 Abafundi bathi kuye: “Uma sinjalo isimo somuntu ngomkakhe, akutuseki ukushada.”+ 11 Wathi kubo: “Akubona bonke abantu abalitholela indawo leli zwi, kodwa yilabo abanesiphiwo kuphela.+ 12 Ngoba kukhona abathenwa abazalwa benjalo kusukela ezibelethweni zonina,+ futhi kukhona abathenwa abenziwa abathenwa ngabantu, futhi kukhona abathenwa abaye bazenza abathenwa ngenxa yombuso wamazulu. Lowo ongase akwazi ukukutholela indawo makakutholele indawo.”+
13 Kwase kulethwa abantwana kuye, ukuze ababeke izandla athandaze; kodwa abafundi babakhuza.+ 14 Nokho, uJesu wathi: “Bayekeni abantwana, ningabathiyi ukuba beze kimi, ngoba umbuso wamazulu ungowabanjalo.”+ 15 Wababeka izandla wamuka lapho.+
16 Manje, bheka! othile weza kuye wathi: “Mfundisi, buhle buni okumelwe ngibenze ukuze ngithole ukuphila okuphakade?”+ 17 Wathi kuye: “Kungani ungibuza ngokuphathelene nokuhle? Munye omuhle.+ Nokho, uma ufuna ukungena ekuphileni, gcina imiyalo njalo.”+ 18 Wathi kuye: “Miphi?”+ UJesu wathi: “Phela, ethi, Ungabulali,+ Ungaphingi,+ Ungebi,+ Ungafakazi amanga,+ 19 Hlonipha uyihlo nonyoko,+ nothi, Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.”+ 20 Le nsizwa yathi kuye: “Ngiyigcinile yonke le; yini engisayintula?” 21 UJesu wathi kuyo: “Uma ufuna ukuphelela, hamba uthengise okungokwakho uphe abampofu, khona-ke uyoba nomcebo ezulwini,+ bese uza ube ngumlandeli wami.”+ 22 Lapho le nsizwa izwa leli zwi, yahamba ilusizi, ngoba yayinempahla eningi.+ 23 Kodwa uJesu wathi kubafundi bakhe: “Ngiqinisile ngithi kini kuyoba yinto enzima ngesicebi ukungena embusweni wamazulu.+ 24 Futhi ngithi kini, Kulula ukuba ikamela lichushe embotsheni yenaliti kunokuba isicebi singene embusweni kaNkulunkulu.”+
25 Lapho abafundi bezwa lokho, babonisa ukumangala okukhulu kakhulu, bethi: “Ubani ngempela ongasindiswa?”+ 26 Ebabheka ebusweni, uJesu wathi kubo: “Kubantu lokhu akunakwenzeka, kodwa kuNkulunkulu zonke izinto zingenzeka.”+
27 Khona-ke uPetru ephendula wathi kuye: “Bheka! Sishiyé zonke izinto sakulandela; siyotholani ngempela?”+ 28 UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini, Ekudalweni kabusha, lapho iNdodana yomuntu ihlala phansi esihlalweni sayo sobukhosi esikhazimulayo, nina eniye nangilandela nani ngokwenu niyohlala ezihlalweni zobukhosi eziyishumi nambili, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.+ 29 Futhi wonke umuntu oshiye izindlu noma abafowabo noma odadewabo noma uyise noma unina noma abantwana noma amasimu ngenxa yegama lami uyokwamukela okuphindwe kaningi futhi azuze ngefa ukuphila okuphakade.+
30 “Kodwa abaningi abangabokuqala bayoba ngabokugcina nabokugcina babe ngabokuqala.+