Duteronomi
13 “Uma kungenzeka kuvuke phakathi kwakho umprofethi+ noma umphuphi+ wephupho akunike isibonakaliso noma ibika,+ 2 bese sigcwaliseka leso sibonakaliso noma ibika akhulume ngalo kuwe,+ ethi, ‘Masilandele abanye onkulunkulu, ongazange ubazi, sibakhonze,’ 3 akumelwe uwalalele amazwi alowo mprofethi noma lowo mphuphi walelo phupho,+ ngoba uJehova uNkulunkulu wenu uyanivivinya+ ukuze azi ukuthi niyamthanda yini uJehova uNkulunkulu wenu ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.+ 4 Kufanele nilandele uJehova uNkulunkulu wenu, futhi nguye okufanele nimesabe, yimiyalo yakhe okufanele niyigcine, futhi yizwi lakhe okufanele nililalele, nguye okufanele nimkhonze, futhi nguye okufanele ninamathele kuye.+ 5 Futhi lowo mprofethi+ noma umphuphi wephupho kufanele abulawe,+ ngoba ekhulume ngokuvukela uJehova uNkulunkulu wenu, onikhiphe ezweni laseGibhithe nonikhulule endlini yezigqila, ukuba akuphambukise endleleni uJehova uNkulunkulu wakho akuyale ukuba uhambe ngayo;+ kumelwe ususe okubi phakathi kwakho.+
6 “Uma kungenzeka umfowenu, indodana kanyoko, noma indodana yakho noma indodakazi yakho noma umkakho omazisayo noma umngane wakho onjengomphefumulo wakho,+ azame ukukuyenga ekusithekeni, athi, ‘Masihambe siyokhonza abanye onkulunkulu,’+ obungabazi, wena noma okhokho bakho, 7 abanye bonkulunkulu bezizwe ezinizungezile, eziseduze kwakho noma ezikude nawe, kusukela komunye umkhawulo wezwe kuya komunye umkhawulo wezwe, 8 ungavumelani nesifiso sakhe futhi ungamlaleli,+ neso lakho lingamhawukeli, futhi ungabi nabubele,+ noma umfihle umvikela; 9 kodwa kufanele umbulale nakanjani.+ Yisandla sakho kuqala kunazo zonke okufanele sehlele phezu kwakhe ukuba simbulale, isandla sabo bonke abantu size kamuva.+ 10 Kumelwe umkhande ngamatshe, afe,+ ngoba uye wafuna ukukuphambukisa kuJehova uNkulunkulu wakho, okukhiphe ezweni laseGibhithe, endlini yezigqila.+ 11 Khona-ke wonke u-Israyeli uyokuzwa futhi esabe, futhi ngeke aphinde enze into embi njengale phakathi kwakho.+
12 “Uma kungenzeka uzwe komunye wemizi yakho, uJehova uNkulunkulu wakho akunika ukuba uhlale kuyo, kuthiwa, 13 ‘Kuphumé amadoda angelusizo lwalutho phakathi kwakho+ ukuze azame ukuphambukisa abakhileyo emzini wakubo,+ athi: “Masihambeni siyokhonza abanye onkulunkulu,” ebeningabazi,’ 14 kumelwe futhi ufune, uphenye futhi ubuzisise;+ uma le nto itholakala iyiqiniso, le nto enengekayo yenziwe phakathi kwakho, 15 kufanele nakanjani ubashaye abakhileyo kulowo muzi ngosiko lwenkemba.+ Wunikele ekubhujisweni ngosiko lwenkemba, wona nakho konke okukuwo, nemfuyo yawo.+ 16 Yonke impango yawo kufanele uyiqoqele maphakathi nesigcawu sawo, uwushise ngomlilo umuzi+ nayo yonke impango yawo njengomnikelo ophelele oya kuJehova uNkulunkulu wakho, ube yinqwaba yezincithakalo kuze kube nini nanini.+ Akufanele nanini uphinde wakhiwe kabusha. 17 Futhi akukho lutho okufanele lunamathele esandleni sakho entweni eyenziwe yaba ngcwele ngokunqatshelwa,+ ukuze uJehova aphenduke entukuthelweni yakhe evuthayo,+ impela akunike isihe, ngokuqinisekile akubonise isihe+ futhi akwandise, njengoba nje efungile kokhokho bakho.+ 18 Ngoba kufanele ulilalele izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ngokugcina yonke imiyalo yakhe+ engikuyala ngayo namuhla, ukuba wenze okulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakho.+