Kolose
2 Ngoba ngifuna niqaphele ukuthi mkhulu kangakanani umshikashika+ enginawo ngenxa yenu nangenxa yalabo abaseLawodikeya+ nangenxa yabo bonke abangabubonanga ubuso bami ngokoqobo, 2 ukuze izinhliziyo zabo ziduduzeke,+ futhi bahlanganiswe ndawonye ngokuvumelanayo othandweni+ ukuze bathole yonke ingcebo yesiqinisekiso esigcwele sokuqonda kwabo,+ bathole nolwazi olunembile ngemfihlo engcwele kaNkulunkulu, okungukuthi, uKristu.+ 3 Kuye kuthukuswé ngokucophelela yonke imicebo yokuhlakanipha neyolwazi.+ 4 Lokhu ngikusho ukuze kungabikho muntu onidukisa ngezinkulumo ezithonyayo.+ 5 Ngoba nakuba ngingekho ngokwenyama, nginani emoyeni,+ ngijabula futhi ngibona ukuhleleka kwenu okuhle+ nokuqina kokholo+ lwenu kuKristu.
6 Ngakho-ke, njengoba namukele uKristu Jesu iNkosi, qhubekani nimunye+ naye, 7 nigxilile+ futhi nakhiwa+ kuye futhi nisimamiswa okholweni,+ njengoba nje nafundiswa, nichichima ukholo ekubongeni.+
8 Xwayani: mhlawumbe kungase kube khona oyomuka+ nani njengezisulu zakhe ngefilosofi+ nangenkohliso eyize+ ngokwesiko labantu, ngokwezinto zokucathula+ zezwe hhayi ngokukaKristu; 9 ngoba kukuye lapho kuhlezi khona konke ukugcwala+ kobuNkulunkulu+ ngesimo somzimba. 10 Ngakho nigcwele ngenxa yakhe, oyinhloko yabo bonke ohulumeni negunya.+ 11 Ngobuhlobo+ naye nasokwa+ futhi ngokusoka kukaKristu, okungenziwanga ngezandla ngokususa inyama+ emzimbeni, 12 ngoba nangcwatshwa kanye naye obhapathizweni lwakhe,+ nangobuhlobo naye navuswa+ futhi kanye naye ngokholo lwenu+ ekusebenzeni+ kukaNkulunkulu, owamvusa kwabafileyo.+
13 Ngaphezu kwalokho, nakuba nanifile eziphambekweni zenu nasesimweni sokungasokwa kwenyama yenu, uNkulunkulu wanenza naphila kanye naye.+ Wasithethelela ngomusa zonke iziphambeko zethu+ 14 futhi wesula+ incwadi elotshwe ngesandla+ emelene nathi, eyayinezinqumo+ futhi iphikisana nathi;+ futhi useyisusile endleleni ngokuyibethela+ esigxotsheni sokuhlushwa.+ 15 Ehlubula ohulumeni neziphathimandla,+ wabukisa ngabo obala kuwonk’ uwonke njengabanqotshiwe,+ ebahola ngaso odwendweni lokunqoba.+
16 Ngakho-ke ningahlulelwa muntu+ ngokudla nokuphuza+ noma ngokuqondene nomkhosi+ noma ukugujwa kokuthwasa kwenyanga+ noma isabatha;+ 17 ngoba lezo zinto ziyisithunzi+ sezinto ezizokuza, kodwa okungokoqobo+ kungokukaKristu.+ 18 Ningaphucwa+ umklomelo+ ngumuntu ojatshuliswa ukuthobeka-mbumbulu nesimo sokukhulekela izingelosi, “omi” ezintweni azibonile, ekhukhumele ngaphandle kwesizathu esifanelekile ngesimo sakhe sengqondo senyama, 19 kuyilapho engabambelele ngokuqinile enhlokweni,+ kulowo umzimba wonke oqhubeka ukhula kuye ngokukhula okunikezwa nguNkulunkulu, njengoba wondliwa futhi uhlanganiswa ngokuvumelanayo+ ngamalunga awo nemisipha.+
20 Uma nafa+ kanye noKristu ngokuqondene nezinto zokucathula+ zezwe,+ kungani nina, njengokungathi niphila ezweni, niqhubeka nizithoba ezinqumweni+ zokuthi: 21 “Ungaphathi, noma unambithe,+ noma uthinte,”+ 22 ngokuqondene nazo zonke izinto ezimiselwe ukubhujiswa ngokusetshenziswa ziphele, ngokuvumelana nemiyalo nezimfundiso zabantu?+ 23 Ngempela, zona lezo zinto zibonakala zihlakaniphile ngendlela yokukhulekela abazimisele yona nokuthobeka-mbumbulu, ukuphatha kabi umzimba;+ kodwa azisizi ngalutho ekulweni nokwanelisa inyama.+