Hebheru
3 Ngenxa yalokho, bazalwane abangcwele, bahlanganyeli bokubizwa+ kwasezulwini, cabangani ngomphostoli+ nompristi ophakeme esimvumayo+—uJesu. 2 Wayethembekile+ kuLowo owamenza [umphostoli nompristi ophakeme], njengoba noMose+ ayethembekile kuyo yonke indlu yaLowo.+ 3 Ngoba lona ophawulwe kamuva ubalwa njengofanelekele inkazimulo+ engaphezulu kunoMose, njengoba nje lowo+ owakha indlu enodumo ngaphezu kwayo.+ 4 Yebo, yileyo naleyo ndlu yakhiwa othile, kodwa lowo owakha izinto zonke uNkulunkulu.+ 5 Futhi uMose njengesikhonzi+ wayethembekile kuyo yonke indlu yaLowo njengobufakazi bezinto ezaziyokhulunywa kamuva,+ 6 kodwa uKristu wayethembekile njengeNdodana+ phezu kwendlu yaLowo. Siyindlu yaLowo,+ uma siqinisa ukubambelela kwethu enkululekweni yethu yokukhuluma nokuziqhayisa kwethu ethembeni sikwenza kungaxegi kuze kube sekupheleni.+
7 Ngenxa yalesi sizathu, njengoba nje umoya ongcwele+ usho uthi: “Uma nilalela izwi lakhe namuhla,+ 8 ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasesikhathini lapho nibangela intukuthelo ebabayo,+ njengasosukwini lokungivivinya+ ehlane,+ 9 okhokho benu abangivivinya ngalo ngokungilinga, kodwa beyibonile imisebenzi yami+ iminyaka engamashumi amane.+ 10 Ngenxa yalesi sizathu nganengwa yilesi sizukulwane futhi ngathi, ‘Ngaso sonke isikhathi bayaduka ezinhliziyweni zabo,+ futhi abakazazi izindlela zami.’+ 11 Ngakho ngafunga ngithukuthele ngathi, ‘Ngeke bangene+ ekuphumuleni kwami.’”+
12 Qaphelani, bazalwane, funa kukhule komunye wenu inhliziyo embi entula ukholo ngokuhlehla kuNkulunkulu ophilayo;+ 13 kodwa qhubekani nikhuthazana+ usuku ngalunye, uma nje kusengathiwa “Namuhla,”+ funa omunye kini enziwe lukhuni amandla okukhohlisa+ esono. 14 Ngoba eqinisweni siba abahlanganyeli bakaKristu+ kuphela uma siqinisa ukubambelela kwethu ekuqinisekeni esasinakho ekuqaleni sikwenza kungaxegi kuze kube sekupheleni,+ 15 ngesikhathi kusathiwa: “Uma nilalela izwi lakhe namuhla,+ ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasesikhathini lapho nibangela intukuthelo ebabayo.”+
16 Ngoba obani abezwa kodwa nokho bavusa intukuthelo ebabayo?+ Eqinisweni, abenzanga kanjalo yini bonke labo abaphuma eGibhithe ngaphansi kukaMose?+ 17 Ngaphezu kwalokho, obani uNkulunkulu anengwa yibo iminyaka engamashumi amane?+ Akubona yini labo abona, bafela ehlane?+ 18 Kodwa obani afunga+ kubo ukuthi ngeke bangene ekuphumuleni kwakhe ngaphandle kwalabo abangalalelanga?+ 19 Ngakho siyabona ukuthi abangenanga ngenxa yokuntula ukholo.+