Eyokuqala YeziKronike
9 Wonke ama-Israyeli ayebhalwe ngokohlu lozalo futhi alotshwe eNcwadini Yamakhosi Akwa-Israyeli. UJuda wayiswa ekudingisweni eBhabhiloni ngenxa yokungathembeki kwakhe. + 2 Izakhamuzi zokuqala ezabuyela kokungokwazo emadolobheni azo kwakungama-Israyeli athile, abapristi, amaLevi nezikhonzi zasethempelini. *+ 3 Enye inzalo kaJuda, + kaBhenjamini, + ka-Efrayimi nekaManase yahlala eJerusalema: 4 U-Uthayi indodana ka-Amihudi, oyindodana ka-Omri, oyindodana ka-Imri, oyindodana kaBhani, benzalo kaPherezi + indodana kaJuda. 5 KwabaseShilo, u-Asaya izibulo namadodana akhe. 6 Emadodaneni kaZera, + uJewuweli nabafowabo abangu-690.
7 Enzalweni kaBhenjamini, uSalu indodana kaMeshulamu, oyindodana kaHodaviya, oyindodana kaHasenuwa, 8 u-Ibhineya oyindodana kaJerohamu, u-Elahi oyindodana ka-Uzi, oyindodana kaMikiri, noMeshulamu indodana kaShefathiya, oyindodana kaRehuweli, oyindodana ka-Ibhiniya. 9 Abafowabo ngokozalo lwabo babengu-956. Wonke la madoda ayeyizinhloko zemindeni yoyise.
10 Kubapristi kwakukhona uJedaya, uJehoyaribi, uJakini, + 11 u-Azariya indodana kaHilikiya, oyindodana kaMeshulamu, oyindodana kaZadoki, oyindodana kaMerayoti, oyindodana ka-Ahithubi, umholi endlini* kaNkulunkulu weqiniso, 12 u-Adaya indodana kaJerohamu, oyindodana kaPhashuri, oyindodana kaMalikhiya, uMahasayi indodana ka-Adiyeli, oyindodana kaJahizera, oyindodana kaMeshulamu, oyindodana kaMeshilemiti, oyindodana ka-Imeri, 13 nabafowabo, izinhloko zemindeni yoyise, amadoda anamandla angu-1 760, amadoda anekhono alungele ukwenza inkonzo yendlu kaNkulunkulu weqiniso.
14 KumaLevi kwakukhona uShemaya + indodana kaHashubi, oyindodana ka-Azirikamu, oyindodana kaHashabiya enzalweni kaMerari; 15 noBhakibhakari, uHereshi, uGalali, uMathaniya indodana kaMikha, oyindodana kaZikiri, oyindodana ka-Asafa, 16 u-Obadiya indodana kaShemaya, oyindodana kaGalali, oyindodana kaJeduthuni, noBherekiya indodana ka-Asa, oyindodana ka-Elkana, owayehlala emizini yamaNethofa. +
17 Abalindisango + kwakunguShalumi, u-Akhubi, uThalimoni no-Ahimani; umfowabo uShalumi wayeyinhloko, 18 kuze kube ngaleso sikhathi wayesesangweni lenkosi elingasempumalanga. + Laba babengabalindisango bamakamu amaLevi. 19 UShalumi indodana kaKore, oyindodana ka-Ebhiyasafa, oyindodana kaKhora nabafowabo emndenini kayise, abakwaKhora, babengamele umsebenzi wenkonzo, abalindimnyango betende, futhi oyise babengamele ikamu likaJehova, bengabalindi bendlela engenayo. 20 NguFinehasi + indodana ka-Eleyazare + owayengumholi wabo esikhathini esidlule; uJehova wayenaye. 21 UZakariya + indodana kaMeshelemiya wayengumlindisango womnyango wetende lokuhlangana.
22 Esewonke amadoda ayekhethelwe ukugada emasangweni, ayengu-212. Ayesezindaweni zawo zokuhlala ngokohlu lozalo lwawo. + UDavide noSamuweli obona imibono + bawabeka esikhundleni sokwethenjelwa. 23 Wona namadodana awo babengamele inkonzo yokuqapha amasango endlu kaJehova, + indlu yetende. 24 Abalindisango babesezinhlangothini ezine—empumalanga, entshonalanga, enyakatho naseningizimu. + 25 Ngezikhathi ezithile, abafowabo kwakufanele beze bevela ezindaweni ababehlala kuzo bakhonze kanye nabo izinsuku eziyisikhombisa. 26 Kwakunezinduna zabalindisango* ezine esikhundleni sokwethenjelwa. ZazingamaLevi, futhi zazengamele amagumbi* nengcebo yendlu kaNkulunkulu weqiniso. + 27 Ayema ubusuku bonke egadile ezungeza indlu kaNkulunkulu weqiniso, ngoba ayenza inkonzo yokuqapha futhi ayengamele isihluthulelo, evula indlu njalo ekuseni.
28 Amanye awo ayengamele izinto + zenkonzo; ayezibala lapho ezingenisa nalapho ezikhipha. 29 Amanye awo ayemiswe ukuba engamele ezinye izinto, + engamele zonke izinto ezingcwele, futhi engamele ufulawa ocolekile, + iwayini, + amafutha, + inhlaka yempepho + namafutha ebhalsamu. + 30 Amanye amadodana abapristi ayexuba amafutha okugcoba ebhalsamu. 31 UMatithiya umLevi, owayeyizibulo likaShalumi wakwaKhora, wayesesikhundleni sokwethenjelwa engamele izinto ezibhakwa emapanini. + 32 Abanye abafowabo abangamaKohati, babengamele izinkwa ezibekwa zitakelane, *+ ukuze bazilungise njalo ngesabatha. +
33 Laba babengabahlabeleli, izinhloko zemindeni yoyise bamaLevi emagunjini,* labo ababekhululiwe kweminye imisebenzi; ngoba ubusuku nemini kwakuwumthwalo wabo ukuba semsebenzini. 34 Laba babeyizinhloko zemindeni yoyise bamaLevi ngokohlu lozalo lwabo, amadoda ayizinhloko. Babehlala eJerusalema.
35 UJeheyeli, uyise kaGibheyoni, wayehlala eGibheyoni. + Igama lomkakhe kwakunguMahakha. 36 Indodana yakhe eyizibulo kwakungu-Abhidoni, elandelwa uZuri, uKishi, uBhali, uNeri, uNadabi, 37 uGedori, u-Ahiyo, uZakariya noMikiloti. 38 UMikiloti wazala uShimeyami. Bonke babehlala eduze kwabafowabo eJerusalema kanye nabanye abafowabo. 39 UNeri + wazala uKishi; uKishi wazala uSawule; + uSawule wazala uJonathani, + uMaliki-shuwa, + u-Abhinadaba + no-Eshibhali. 40 Indodana kaJonathani kwakunguMeribi-bhali. + UMeribi-bhali wazala uMika. + 41 Amadodana kaMika kwakunguPhithoni, uMeleki, uThareya no-Ahazi. 42 U-Ahazi wazala uJara; uJara wazala u-Alemeti, u-Azimaveti noZimri. UZimri wazala uMoza. 43 UMoza wazala uBhineya noRefaya indodana yakhe, u-Eleyasa indodana yakhe, u-Azeli indodana yakhe. 44 U-Azeli wayenamadodana ayisithupha, amagama awo kwakungu-Azirikamu, uBhokeru, u-Ishmayeli, uShehariya, u-Obadiya noHanani. Lawa kwakungamadodana ka-Azeli.