uJobe
3 Kungemva kwalokhu lapho uJobe aqala khona ukukhuluma nokuqalekisa usuku azalwa ngalo. *+ 2 UJobe wathi:
4 Lolo suku malube ubumnyama.
UNkulunkulu ophezulu makangabi nandaba nalo;
Makungabi bikho ukukhanya phezu kwalo.
5 Ubumnyama obukhulu* mabulumboze.
Ifu elimnyama malihlale phezu kwalo.
Ubumnyama obethusayo mabumboze ukukhanya kwalo.
6 Lobo busuku—ubumnyama obukhulu mabubuthathe; +
Mabungathokozi phakathi kwezinsuku zonyaka,
Mabungabalwa nezinsuku zenyanga.
7 Ngempela! Bekungaba kuhle ukube akuzalwanga muntu ngalobo busuku;
Ukukhala kwenjabulo makungazwakali ngalobo busuku.
9 Izinkanyezi zokuhwalala kwalobo busuku mazibe mnyama;
Mabulindele ukukhanya kodwa kungabi bikho,
Futhi mabungayiboni imisebe yokuntwela kokusa.
10 Ngoba abuzange buyivale iminyango yesibeletho sikamama; +
Abuzange buyifihle nenkathazo emehlweni ami.
11 Kungani ngingazange ngife lapho ngizalwa?
Kungani ngingazange ngishabalale lapho ngiphuma esibelethweni? +
12 Kungani ngabekwa emathangeni
Futhi kungani kwaba khona amabele okungincelisa?
13 Ngoba manje ngabe ngilele angiphazanyiswa; +
Ngabe ngilele ngiphumule +
14 Kanye namakhosi omhlaba nabeluleki bawo,
Abazakhela izindawo esezingamanxiwa,*
15 Noma nezikhulu ezazinegolide,
Izindlu zazo zigcwele
isiliva.
16 Noma kungani ngingafananga nengane eyafa ngenxa yokuthi unina waphuphunyelwa isisu engazi ukuthi ukhulelwe,
Njengabantwana abangakaze bakubone ukukhanya?
18 Lapho, zonke iziboshwa zikhululekile;
Azilizwa izwi lalowo oziphoqa ukuba zisebenze.
21 Kungani belangazelela ukufa, kodwa kungafiki? +
24 Ngoba esikhundleni sokudla kwami kufika ukububula kwami, +
Ukukhala kwami + kuthululeka njengamanzi.
25 Ngoba lokho obekungethusa kungehlele,
Nalokho ebengikwesaba kungehlele.
26 Angibanga nakho ukuthula, noma ukungaphazanyiswa noma ukuphumula,
Kodwa ngilokhu ngehlelwa izinkinga.”