35 U-Elihu waqhubeka waphendula, wathi:
2 “Ingabe ngempela ucabanga ukuthi ulungile kangangokuba uze uthi,
‘Ngilunge ngaphezu kukaNkulunkulu’? +
3 Ngoba uthi, ‘Kunanzuzoni kuwe?
Kukhona yini engikuzuzile ngenxa yokuthi angonanga?’ +
4 Mina ngizokuphendula
Ngiphendule nabangani bakho + abakanye nawe.
5 Bheka phezulu ezulwini ubone,
Bukisisa amafu, + wona aphakeme kakhulu kunawe.
6 Uma wenza isono, ulimala kanjani yena? +
Uma iziphambeko zakho zanda, yini oyenzayo kuye? +
7 Uma kuwukuthi ulungile, umnikani yena;
Utholani kuwe? +
8 Ububi bakho buthinta umuntu onjengawe kuphela,
Nokulunga kwakho kuthinta abantu kuphela.
9 Abantu bayakhala lapho becindezeleke kakhulu;
Bakhalela usizo ngenxa yabantu abanamandla abalawulayo. +
10 Kodwa akekho othi, ‘Uphi uNkulunkulu, uMenzi wami Omkhulu, +
Lowo obangela ukuba kuculwe izingoma ebusuku?’ +
11 Usifundisa + ngaphezu kwezilwane zomhlaba, +
Asenze sihlakaniphe ukwedlula izinyoni zamazulu.
12 Abantu bayakhala, kodwa akaphenduli, +
Ngenxa yokuqhosha kwababi. +
13 UNkulunkulu akakuzwa ukukhala okungamanga; +
UMninimandla Onke akagxili kukho.
14 Kangakanani-ke lapho ukhala ngokuthi awumboni! +
Icala lakho liphambi kwakhe, ngakho kufanele umlinde. +
15 Ngoba intukuthelo yakhe ayizange imenze afune ulandise;
Futhi akazange akunake ukuphahluka kwakho okwedlulele. +
16 UJobe uwuvula kakhulu umlomo wakhe awuvulele ize;
Ukhuluma kakhulu engenalwazi.” +