Kumqondisi. Ihubo likaDavide.
21 O Jehova, inkosi iyajabula ngamandla akho; +
Ijabula kakhulu ngezenzo zakho zokusindisa! +
2 Uyinike lokho okufiswa yinhliziyo yayo, +
Awusigodlanga isicelo sayo. (Sela)
3 Ngoba uyihlangabeze ngezibusiso ezicebile;
Ubeka umqhele wegolide elicwengiwe ekhanda layo. +
4 Yacela ukuphila kuwe, wayinika kona, +
Ukuphila isikhathi eside, kuze kube phakade naphakade.
5 Izenzo zakho zensindiso ziyilethela inkazimulo enkulu. +
Uyinika isithunzi nobukhazikhazi.
6 Uyibusisa phakade; +
Uyenza ithokoze ngoba unayo. +
7 Ngoba inkosi ithembela kuJehova; +
Ngenxa yothando oluqotho loPhezukonke, ngeke intengantengiswe. +
8 Isandla sakho siyozithola zonke izitha zakho;
Isandla sakho sokudla siyobathola abakuzondayo.
9 Lapho ufika, uyobabhubhisa njengezinto eziphonswa emlilweni.
UJehova uyobaqothula lapho ethukuthele, umlilo uyobashwabadela. +
10 Isizukulwane sabo uyosibhubhisa emhlabeni,
Nenzalo yabo kubantwana babantu.
11 Ngoba babehlose ukwenza okubi kuwe; +
Bacebe amacebo angeke aphumelele. +
12 Uyobenza babaleke +
Lapho ubhekisa ngakubo umnsalo wakho.
13 O Jehova, vuka, ubonise amandla akho.
Sizowahubela izindumiso amandla akho.