Numeri
34 UJehova waqhubeka wathi kuMose: 2 “Yithi kuma-Israyeli: ‘Lapho ningena ezweni laseKhanani, + lelo yizwe eniyonikwa lona libe yifa lenu, izwe laseKhanani ngokwemingcele yalo. +
3 “‘Umngcele wenu ongaseningizimu uyosuka ehlane laseZini eceleni kuka-Edomi, umngcele wenu ongaseningizimu ngasempumalanga uyoqala emaphethelweni oLwandle Lukasawoti. *+ 4 Umngcele wenu uyojika udlule eningizimu yomqansa wase-Akarabimi + uqhubeke uze uyofika eZini, uphelele eningizimu yeKadeshi-barineya. + Uyobe usudlulela eHazari-adari + uze uyofika e-Azimoni. 5 Umngcele uyojika e-Azimoni uye eMhosheni* WaseGibhithe, uphelele oLwandle. *+
6 “‘Umngcele wenu ongasentshonalanga uyoba uLwandle Olukhulu* nezwe elisogwini. Lona kuyoba umngcele wenu ongasentshonalanga. +
7 “‘Lona kuyoba umngcele wenu ongasenyakatho: Umngcele wenu niyowususa oLwandle Olukhulu uye eNtabeni iHori. + 8 Ukusuka eNtabeni iHori umngcele niyowususa eLebo-hamati *+ uphelele eZedadi. + 9 Umngcele uyoze ufike eZifroni, uphelele eHazari-enani. + Lona kuyoba umngcele wenu ongasenyakatho.
10 “‘Umngcele wenu ongasempumalanga kufanele niwususe eHazari-enani uye eShefamu. 11 Umngcele uyosuka eShefamu uye eRibila empumalanga ye-Ayini, wehlele ngasempumalanga yoLwandle LwaseKhinereti. *+ 12 Umngcele uyoze ufike eJordani, uphelele oLwandle Lukasawoti. + Leli kuyoba yizwe lenu + nemingcele yalo.’”
13 Ngakho uMose wayala ama-Israyeli, wathi: “Yileli izwe enizohlukaniselana lona njengefa ngenkatho, + njengoba nje uJehova eyale ukuba linikezwe izizwe ezingu-9 nohhafu. 14 Ngoba isizwe sakwaRubeni ngokwezindlu zoyise, isizwe sakwaGadi ngokwezindlu zoyise kanye nohhafu wesizwe sakwaManase sezilithathile kakade ifa lazo. + 15 Lezi zizwe ezimbili nohhafu kakade sezilithathile ifa lazo empumalanga yesifunda saseJordani ngaseJeriko, lapho kuphuma khona ilanga.” +
16 UJehova waqhubeka wathi kuMose: 17 “Yilawa amagama amadoda azonihlukanisela izwe elizoba yifa lenu: u-Eleyazare + umpristi noJoshuwa + indodana kaNuni. 18 Nizothatha isikhulu esisodwa esizweni ngasinye ukuba sihlukanise izwe njengefa lenu. + 19 Yilawa amagama alawo madoda: esizweni sakwaJuda, + uKalebi + indodana kaJefune; 20 esizweni sabantwana bakwaSimeyoni, + uShemuweli indodana ka-Amihudi; 21 esizweni sakwaBhenjamini, + u-Elidadi indodana kaKisiloni; 22 esizweni sabantwana bakwaDani, + isikhulu, uBhuki indodana kaJogili; 23 kubantwana bakwaJosefa, + esizweni sabantwana bakwaManase, + isikhulu, uHaniyeli indodana ka-Efodi; 24 esizweni sabantwana bakwa-Efrayimi, + isikhulu, uKhemuweli indodana kaShifetani; 25 esizweni sabantwana bakwaZebhuloni, + isikhulu, u-Elizafani indodana kaPharinaki; 26 esizweni sabantwana bakwa-Isakare, + isikhulu, uPhalitiyeli indodana ka-Azani; 27 esizweni sabantwana bakwa-Asheri, + isikhulu, u-Ahihudi indodana kaShelomi; 28 esizweni sabantwana bakwaNafetali, + isikhulu, uPedaheli indodana ka-Amihudi.” 29 Yibo laba uJehova abayala ukuba babele ama-Israyeli izwe ezweni laseKhanani. +