Eksodusi 20:14 INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele 14 “Ungaphingi.+ Levitikusi 18:20 INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele 20 “‘Akumelwe unike umka-mhlobo wakho isidoda sakho ukuze uzingcolise ngalokho.+ Levitikusi 20:10 INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele 10 “‘Indoda ephinga nomfazi wenye indoda ingumuntu ophinga nomfazi womuntu wakubo.+ Kufanele ibulawe nakanjani, isiphingi nesiphingikazi ngokufanayo.+ Duteronomi 22:22 INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele 22 “Uma kwenzeka kutholakala indoda ilele nowesifazane ongumkamuntu,+ khona-ke bobabili kumelwe bafe kanyekanye, indoda elale nalona wesifazane kanye naye owesifazane.+ Kanjalo kumelwe ususe okubi kwa-Israyeli.+ IzAga 6:32 INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele 32 Noma ubani ophinga nowesifazane uswele inhliziyo;+ okwenzayo uchitha owakhe umphefumulo.+ Hebheru 13:4 INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele 4 Umshado mawuhlonishwe yibo bonke, nombhede womshado ungangcoliswa,+ ngoba uNkulunkulu uyozahlulela izifebe neziphingi.+ Jakobe 1:15 INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele 15 Khona-ke isifiso, lapho sesakhekile, sizala isono;+ isono, lapho sesifeziwe, siveza ukufa.+
10 “‘Indoda ephinga nomfazi wenye indoda ingumuntu ophinga nomfazi womuntu wakubo.+ Kufanele ibulawe nakanjani, isiphingi nesiphingikazi ngokufanayo.+
22 “Uma kwenzeka kutholakala indoda ilele nowesifazane ongumkamuntu,+ khona-ke bobabili kumelwe bafe kanyekanye, indoda elale nalona wesifazane kanye naye owesifazane.+ Kanjalo kumelwe ususe okubi kwa-Israyeli.+
4 Umshado mawuhlonishwe yibo bonke, nombhede womshado ungangcoliswa,+ ngoba uNkulunkulu uyozahlulela izifebe neziphingi.+