Jakobe
INcwadi KaJakobe
1 UJakobe,+ inceku+ kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Kristu, ezizweni eziyishumi nambili+ ezihlakazekile:+
Ngiyanibingelela!
2 Kubhekeni njengenjabulo yodwa, bazalwane, lapho nihlangabezana nokulingwa okuhlukahlukene,+ 3 njengoba nazi ukuthi lesi simo esivivinyiwe sokholo lwenu siveza ukukhuthazela.+ 4 Kodwa vumelani ukukhuthazela kuphelelise umsebenzi wako, ukuze nibe abaphelele+ nabaphilile ezicini zonke, abangantuli lutho.+
5 Ngakho, uma noma ubani kini entula ukuhlakanipha,+ makaqhubeke ekucela kuNkulunkulu,+ ngoba ubapha bonke ngesandla esivulekile ngaphandle kokusola;+ uyomnika kona.+ 6 Kodwa makaqhubeke ecela+ ngokholo, engangabazi neze,+ ngoba ongabazayo ufana negagasi lolwandle eliqhutshwa umoya+ lipheshulwa liyiswa ngapha nangapha. 7 Eqinisweni, lowo muntu makangacabangi ukuthi uyokwamukela utho kuJehova;+ 8 ungumuntu omanqikanqika,+ ongagxilile+ ezindleleni zakhe zonke.
9 Kodwa umzalwane ophansi makethabe ngokuphakanyiswa kwakhe,+ 10 nocebile+ ngokuthotshiswa kwakhe, ngoba uyodlula njengembali yezimila.+ 11 Ngoba ilanga liphuma nokushisa kwalo okukhulu libunise izimila, imbali yazo ivuthuluke futhi ubuhle bayo bangaphandle bushabalale. Nesicebi siyobuna kanjalo ezindleleni zaso zokuphila.+
12 Uyajabula umuntu oqhubeka ekhuthazelela ukulingwa,+ ngoba lapho amukeleka uyokwamukela umqhele wokuphila+ [uJehova] awuthembisa labo abaqhubeka bemthanda.+ 13 Uma umuntu elingwa+ makangasho ukuthi: “Ngilingwa uNkulunkulu.” Ngoba uNkulunkulu akanakulingwa ngezinto ezimbi futhi yena ngokwakhe akalingi muntu. 14 Kodwa yilowo nalowo ulingwa ngokuhehwa nangokuhungwa yisifiso sakhe siqu.+ 15 Khona-ke isifiso, lapho sesakhekile, sizala isono;+ isono, lapho sesifeziwe, siveza ukufa.+
16 Ningaduki,+ bazalwane abathandekayo. 17 Zonke izipho ezinhle+ nazo zonke izipho eziphelele zivela phezulu,+ ngoba zehla zivela kuYise wezinkanyiso zasezulwini,+ futhi kuye akukho ukushintshashintsha kokuphenduka kwethunzi.+ 18 Ngoba kwakuyintando+ yakhe, wasizala ngezwi leqiniso,+ ukuba sibe ulibo+ oluthile lwezidalwa zakhe.
19 Yazini lokhu, bazalwane abathandekayo. Wonke umuntu kumelwe asheshe ukuzwa, ephuze ukukhuluma,+ ephuze ukuthukuthela;+ 20 ngoba intukuthelo yomuntu ayikufezi ukulunga kukaNkulunkulu.+ 21 Ngakho lahlani konke ukungcola naleyo nto engadingekile, ububi,+ namukele ngobumnene ukugxiliswa kwezwi+ elikwaziyo ukusindisa imiphefumulo yenu.+
22 Nokho, yibani abenzi bezwi,+ ningabi abalizwayo kuphela, nizikhohlisa ngokucabanga okungamanga.+ 23 Ngoba uma umuntu engumuzwi wezwi, engeyena umenzi,+ lowo ufana nomuntu ozibuka ubuso esibukweni. 24 Ngoba uyazibuka, abese ehamba futhi masinyane akhohlwe ukuthi ungumuntu onjani. 25 Kodwa lowo obukisisa umthetho+ ophelele ongowenkululeko nophikelelayo kuwo, lo muntu, ngoba akabanga umuntu ozwayo oyisikhohlwa kodwa ube ngumenzi womsebenzi,+ uyojabula+ lapho ewenza.
26 Uma umuntu ezibona sengathi ungumkhulekeli oqotho,+ kodwa nokho engalulawuli ulimi lwakhe ngokungathi ngetomu,+ kodwa eqhubeka ekhohlisa inhliziyo yakhe,+ indlela yalo muntu yokukhulekela iyize.+ 27 Indlela yokukhulekela ehlanzekile+ nengangcolile+ ngokombono kaNkulunkulu noBaba wethu yile: ukunakekela izintandane+ nabafelokazi+ osizini lwabo,+ nokuba umuntu azigcine engenalo ibala+ ezweni.+