-
1 AmaKhosi 12:28-30IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
28 Ngemva kokucebisana nabathile, inkosi yenza amathole amabili egolide + yathi kubantu: “Kungaphezu kwamandla enu ukukhuphukela eJerusalema. Nangu uNkulunkulu wakho, Israyeli, owakukhipha ezweni laseGibhithe.” + 29 Elinye walibeka eBhethele, + elinye walibeka kwaDani. + 30 Le nto yabangela ukuba bone, + abantu bahamba baze bafika kwaDani ukuze bakhonze ithole elalilapho.
-
-
1 AmaKhosi 13:33, 34IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
33 Ngisho nangemva kokuba kwenzeke lokhu, uJerobowamu akazange aphenduke endleleni yakhe embi, kodwa waqhubeka ethatha abantu abavamile ebenza abapristi bezindawo eziphakeme. + Noma ubani owayefisa ukuba ngumpristi wayemenza umpristi,* athi: “Makabe ngomunye wabapristi bezindawo eziphakeme.” + 34 Lesi sono esenziwa yindlu kaJerobowamu + sayiholela ekubhujisweni nasekuqothulweni kwayo yasuka ebusweni bomhlaba. +
-