Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • IHubo 22:16-18
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 16 Ngoba izinja zingizungezile; +

      Zingizungeze njengeviyo labenzi bokubi, +

      Njengebhubesi, zisezandleni nasezinyaweni zami. +

      17 Ngingawabala wonke amathambo ami. +

      Izitha ziyangibheka, zingigqolozele.

      18 Zihlukaniselana ngezingubo zami,

      Zenza inkatho ngezingubo zami. +

  • Isaya 53:1-12
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 53 Ubani obe nokholo entweni ayizwe ngathi? *+

      Ingalo kaJehova + yambulelwe bani? +

       2 Inceku iyovela njengehlumela + phambi kwakhe,* nanjengempande ezweni elingenamanzi.

      Ayinaso isithunzi futhi ayikhazimuli; +

      Indlela ebukeka ngayo ayisenzi sisondele kuyo uma siyibona.*

       3 Wadelelwa wagwenywa ngabantu, +

      Umuntu okwakumele ezwe* ubuhlungu, owayejwayelene nokugula.

      Kwakunjengokungathi ubuso bakhe babufihliwe kithi.*

      Wadelelwa, futhi sambheka njengongento yalutho. +

       4 Ngempela yena wathwala ukugula kwethu, +

      Nezinhlungu zethu. +

      Kodwa sambheka njengoshaywe ngenhlupho, oshaywe uNkulunkulu nohlushwayo.

       5 Wahlatshwa + ngenxa yesiphambeko sethu; +

      Wahlukunyezwa kakhulu ngenxa yezono zethu. +

      Wathwala isijeziso ukuze sibe nokuthula, +

      Ngenxa yamanxeba akhe selashwa. +

       6 Sonke siye sanhlanhlatha njengezimvu, +

      Ngamunye wahamba endleleni yakhe,

      UJehova ubangele ukuba athwale sonke isono sethu. +

       7 Wacindezelwa, + wavuma ukuba ahlushwe, +

      Kodwa wayengawuvuli umlomo wakhe.

      Walethwa njengemvu izohlatshwa, +

      Njengemvu ethule phambi kwabagundi bayo,

      Wayengathi vu ngomlomo wakhe. +

       8 Ngenxa yokucindezelwa* nokwahlulelwa, ukuphila kwakhe kwasuswa;*

      Ubani oyozikhathaza ngemininingwane yesizukulwane sakhe?*

      Ngoba wanqunywa ezweni labaphilayo; +

      Wathola umvimbo* ngenxa yesono sabantu bakithi. +

       9 Ingcwaba lakhe lalabelwe ukuba libe* kanye nababi, +

      Wangcwatshwa kanye nezicebi, +

      Nakuba ayengenzanga lutho olubi*

      Kungekho nkohliso emlonyeni wakhe. +

      10 Kodwa kwakuyintando kaJehova ukuba* ahlukunyezwe, wamyeka wagula.

      Uma uyonikela ukuphila kwakhe njengomnikelo wecala, +

      Uyobona inzalo* yakhe, andise izinsuku zakhe, +

      Ngaye intando kaJehova iyogcwaliseka. *+

      11 Ngenxa yosizi analo, uyobona aneliseke.

      Ngolwazi lwakhe olungile, inceku yami, +

      Uyoholela abantu abaningi ekulungeni +

      Athwale nezono zabo. +

      12 Ngaleso sizathu ngizomabela isabelo phakathi kwabaningi,

      Uyohlukanisa impango nabanamandla,

      Ngenxa yokuthi wathulula ukuphila kwakhe ngisho nasekufeni +

      Wabalwa kanye nezeqamthetho; +

      Wathwala isono sabantu abaningi, +

      Walamulela izeqamthetho. +

  • Daniyeli 9:26
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 26 “Ngemva kwamasonto angu-62, uMesiya uyonqunywa *+ angasalelwa lutho. +

      “Abantu bomholi ozayo bayocekela phansi idolobha nendawo engcwele. + Isiphelo salo siyoba ngesikhukhula. Kuyoba nempi kuze kube sekupheleni; uNkulunkulu unqumile ukuthi kuyoba nencithakalo. +

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela