Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Mathewu 12:9-14
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 9 Ngemva kokuhamba kuleyo ndawo wangena esinagogeni labo, 10 futhi kwakukhona umuntu onesandla esishwabene! *+ Ngakho bambuza bathi, “Kungokomthetho yini ukwelapha ngeSabatha?” ukuze bambeke icala. + 11 Wathi kubo: “Uma umuntu enemvu eyodwa bese leyo mvu iwela emgodini ngeSabatha, ubani phakathi kwenu ongeke ayibambe ayikhiphe? + 12 Umuntu ubaluleke ngisho nakakhulu kunemvu! Ngakho kungokomthetho ukwenza into enhle ngeSabatha.” 13 Ngemva kwalokho wathi kulo muntu: “Yelula isandla sakho.” Waselula, saphila saba njengesinye. 14 Kodwa abaFarisi baphuma bamakhela uzungu ukuze bambulale.

  • Marku 3:1-6
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 3 Waphinde wangena esinagogeni, kwakukhona umuntu onesandla esishwabene* lapho. + 2 Ngakho babembukisisa ukuze babone ukuthi uzomelapha yini lo muntu ngeSabatha, ukuze bambeke icala. 3 Wathi kulo muntu onesandla esishwabene:* “Sukuma uze phakathi nendawo.” 4 Wabe esethi kubo: “Ingabe kungokomthetho ukwenza isenzo esihle noma esibi ngeSabatha, ukusindisa ukuphila noma ukubulala?” + Kodwa bathula. 5 Ngemva kokubabuka ethukuthele, elusizi kakhulu ngenxa yokungazweli kwezinhliziyo zabo, + wathi kulo muntu: “Yelula isandla sakho.” Waselula, isandla sakhe saphila. 6 Bebona lokho, abaFarisi baphuma, ngokushesha baqala ukucebisana ngaye benamalungu eqembu likaHerode + ukuze bambulale.

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela