Eyokuqala YaMakhosi
15 Ngonyaka ka-18 weNkosi uJerobowamu + indodana kaNebhati, u-Abhiyamu waba yinkosi kwaJuda. + 2 Wabusa iminyaka emithathu eJerusalema. Igama likanina kwakunguMahakha + umzukulu ka-Abhishalomu. 3 Wenza izono ezifanayo nalezo uyise ayezenzile ngaphambi kwakhe, inhliziyo yakhe yayingazinikele ngokuphelele* kuJehova uNkulunkulu wakhe njengenhliziyo kaDavide ukhokho wakhe. 4 Nokho, ngenxa kaDavide, + uJehova uNkulunkulu wakhe wanika u-Abhiyamu isibani eJerusalema + ngokuvusa indodana yakhe ngemva kwakhe nangokugcina iJerusalema likhona. 5 Ngoba uDavide wenza okulungile emehlweni kaJehova, akazange aphambuke kukho konke ayemyale ngakho zonke izinsuku zokuphila kwakhe, ngaphandle kwasendabeni ka-Uriya umHeti. + 6 Kwakunempi phakathi kukaRehobowamu noJerobowamu zonke izinsuku zokuphila kwakhe. +
7 Ngokuqondene nawo wonke omunye umlando ka-Abhiyamu, konke akwenza, kulotshiwe encwadini yomlando wamakhosi akwaJuda. + Kwakunempi naphakathi kuka-Abhiyamu noJerobowamu. + 8 Ngemva kwalokho u-Abhiyamu washona, wangcwatshwa eDolobheni LikaDavide; u-Asa indodana yakhe + waba yinkosi esikhundleni sakhe. +
9 Ngonyaka ka-20 wokubusa kukaJerobowamu inkosi yakwa-Israyeli, u-Asa waba yinkosi kwaJuda. 10 Wabusa iminyaka engu-41 eJerusalema. Igama likagogo wakhe kwakunguMahakha + umzukulu ka-Abhishalomu. 11 U-Asa wenza okulungile emehlweni kaJehova, + njengoDavide ukhokho wakhe. 12 Waxosha izifebe zesilisa zasethempelini ezweni + wasusa nazo zonke izithixo ezinyanyekayo* okhokho bakhe ababezenzile. + 13 Wasusa ngisho nogogo wakhe uMahakha + esikhundleni sakhe sokuba yindlovukazi, ngoba wayenze isithixo esinengekayo ukuze sisetshenziswe ekukhonzeni isigxobo esingcwele.* U-Asa wasigawula isithixo sakhe esinengekayo + wasishisa eSigodini SaseKidroni. + 14 Kodwa izindawo eziphakeme azizange zisuswe. + Noma kunjalo, inhliziyo ka-Asa yayizinikele ngokuphelele* kuJehova kukho konke ukuphila kwakhe. 15 Wangenisa endlini kaJehova izinto yena noyise ababezenze zaba ngcwele—isiliva, igolide nezinto ezihlukahlukene. +
16 Kwakuhlale kunempi phakathi kuka-Asa noBhahasha + inkosi yakwa-Israyeli. 17 Ngakho uBhahasha inkosi yakwa-Israyeli wakhuphuka wahlasela uJuda waqala nokwakha* iRama, + ukuze angavumeli muntu ukuba aphume noma angene ku-Asa* inkosi yakwaJuda. + 18 U-Asa wabe esethatha lonke isiliva negolide elalisele endlini yengcebo kaJehova nasendlini* yengcebo yenkosi walinika izinceku zakhe. Ngemva kwalokho iNkosi u-Asa yazithuma kuBheni-hadadi indodana kaThabhirimoni indodana kaHeziyoni, inkosi yaseSiriya, + owayehlala eDamaseku, yathi: 19 “Kukhona isivumelwano phakathi kwami nawe naphakathi kukababa noyihlo. Ngikuthumelela isipho sesiliva negolide. Woza uzophula isivumelwano sakho noBhahasha inkosi yakwa-Israyeli, ukuze angiyeke.” 20 UBheni-hadadi wayilalela iNkosi u-Asa, wathumela izinduna zamabutho akhe ukuba ziyolwa namadolobha akwa-Israyeli, zanqoba i-Ijoni, + uDani, + i-Abela-bheti-mahakha, lonke iKhinereti nalo lonke izwe lakwaNafetali. 21 Lapho uBhahasha ezwa ngakho, wayeka ngokushesha ukwakha* iRama waqhubeka ehlala eTiriza. + 22 INkosi u-Asa yabe isibiza wonke uJuda—akekho noyedwa owasala—bathatha amatshe nezingodo ezaziseRama uBhahasha ayekade akha ngakho, iNkosi u-Asa yakha* ngakho iGeba + kwaBhenjamini neMispa. +
23 Ngokuqondene nawo wonke omunye umlando ka-Asa, wonke amandla akhe nakho konke akwenza namadolobha awakha,* kulotshiwe encwadini yomlando wamakhosi akwaJuda. Kodwa lapho esegugile waphathwa yisifo sezinyawo. + 24 Ekugcineni u-Asa washona* wangcwatshwa kanye nabo eDolobheni LikaDavide ukhokho wakhe; uJehoshafati + indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
25 UNadabi + indodana kaJerobowamu waba yinkosi phezu kuka-Israyeli ngonyaka wesibili wokubusa kuka-Asa inkosi yakwaJuda, wabusa phezu kuka-Israyeli iminyaka emibili. 26 Wayelokhu enza okubi emehlweni kaJehova, wahamba endleleni kayise + nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli. + 27 UBhahasha indodana ka-Ahiya wendlu ka-Isakare wamakhela uzungu, uBhahasha wambulala eGibhethoni, okwakungelamaFilisti, ngesikhathi uNadabi no-Israyeli wonke bevimbezele iGibhethoni. + 28 Ngakho uBhahasha wambulala ngonyaka wesithathu wokubusa kuka-Asa inkosi yakwaJuda, waba yinkosi esikhundleni sakhe. 29 Ngokushesha nje lapho eba yinkosi, wayibulala yonke indlu kaJerobowamu. Akavumelanga ukuba kusale ngisho noyedwa ophefumulayo ongokaJerobowamu; wababhuqa bonke ngokuvumelana nezwi uJehova ayelikhulume ngenceku yakhe u-Ahiya waseShilo. + 30 Lokhu kwakungenxa yezono uJerobowamu azenza nabangela u-Israyeli ukuba azenze nangenxa yokuthi wayecasule uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli. 31 Ngokuqondene nawo wonke omunye umlando kaNadabi, konke akwenza, kulotshiwe encwadini yomlando wamakhosi akwa-Israyeli. 32 Kwakuhlale kunempi phakathi kuka-Asa noBhahasha inkosi yakwa-Israyeli. +
33 Ngonyaka wesithathu wokubusa kuka-Asa inkosi yakwaJuda, uBhahasha indodana ka-Ahiya waba yinkosi eTiriza phezu kwawo wonke u-Israyeli, wabusa iminyaka engu-24. + 34 Kodwa wenza okubi emehlweni kaJehova, + wahamba endleleni kaJerobowamu nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli. +