IzAga
2 Inceku enokuqondisisa iyobusa indodana eziphatha ngokuhlazisayo;
Iyothola ifa njengomunye wezelamani.
3 Imbiza yokucwenga ingeyesiliva nesithando somlilo singesegolide, +
Kodwa uJehova ungumhloli wezinhliziyo. +
5 Noma ubani omhleka usulu ohluphekayo uhlambalaza uMenzi wakhe, +
Nanoma ubani ojabula ngenhlekelele yomunye ngeke angajeziswa. +
7 Abantu abakulindele ukuba isiphukuphuku sikhulume into efanele. *+
Abalindele ngisho nakakhulu ukuba umbusi* aqambe amanga! +
9 Noma ubani othethelela* isiphambeko ufuna uthando, +
Kodwa lowo oqhubeka ekhuluma ngendaba uhlukanisa abangani abakhulu. +
11 Umuntu omubi ufuna ukudlubulunda nje kuphela,
Kodwa isithunywa esinesihluku siyothunywa ukuba simjezise. +
12 Kungcono ukuhlangana nebhere elifelwe amawundlu alo
Kunokuhlangana nomuntu oyisiwula ebuwuleni bakhe. +
15 Noma ubani othi omubi akanacala nanoma ubani othi olungile unecala +
—Bobabili bayanengeka kuJehova.
16 Kusiza ngani ukuthi isiphukuphuku sinendlela yokuzuza ukuhlakanipha
18 Umuntu ontula ukuhlakanipha* wenza isifungo*
Sokuthi uzosikhokha isikweletu somunye umuntu phambi kukamakhelwane wakhe. +
19 Othanda ingxabano uzowela esiphambekweni. +
Noma ubani oyenza iphakame indlela yakhe engenayo uzibizela ukuphahlazeka. +
24 Ukuhlakanipha kuphambi komuntu oqondayo,
Kodwa amehlo esiphukuphuku aqalaza kuze kube semaphethelweni omhlaba. +
28 Ngisho nesiwula esithulayo siyobhekwa njengohlakaniphile,
Novala izindebe zakhe uyobhekwa njengonokuqonda.