IzAga
10 Izaga zikaSolomoni. +
Indodana ehlakaniphile yenza uyise ajabule, +
Kodwa eyisiphukuphuku iwusizi lukanina.
2 Ingcebo etholakale ngobubi ngeke izuzise,
Kodwa ukwenza okulungile yikho okukhulula ekufeni. +
3 UJehova ngeke abangele ukuba olungile alambe, +
Kodwa omubi uyomncisha lokho akuhalelayo.
5 Indodana eyenza ngokuqondisisa ibutha isivuno ngesikhathi sasehlobo,
Kodwa indodana eyenza ngokuhlazisayo ilele zwi ngesikhathi sokuvuna. +
6 Izibusiso zisekhanda lolungile, +
Kodwa umlomo womubi ufihla ubudlova.
8 Ohlakaniphile enhliziyweni uyozamukela iziqondiso, *+
Kodwa okhuluma ubuwula uyonyathelwa phansi. +
12 Yinzondo ephehla imibango,
Kodwa uthando lumboza zonke izeqo. +
13 Ezindebeni zomuntu oqondayo kutholakala ukuhlakanipha, +
15 Ingcebo* yesigwili iyidolobha laso elinezivikelo eziqinile.
Incithakalo yabantu abahluphekayo ingubumpofu babo. +
16 Umphumela womsebenzi wolungile ungukuphila;
Kodwa umkhiqizo womubi uyisono. +
17 Olalela isiyalo uyindlela* eya ekuphileni,
Kodwa ongakunaki ukusolwa uphambukisa abanye.
19 Lapho amazwi emaningi, akwenzeki kungabi nasiphambeko, +
Kodwa noma ubani olawula izindebe zakhe wenza ngokuqonda. +
20 Ulimi lolungile lunjengesiliva lekhethelo, +
Kodwa inhliziyo yomubi ayibaluleke ngalutho.
21 Izindebe zolungile zondla* abantu abaningi, +
Kodwa abayiziwula bayafa ngenxa yokuntula ukuhlakanipha. +
23 Ukuziphatha okuhlazisayo kufana nomdlalo koyisiphukuphuku,
Kodwa ukuhlakanipha kungokomuntu onokuqonda. +
24 Lokho omubi akwesabayo kuyomfikela;
Kodwa olungile uyonikwa akufisayo. +
25 Lapho isivunguvungu sidlula, omubi uyobe engasekho, +
Kodwa olungile unjengesisekelo esimi kuze kube phakade. +
26 Njengoviniga emazinyweni nanjengentuthu emehlweni,
Unjalo umuntu oyivila kulowo omthumayo.*
31 Umlomo wolungile uveza ukuhlakanipha,
Kodwa ulimi olukhohlakele luyonqunywa.
32 Izindebe zolungile ziyakwazi okujabulisayo,
Kodwa umlomo womubi wonakele.