U-Isaya
54 “Memeza ngenjabulo, wena wesifazane oyinyumba! +
Thokoza umemeze ngenjabulo, + wena ongakaze uzizwe izinhlungu zokubeletha, +
Ngoba abantwana* bowesifazane olahliwe baningi kakhulu
Kunabantwana bonomyeni,” + kusho uJehova.
2 “Yenza indawo yetende lakho ibe banzi. +
Yelula izindwangu zetende zetabernakele lakho elikhulu.
Ungazigodli, yelula izintambo zetende lakho,
Qinisa izikhonkwane zetende lakho. +
3 Ngoba uyosabalala ngakwesokudla nangakwesobunxele.
Inzalo yakho iyodla ifa lezizwe,
Iyohlala emadolobheni ayincithakalo. +
Uyolikhohlwa ihlazo lesikhathi sobusha bakho,
Nehlazo lobufelokazi bakho ngeke usalikhumbula.”
5 “Ngoba uMenzi + wakho Omkhulu unjengomyeni wakho, +
NguJehova wamabutho igama lakhe,
ONgcwele ka-Israyeli unguMhlengi wakho. +
Uyobizwa ngokuthi uNkulunkulu wawo wonke umhlaba. +
6 UJehova wakubiza njengokungathi ubuyinkosikazi elahliwe nesosizini, *+
Njengenkosikazi eyashada isencane ngemva kwalokho yaliwa,” kusho uNkulunkulu wakho.
8 Ngentukuthelo enkulu ngakufihlela ubuso bami umzuzwana, +
Kodwa ngothando oluqotho oluhlala njalo, ngizoba nesihe kuwe,” + kusho uMhlengi wakho, + uJehova.
9 “Lokhu kunjengasezinsukwini zikaNowa kimi. +
Njengoba ngafunga ukuthi amanzi kaNowa ngeke esawumboza umhlaba, +
Kanjalo ngiyafunga ukuthi ngeke ngisakuthukuthelela noma ngikusole. +
10 Izintaba zingasuswa
Namagquma angazanyazanyiswa,
Kodwa uthando lwami oluqotho ngeke lususwe kuwe, +
Nesivumelwano sami sokuthula ngeke sinyakaziswe,” + kusho uJehova, Lowo okubonisa isihe. +
11 “O wena wesifazane ohluphekayo, + ohlukunyeziwe nongaduduzwa, +
Ngibeka amatshe akho ngodaka
Nesisekelo sakho ngamasafire. +
12 Ngiyokwenza imibhoshongo yakho ngamarubi,
Amasango akho ngamatshe abenyezelayo,*
Nayo yonke imingcele yakho ngamatshe ayigugu.
14 Uyomiswa uqine ngokulunga. +
15 Uma kwenzeka kuba khona okuhlaselayo,
Uyobe engayalwanga yimi.
Noma ubani okuhlaselayo uyomnqoba.” +
Mina uqobo ngidale nomuntu oqothulayo ukuze acekele phansi. +
17 Asikho isikhali esenzelwe ukulwa nawe esiyoke siphumelele, +
Uyolahla noma yiluphi ulimi olukumangalelayo.
Leli yifa lezinceku zikaJehova,
Ukulunga kwazo kuvela kimi,” kusho uJehova. +