Levitikusi
3 “‘Uma umnikelo wakhe ungumhlatshelo ohlanganyelwayo *+ futhi uma ewuletha uvela emhlanjini wezinkomo, kungakhathaliseki ukuthi iduna noma insikazi, kufanele alethe isilwane esiphile kahle phambi kukaJehova. 2 Kufanele abeke isandla sakhe ekhanda lomnikelo wakhe, uzohlatshelwa emnyango wetende lokuhlangana; amadodana ka-Aroni, abapristi, azofafaza igazi nxazonke ze-altare. 3 Uzoletha ingxenye yomhlatshelo ohlanganyelwayo ibe umnikelo oshiswa emlilweni oya kuJehova: + umhlwehlwe + omboze amathumbu, wonke umhlwehlwe ozungeze amathumbu, 4 nezinso zombili eziseduze kwezinkalo namanoni akuzo. Uzosusa namafutha asesibindini kanye nezinso. + 5 Amadodana ka-Aroni azowushunqisa e-altare phezu komnikelo oshiswayo obekwe phezu kwezinkuni ezisemlilweni; + ungumnikelo oshiswa emlilweni njengephunga elimnandi* kuJehova. +
6 “‘Uma umnikelo wakhe womhlatshelo ohlanganyelwayo azowunikela kuJehova uthathwe emhlanjini wezimvu nezimbuzi, uzoletha isilwane esiphile kahle seduna noma sensikazi. + 7 Uma eletha iwundlu eliyiduna elingumnikelo wakhe, uzoliletha phambi kukaJehova. 8 Uzobeka isandla sakhe ekhanda lomnikelo wakhe, uzohlatshelwa phambi kwetende lokuhlangana. Amadodana ka-Aroni azofafaza igazi lawo nxazonke ze-altare. 9 Uzoletha amanoni avela emhlatshelweni ohlanganyelwayo awumnikelo oshiswa emlilweni oya kuJehova. + Uzowususa wonke umsila ononile eduze komgogodla, umhlwehlwe omboze amathumbu, wonke umhlwehlwe ozungeze amathumbu, 10 nezinso zombili ezinamanoni eziseduze kwezinkalo. Uzosusa namafutha asesibindini kanye nezinso. + 11 Umpristi uzokushunqisa phezu kwe-altare njengokudla,* umnikelo oya kuJehova oshiswa emlilweni. +
12 “‘Uma umnikelo wakhe kuyimbuzi, uzoyiletha phambi kukaJehova. 13 Uzobeka isandla sakhe phezu kwekhanda layo, izohlatshelwa phambi kwetende lokuhlangana, amadodana ka-Aroni kumele afafaze igazi layo nxazonke ze-altare. 14 Ingxenye azoyiletha ezoba umnikelo wakhe oshiswa emlilweni oya kuJehova wumhlwehlwe omboze amathumbu, wonke umhlwehlwe ozungeze amathumbu, + 15 nezinso zombili ezinamanoni eziseduze kwezinkalo. Uzosusa namafutha asesibindini kanye nezinso. 16 Umpristi uzokushunqisa phezu kwe-altare njengokudla,* umnikelo oshiswa emlilweni oyiphunga elimnandi.* Wonke amanoni akaJehova. +
17 “‘Lona umthetho waphakade wezizukulwane zenu, kuzo zonke izindawo enihlala kuzo: Akumele neze nidle noma yimaphi amanoni nanoma yiliphi igazi.’” +