96 Hubelani uJehova ingoma entsha. +
Culelani uJehova, nonke nina bantu basemhlabeni! +
2 Hubelani uJehova; dumisani igama lakhe.
Usuku nosuku memezelani izindaba ezinhle zensindiso yakhe. +
3 Memezelani inkazimulo yakhe phakathi kwezizwe,
Imisebenzi yakhe emangalisayo kuzo zonke izizwe. +
4 UJehova mkhulu futhi ukufanelekela kakhulu ukudunyiswa.
Uyesabeka ngaphezu kwabo bonke abanye onkulunkulu.
5 Bonke onkulunkulu bezizwe bangonkulunkulu abangasizi ngalutho, +
Kodwa uJehova nguye owadala amazulu. +
6 Uzungezwe ubukhulu nobukhazikhazi; +
Amandla nobuhle kusendlini yakhe engcwele. +
7 Dumisani uJehova, nina mindeni yezizwe,
Dumisani uJehova ngenxa yenkazimulo namandla akhe. +
8 Nikani uJehova inkazimulo efanele igama lakhe; +
Lethani isipho ningene emagcekeni akhe.
9 Khothamani kuJehova nembethe izingubo ezingcwele;
Thuthumelani phambi kwakhe mhlaba wonke!
10 Memezelani ezizweni, nithi: “UJehova useyiNkosi! +
Umhlaba umiswe waqina, awunakunyakaziswa.
Uyokwahlulela izizwe ngobulungisa.” +
11 Amazulu mawathokoze, nomhlaba mawujabule;
Ulwandle maludume nakho konke okukulo; +
12 Amathafa nakho konke okukuwo makuthokoze. +
Ngesikhathi esifanayo zonke izihlahla ezisehlathini mazimemeze ngenjabulo +
13 Phambi kukaJehova ngoba uyeza,
Uyeza uzokwahlulela umhlaba.
Uzokwahlulela abahlala emhlabeni ngokulunga +
Nezizwe ngokuthembeka kwakhe. +