U-Isaya
51 “Ngilaleleni nina enifuna ukulunga,
Nina enifuna uJehova.
Bhekani idwala enasikwa kulo
Nenkwali enambiwa kuyo.
3 UJehova uyoliduduza iZiyoni. +
Uyoziduduza zonke izindawo zalo ezibhuqiwe, +
Uyokwenza ihlane lalo libe njenge-Edene +
Nethafa lalo eliwugwadule libe njengengadi kaJehova. +
Intokozo nenjabulo kuyotholakala kulo,
Ukubonga nengoma emnandi. +
5 Ukulunga kwami kuyasondela. +
6 Phakamiselani amehlo enu emazulwini,
Bese nibuka phansi emhlabeni.
Ngoba amazulu ayonyamalala njengentuthu;
Umhlaba uyoguga njengengubo,
Abahlala kuwo bayofa njengensensane.*
Ningakwesabi ukuklolodelwa abantu,
Ningethuki ngenxa yezinhlamba zabo.
Kodwa ukulunga kwami kuyoba khona kuze kube phakade,
Nensindiso yami ibe kuzo zonke izizukulwane.” +
Vuka njengasezinsukwini zakudala, njengasezizukulwaneni ezadlula.
10 Akuwena yini owomisa ulwandle, amanzi asendaweni ejulile? +
Owenza ukujula kolwandle kwaba umgwaqo wokuwela abahlengiwe? +
11 Abakhululiwe bakaJehova bayobuya. +
Bayothokoza bajabule,
Usizi nokububula kubaleke. +
Kungani kufanele wesabe umuntu ozokufa +
Nendodana yomuntu eyobuna njengotshani obuluhlaza?
Usuku lonke wawulokhu wesaba ulaka lomcindezeli,*
Njengokungathi wayengakuqothula.
Luphi-ke ulaka lomcindezeli?
15 Kodwa mina nginguJehova uNkulunkulu wakho,
Onyakazisa ulwandle enze amagagasi alo ahlokome +
—NguJehova wamabutho igama lakhe. +
16 Ngizofaka amazwi ami emlonyeni wakho,
Ngikumboze ngethunzi lesandla sami, +
Ukuze ngitshale amazulu ngibeke nesisekelo somhlaba +
Ngithi kulo iZiyoni, ‘Uyisizwe sami.’ +
Uyiphuzile indebe;
Uyiminyile indebe ebangela ukudiyazela. +
18 Akukho neyodwa kuwo wonke amadodana alo elawazala ezolihola,
Akukho neyodwa kuwo wonke amadodana elawakhulisa ebambe isandla salo.
19 Lezi zinto ezimbili zikwehlele.
Ubani ozozwelana nawe?
Ukubhujiswa nokucekelwa phansi, indlala nenkemba! +
Ubani ozokududuza? +
20 Amadodana akho aqulekile. +
Alele kuwo wonke amakhona emigwaqo*
Njengezimvu zasendle enethini.
Ulaka lukaJehova luthululelwe kuwo, ukukhuza kukaNkulunkulu wakho.”
21 Ngakho ngicela ulalele lokhu,
Wena wesifazane ohluphekayo nodakiwe, kodwa ongadakiwe yiwayini.
22 Yilokhu iNkosi yakho uJehova ekushoyo, uNkulunkulu wakho olwela abantu bakhe:
“Bheka! Ngiyoyithatha esandleni sakho indebe ebangela ukudiyazela, +
Isitsha sokuphuza, indebe yolaka lwami;
Ngeke uphinde uyiphuze. +
23 Ngizoyibeka esandleni salabo abakuhluphayo, +
Labo abathe kuwe, ‘Khothama ukuze sihambe phezu kwakho!’
Ngakho umhlane wakho wawenza waba njengomhlabathi,
Njengomgwaqo ukuze bahambe kuwe.”