UMika
Bashaya umahluleli ka-Israyeli ngenduku esihlathini. +
Wena omncane kakhulu ukuba ube phakathi kwemindeni* yakwaJuda,
Kuwe ngiyophunyelwa ozoba umbusi kwa-Israyeli, +
Osiqalo sakhe sisukela ezikhathini zasendulo, ezinsukwini zakudala.
3 Ngakho uyobanikela
Kuze kube yisikhathi lapho obelethayo ebeletha.
Bonke abanye abafowabo bayobuyela kubantu bakwa-Israyeli.
Uma kwenzeka umAsiriya ehlasela izwe lakithi, anyathele imibhoshongo yethu eqinile, +
Siyomvusela abelusi abayisikhombisa bamelane naye, yebo, izikhulu* zesintu ezingu-8.
Uyosikhulula kumAsiriya +
Lapho ehlasela izwe lakithi, enyathela endaweni yakithi.
7 Abasele bakaJakobe bayoba phakathi kwezizwe eziningi
Njengamazolo avela kuJehova,
Njengezihlambi zemvula ezimatisa izitshalo
Ezingathembele kumuntu
Noma ezingalindeli amadodana abantu.
8 Abasele bakaJakobe bayoba phakathi kwezizwe,
Phakathi kwezizwe eziningi,
Njengebhubesi phakathi kwezilwane eziyingozi zasendle,
Njengebhubesi eliselincane* phakathi kwemihlambi yezimvu,
Elidlulayo linyathele futhi lidwengule;
Angabi khona ozobakhulula.
9 Isandla sakho siyophakama ngaphezu kwabaphikisana nawe,
Zonke izitha zakho ziyobhujiswa.”
10 “Ngalolo suku,” kusho uJehova,
“Ngiyowaqeda amahhashi akho ngibhubhise nezinqola zakho.
11 Ngiyobhubhisa amadolobha ezwe lakho
Ngidilize zonke izindawo zakho ezinezivikelo eziqinile.
13 Ngiyobhubhisa izithombe zakho ezibaziwe nezinsika zakho phakathi kwakho,
Ngeke uphinde ukhothamele imisebenzi yezandla zakho. +
15 Ngentukuthelo nangolaka ngiyophindisela
Ezizweni ezingalalelanga.”