Numeri
20 Ngenyanga yokuqala, yonke inhlangano yama-Israyeli yafika ehlane laseZini, abantu baqala ukuhlala eKadeshi. + Yilapho uMiriyamu + afela khona wangcwatshelwa khona.
2 Manje kwakungekho manzi ayengasetshenziswa inhlangano, + ngakho yaqoqana ndawonye yamelana noMose no-Aroni. 3 Abantu babexabana noMose + bethi: “Ukube safa ngesikhathi kufa abafowethu phambi kukaJehova! 4 Nililetheleni ibandla likaJehova kuleli hlane ukuba sifele lapha thina nemfuyo yethu? + 5 Nisiholeleni nasikhipha eGibhithe ukuze nisilethe kule ndawo embi? + Akuyona indawo yembewu namakhiwane nemivini namahalananda, awekho namanzi okuphuza.” + 6 UMose no-Aroni baphuma phambi kwebandla baya emnyango wetende lokuhlangana bakhothama phansi emhlabathini, inkazimulo kaJehova yaqala ukubonakala kubo. +
7 UJehova wathi kuMose: 8 “Thatha induku ubizele inhlangano ndawonye, wena no-Aroni umfowenu, nikhulume nedwala phambi kwayo ukuba likhiphe amanzi alo, uzobakhiphela amanzi edwaleni uphuzise + inhlangano nemfuyo yayo.”
9 Ngakho uMose wayithatha induku phambi kukaJehova, + njengoba nje ayemyalile. 10 Ngemva kwalokho uMose no-Aroni babizela ibandla ndawonye phambi kwedwala, wayesethi kulo: “Lalelani lana nina zidlubulundi! Ingabe kumele sinikhiphele amanzi kuleli dwala?” + 11 UMose wabe esephakamisa isandla sakhe washaya idwala kabili ngenduku yakhe, kwaqala ukuphuma amanzi amaningi, inhlangano yaphuza + kanye nemfuyo yayo.
12 Kamuva uJehova wathi kuMose no-Aroni: “Ngenxa yokuthi anizange nibonise ukholo kimi ningingcwelise phambi kwabantu bakwa-Israyeli, ngeke nilingenise leli bandla ezweni engiyolinika lona.” + 13 Lawa amanzi aseMeriba, *+ lapho ama-Israyeli axabana khona noJehova, wangcweliswa phakathi kwawo.
14 Ngemva kwalokho uMose wathuma izithunywa beseKadeshi ukuba ziye enkosini yakwa-Edomi, + wathi: “Yilokhu okushiwo umfowenu u-Israyeli, + ‘Ubazi kahle bonke ubunzima esidlule kubo. 15 Obaba baya eGibhithe, + sahlala eGibhithe iminyaka* eminingi, + abaseGibhithe basiphatha kabi thina nobaba. + 16 Ekugcineni sakhala kuJehova, + wasizwa, wathumela ingelosi + wasikhipha eGibhithe, manje silapha eKadeshi, idolobha elisemngceleni wendawo yakho. 17 Sicela usivumele sinqamule ezweni lakho. Ngeke sinqamule kunoma iyiphi insimu noma isivini, futhi ngeke siwaphuze amanzi kunoma yimuphi umthombo. Sizohamba ngoMgwaqo Wenkosi singaphambukeli kwesokudla noma kwesobunxele, size sidlule endaweni yakho.’” +
18 Nokho, u-Edomi wathi kuye: “Unganqamuli endaweni yethu. Uma unqamula, ngizophuma ngikuhlangabeze ngenkemba.” 19 Ama-Israyeli wona athi kuye: “Sizonyuka ngomgwaqo omkhulu, uma thina nemfuyo yethu siphuza amanzi akho, sizowakhokhela. + Asifuni lutho ngaphandle kokunqamula ngezinyawo zethu.” + 20 Noma kunjalo wathi: “Unganqamuli.” + U-Edomi waphuma nabantu abaningi nebutho* elinamandla ukuze ayolwa naye. 21 U-Edomi wenqaba ukuvumela u-Israyeli ukuba anqamule endaweni yakhe; ngakho u-Israyeli wasuka kuye. +
22 Abantu bakwa-Israyeli, yonke inhlangano, basuka eKadeshi bafika eNtabeni iHori. + 23 UJehova wathi kuMose no-Aroni eNtabeni iHori ngasemngceleni wezwe lakwa-Edomi: 24 “U-Aroni uzofa angcwatshwe njengoba kwangcwatshwa abantu bakubo. *+ Ngeke angene ezweni engizolinika ama-Israyeli ngoba nobabili nadlubulunda emyalweni wami ophathelene namanzi aseMeriba. + 25 Thatha u-Aroni nendodana yakhe u-Eleyazare ukhuphukele nabo eNtabeni iHori. 26 Khumula u-Aroni izingubo zakhe, + uzigqokise u-Eleyazare + indodana yakhe, u-Aroni uzofela lapho.”*
27 Ngakho uMose wenza njengoba nje uJehova ayemyalile, bakhuphuka iNtaba iHori phambi kwayo yonke inhlangano. 28 UMose wabe esekhumula u-Aroni izingubo zakhe wazigqokisa u-Eleyazare indodana yakhe. Ngemva kwalokho u-Aroni wafela lapho esiqongweni sentaba. + UMose no-Eleyazare behla entabeni. 29 Lapho yonke inhlangano ibona ukuthi u-Aroni wayesefile, yonke indlu ka-Israyeli yamlilela u-Aroni izinsuku ezingu-30. +