U-Isaya
10 Maye kulabo abamisa iziqondiso ezilimazayo, +
Labo abahlale bebhala imithetho ecindezelayo,
2 Ukuze bangamenzeli ubulungisa ompofu,
Ukuze bavimbele abaphansi phakathi kwabantu bami ukuba bangabutholi ubulungisa, +
Bathathe impahla yabafelokazi,
Baphange nempahla yezintandane! +
4 Akukho lutho olusele ngaphandle kokuba umuntu akhothame phakathi kweziboshwa
Noma abulawe kanye nababulewe.
Ngenxa yakho konke lokhu, akayekanga* ukuthukuthela,
Kodwa isandla sakhe sisalokhu seluliwe ukuze abashaye. +
Uyinduku engibonisa ngayo intukuthelo yami, +
Ngisebenzisa induku esesandleni sakhe ukuze ngijezise!
6 Ngizomthuma amelane nesizwe esihlubukayo, +
Amelane nesizwe esingicasulile;
Ngizomyala ukuba athathe impango eningi, ayiqhwage
Nokuba asinyathele njengodaka emigwaqweni. +
7 Kodwa ngeke kufike kuye ukwenza kanjalo
Inhliziyo yakhe ngeke icabange ngale ndlela;
Ngoba ukuqothula kusenhliziyweni yakhe,
Nokuqeda izizwe eziningi, hhayi nje ezimbalwa.
9 IKhalino + alifani yini ncamashi neKharikemishi? +
IHamati + alifani yini ne-Aripadi? +
ISamariya + alifani yini neDamaseku? +
10 Isandla sami sibambe imibuso yonkulunkulu abangasizi ngalutho,
Imifanekiso yabo ebaziwe eyayiminingi kuneyaseJerusalema naseSamariya! +
11 Ngeke yini ngenze okufanayo kulo iJerusalema nasezithixweni zalo
Njengoba nje ngenze kulo iSamariya nakonkulunkulu balo abangasizi ngalutho?’ +
12 “Lapho uJehova eqeda wonke umsebenzi wakhe eNtabeni iZiyoni naseJerusalema, uyojezisa* inkosi yase-Asiriya ngenxa yenhliziyo yayo edelelayo nangenxa yamehlo ayo aqhoshayo naziphakamisayo. + 13 Ngoba ithi,
‘Ngizokwenza lokhu ngesandla sami esinamandla
Nangokuhlakanipha kwami, ngoba ngihlakaniphile.
14 Isandla sami siyothatha umnotho walezi zizwe,
Njengomuntu efaka isandla esidlekeni;
Ngiyowubutha wonke umhlaba,
Njengomuntu eqoqa amaqanda ashiywe wodwa!
Akukho muntu ozobhakuzisa amaphiko akhe noma ozovula umlomo noma atshiyoze.’ ”
15 Ingabe imbazo ingaziphakamisa ngaphezu kwalowo ocanda ngayo?
Isaha lingaziphakamisa yini ngaphezu kwalowo osaha ngalo?
Udondolo + lungamphakamisa yini lowo oluphethe?
Noma induku ingamphakamisa yini lowo ongelona ukhuni?
16 Ngakho-ke iNkosi yeqiniso, uJehova wamabutho,
Iyobenza bazace abakhuluphele bayo, +
Ngaphansi kwenkazimulo yayo iyokokhela umlilo ovutha amalangabi. +
17 UkuKhanya kuka-Israyeli + kuzoba ngumlilo, +
ONgcwele wakhe abe yilangabi;
Kuzovutha kushise ukhula lwakhe nezihlahla zakhe zameva ngosuku olulodwa.
18 Uzoyiqeda ngokuphelele inkazimulo yehlathi lakhe neyengadi yakhe yezithelo;
Kuyoba njengalapho umuntu ogulayo ezaca ephela. +
19 Zonke ezinye izihlahla zehlathi lakhe
Ziyoba mbalwa kakhulu kangangokuthi umfana omncane angazibala.
20 Ngalolo suku abasele bakwa-Israyeli
Nabasindile bendlu kaJakobe
Ngeke besancika kulowo obahlaselayo; +
Kodwa bayoncika kuJehova,
ONgcwele ka-Israyeli, ngokwethembeka.
22 Ngoba nakuba abantu bakho Israyeli,
Bengangesihlabathi solwandle,
Yinsali kuphela phakathi kwabo eyobuya. +
23 Yebo, isinqumo seNkosi EnguMbusi, uJehova wamabutho sokubaqothula,
Sizokwenziwa kulo lonke izwe. +
24 Ngakho-ke yilokhu iNkosi EnguMbusi, uJehova wamabutho, ekushoyo: “Ningesabi bantu bami abahlala eZiyoni, ngenxa yomAsiriya, owayenishaya ngenduku + nowayeniphakamisela udondolo lwakhe njengoba kwakwenza iGibhithe. + 25 Ngoba maduzane ukunilahla kuzophela; intukuthelo yami izongenza ngimbhubhise. + 26 UJehova wamabutho uzomphakamisela isiswebhu + njengalapho enqoba uMidiyani ngasedwaleni i-Orebi. + Udondolo lwakhe luyoba phezu kolwandle, uyoluphakamisa njengoba enza ngeGibhithe. +
30 Khala umemeze, ndodakazi yaseGalimi!
O Layisha, lalela.
Awu, Anathoti bandla! +
31 IMadimena libalekile.
Izakhamuzi zaseGebhimi zibalekele endaweni yokukhosela.
32 Ngalo kanye lolu suku uyoma eNobi. +
Uyisikaza ngenqindi intaba yendodakazi yaseZiyoni,
Igquma laseJerusalema.