UHezekeli
36 “Wena ndodana yomuntu, profetha ngezintaba zakwa-Israyeli uthi, ‘O zintaba zakwa-Israyeli, yizwani izwi likaJehova. 2 Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: “Isitha sithe ngokumelene nani, ‘Nazo-ke! Ngisho nezindawo eziphakeme zakudala sezingezethu!’ ” ’ +
3 “Ngakho profetha uthi, ‘Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: “Ngenxa yokuthi bakwenze incithakalo, bakuhlasela nxazonke ukuze ube impahla yabasinde* kwezinye izizwe futhi abantu bayaqhubeka bekhuluma ngawe bekunyundela, + 4 ngakho zintaba zakwa-Israyeli, yizwani izwi leNkosi EnguMbusi uJehova! Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo ezintabeni nasemagqumeni, emifudlaneni nasezigodini, nasemanxiweni ayebhuqiwe + nasemadolobheni ayeshiywe dengwane ayephangwe futhi ahlekwa usulu abasindile bezizwe ezibazungezile; + 5 kulaba iNkosi EnguMbusi uJehova ithi: ‘Ngolaka lwami oluvuthayo + ngizokhuluma ngimelane nabasindile bezizwe nangokumelene nalo lonke i-Edomi, labo okuthe ngenjabulo enkulu nokukloloda okukhulu + bathatha izwe lami laba elabo, ukuze bathathe amadlelo alo baliphange.’ ” ’ +
6 “Ngakho profetha ngezwe lakwa-Israyeli, uthi ezintabeni nasemagqumeni, emifudlaneni nasezigodini, ‘Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: “Bheka! Ngizokhuluma ngentshiseko yami nangolaka lwami, ngenxa yokuthi izizwe zinilulazile.” ’ +
7 “Ngakho yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: ‘Mina ngokwami ngiphakamisa isandla ngiyafunga ukuthi izizwe ezinizungezile ziyothwala elazo ihlazo. + 8 Kodwa nina zintaba zakwa-Israyeli, niyoveza amagatsha nithelele abantu bami u-Israyeli izithelo zenu + ngoba bazobuya ngokushesha. 9 Ngoba nginani, ngizoninaka, niyolinywa kuhlwanyelwe imbewu kini. 10 Ngiyokwandisa abantu benu—yonke indlu ka-Israyeli, yonke—amadolobha kuyohlalwa kuwo, + namanxiwa akhiwe kabusha. + 11 Ngiyokwandisa abantu benu nemfuyo yenu; + kuyokwanda kuzale. Ngiyokwenza ukuba kuhlale abantu endaweni yenu njengasekuqaleni, + ngiyonenza nichume kakhulu kunakuqala; + niyokwazi ukuthi nginguJehova. + 12 Ngiyobangela ukuba abantu—abantu bami u-Israyeli—bahambe phezu kwenu, bayonithatha nibe ababo. + Niyoba ifa labo, ngeke niphinde nibenze bangabi nabantwana.’ ” +
13 “Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: ‘Ngenxa yokuthi bathi kini: “Niyizwe elishwabadela abantu nelibulala abantwana bezizwe zalo,” ’ 14 ‘ngakho ngeke nisabashwabadela abantu noma nenze izizwe zenu zingabi nabantwana,’ kusho iNkosi EnguMbusi uJehova. 15 ‘Ngeke ngisabangela ukuba izizwe zinithuke noma abantu banidelele, + nani ngeke nisazikhubekisa izizwe zenu,’ kusho iNkosi EnguMbusi uJehova.”
16 Izwi likaJehova laphinde lafika kimi, lathi: 17 “Ndodana yomuntu, ngesikhathi indlu ka-Israyeli ihlala ezweni layo, yalingcolisa ngezindlela zayo nangezenzo zayo. + Izindlela zayo zazifana nokungcola kokuya esikhathini. + 18 Ngakho ngathululela ulaka lwami kuyo ngenxa yegazi eyayilichithile ezweni + nangenxa yokuthi yayingcolise izwe ngezithixo zayo ezinyanyisayo. *+ 19 Ngakho ngayihlakazela phakathi kwezizwe, ngayihlakazela emazweni. + Ngayahlulela ngokuvumelana nezindlela zayo nezenzo zayo. 20 Kodwa lapho ifika kulezo zizwe, abantu bangcolisa igama lami elingcwele + ngokuthi bathi ngayo, ‘Laba abantu bakaJehova, kodwa kwadingeka balishiye izwe lakhe.’ 21 Ngakho ngiyoba nobubele ngegama lami elingcwele, indlu ka-Israyeli elingcolisile phakathi kwezizwe eye kuzo.” +
22 “Ngakho yithi endlini ka-Israyeli, ‘Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: “Isinyathelo angisithathi ngenxa yenu, nina ndlu ka-Israyeli, kodwa ngisithatha ngenxa yegama lami elingcwele enilingcolisile phakathi kwezizwe eniye kuzo.” ’ + 23 ‘Nakanjani ngizolingcwelisa igama lami elikhulu, + elangcoliswa phakathi kwezizwe, enalingcolisa phakathi kwazo; izizwe ziyokwazi ukuthi nginguJehova,’ + kusho iNkosi EnguMbusi uJehova, ‘lapho ngingcweliswa phakathi kwenu phambi kwazo. 24 Ngiyonithatha ezizweni nginiqoqe nginikhiphe kuwo wonke amazwe nginingenise ezweni lenu. + 25 Ngiyonifafaza ngamanzi ahlanzekile nihlanzeke; + ngiyonihlanza kukho konke ukungcola kwenu + nakuzo zonke izithixo zenu ezinyanyisayo. + 26 Ngiyoninika inhliziyo entsha, + ngifake umoya omusha + ngaphakathi kini. Ngiyosusa inhliziyo yetshe + emzimbeni wenu ngininike inhliziyo yenyama.* 27 Ngiyofaka umoya wami ngaphakathi kini, nginenze nihambe ngeziqondiso zami, + niyokwenza ngokuvumelana nezinqumo zami zokwahlulela futhi nizigcine. 28 Ngemva kwalokho niyohlala ezweni engalinika okhokho benu, niyoba abantu bami mina ngibe uNkulunkulu wenu.’ +
29 “ ‘Ngiyonisindisa kukho konke ukungcola kwenu ngiyale ukudla okusanhlamvu ukuba kuthele izithelo eziningi, ngeke nginilethele indlala. + 30 Ngiyokwenza ukuba izithelo ezimila ezihlahleni nomkhiqizo wensimu kube kuningi, ukuze ningaphinde nibhekane nesihlamba sokubulawa indlala phakathi kwezizwe. + 31 Niyozikhumbula izindlela zenu ezimbi nezenzo zenu ezazingezinhle, nizenyanye ngenxa yezono zenu nangenxa yemikhuba yenu enengekayo. + 32 Kodwa nakhu okumele nikwazi: Lokhu angikwenzi ngenxa yenu,’ + kusho iNkosi EnguMbusi uJehova. ‘Kunalokho, yibani namahloni nilulazeke ngenxa yezindlela zenu, nina ndlu ka-Israyeli.’
33 “Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: ‘Ngosuku engiyonihlanza ngalo kuzo zonke izono zenu, ngiyokwenza ukuba abantu bahlale emadolobheni + nokuba amanxiwa akhiwe kabusha. + 34 Izwe eliyincithakalo elalibonwa yiwo wonke umuntu odlulayo liyolinywa. 35 Abantu bayothi: “Izwe elaliyincithakalo selifana nensimu yase-Edene, + namadolobha ayengamanxiwa, eyincithakalo futhi ediliziwe manje asenezivikelo eziqinile futhi sekuhlalwa kuwo.” + 36 Izizwe ezisele ezinizungezile ziyokwazi ukuthi mina Jehova, ngikwakhile okwakubhidliziwe, ngikutshalile nokwakuyincithakalo. Mina Jehova ngikhulumile futhi ngikwenzile.’ +
37 “Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: ‘Indlu ka-Israyeli ngizoyivumela ukuba ingicele ngiyenzele lokhu: Ngizokwandisa abantu bayo njengomhlambi. 38 Njengomhlambi wabangcwele, njengomhlambi waseJerusalema* ngezikhathi zalo zemikhosi, + amadolobha ayengamanxiwa ayogcwala imihlambi yabantu; + bayokwazi ukuthi nginguJehova.’ ”