Eyesibili YamaKhosi
17 Ngonyaka ka-12 ka-Ahazi inkosi yakwaJuda, uHosheya + indodana ka-Elahi waba yinkosi eSamariya phezu kuka-Israyeli; wabusa iminyaka engu-9. 2 Waqhubeka enza okubi emehlweni kaJehova, kodwa hhayi njengamakhosi akwa-Israyeli ayengaphambi kwakhe. 3 UShalimaneseri inkosi yase-Asiriya wakhuphuka ezolwa naye, + uHosheya waba yinceku yakhe waqala ukukhokha intela kuye. + 4 Nokho, inkosi yase-Asiriya yezwa ukuthi uHosheya uphakathi kwalabo abayakhela uzungu, ngoba wayethumele izithunywa kuSo inkosi yaseGibhithe, + akayikhokhanga nentela enkosini yase-Asiriya njengaseminyakeni yangaphambili. Ngakho inkosi yase-Asiriya yambopha yamvalela ejele.
5 Inkosi yase-Asiriya yahlasela lonke izwe, yafika eSamariya yalivimbezela iminyaka emithathu. 6 Ngonyaka ka-9 kaHosheya, inkosi yase-Asiriya yalinqoba iSamariya. + Ngemva kwalokho yathatha abantu bakwa-Israyeli yabadingisela + e-Asiriya yabahlalisa eHala naseHabori ngasemfuleni iGozani + nasemadolobheni amaMede. +
7 Lokhu kwabehlela ngenxa yokuthi abantu bakwa-Israyeli babonile kuJehova uNkulunkulu wabo, owabakhipha ezweni laseGibhithe ngaphansi kwesandla sikaFaro inkosi yaseGibhithe. + Bakhonza* abanye onkulunkulu, + 8 balandela amasiko ezizwe uJehova ayezixoshile phambi kwama-Israyeli, balandela namasiko ayesungulwe amakhosi akwa-Israyeli.
9 Ama-Israyeli ayenza izinto ezazingalungile kuJehova uNkulunkulu wawo. Azakhela izindawo eziphakeme kuwo wonke amadolobha awo, + ezinqabeni zokuqapha nasemadolobheni anezivikelo eziqinile.* 10 Azimisela izinsika ezingcwele nezigxobo ezingcwele *+ phezu kwawo wonke amagquma aphakeme nangaphansi kwazo zonke izihlahla ezikhephuzelayo; + 11 ayeshunqisa nomusi womhlatshelo phezu kwazo zonke izindawo eziphakeme njengoba nje zazenzile izizwe uJehova ayezixoshile phambi kwawo. + Aqhubeka enza izinto ezimbi ukuze acasule uJehova.
12 Aqhubeka ekhonza izithixo ezinyanyekayo, *+ uJehova ayethe kuwo ngokuphathelene nazo: “Ningayenzi le nto!” + 13 UJehova wayelokhu emxwayisa u-Israyeli noJuda ngabo bonke abaprofethi bakhe nangabo bonke ababoni bemibono, + ethi: “Shiyani izindlela zenu ezimbi! + Gcinani imiyalo yami nemithetho yami, ngokuvumelana nawo wonke umthetho engayala ngawo okhokho benu nenganinika wona ngezinceku zami abaprofethi.” 14 Kodwa abalalelanga, baba nenkani njengokhokho* babo abangazange babe nokholo kuJehova uNkulunkulu wabo. + 15 Babelokhu bezenqaba iziqondiso zakhe nesivumelwano sakhe + ayesenze nokhokho babo nezikhumbuzo zakhe ayebaxwayise ngazo, + baqhubeka belandela izithixo eziyize + futhi baba yize nabo ngokwabo, + belingisa izizwe ezazakhelene nabo, uJehova ayebayale ukuba bangenzi njengazo. +
16 Bayishiya yonke imiyalo kaJehova uNkulunkulu wabo benza izithombe zamathole amabili ensimbi *+ nesigxobo esingcwele, *+ bakhothamela zonke izinkanyezi zezulu + bakhonza noBhali. + 17 Bashisa amadodana namadodakazi abo emlilweni njengomhlatshelo, + babhula + babheka namabika, bazinikela* ekwenzeni okubi emehlweni kaJehova, ukuze bamcasule.
18 Ngakho uJehova wamthukuthelela kakhulu u-Israyeli, kangangokuba wamsusa phambi kwamehlo akhe. + Akavumelanga ukuba kusale noyedwa ngaphandle kwesizwe sakwaJuda.
19 Ngisho noJuda akazange ayigcine imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakhe; + walandela amasiko u-Israyeli ayehamba ngawo. + 20 UJehova wayilahla yonke inzalo ka-Israyeli, wayihlazisa, wayinikela ezandleni zabaphangi, kwaze kwaba yilapho eseyilahlile yasuka phambi kwakhe. 21 Wamhlwitha u-Israyeli endlini kaDavide, babeka uJerobowamu indodana kaNebhati waba yinkosi. + Kodwa uJerobowamu wabangela u-Israyeli ukuba ayeke ukulandela uJehova, wambangela nokuba enze isono esikhulu. 22 Ama-Israyeli ahamba kuzo zonke izono uJerobowamu ayezenzile. + Awasukanga kuzo 23 kwaze kwaba yilapho uJehova emsusa u-Israyeli phambi kwamehlo akhe, njengoba nje ayekhulumile ngazo zonke izinceku zakhe abaprofethi. + Ngakho u-Israyeli wasuswa ezweni lakhe wadingiselwa e-Asiriya + lapho ekhona kuze kube namuhla.
24 Ngemva kwalokho inkosi yase-Asiriya yaletha abantu baseBhabhiloni, baseKhutha, base-Ava, baseHamati nabaseSefarivayimi + yabahlalisa emadolobheni aseSamariya esikhundleni sama-Israyeli; bathatha iSamariya bahlala emadolobheni alo. 25 Lapho beqala ukuhlala lapho abazange bamesabe* uJehova. Ngakho uJehova wathumela amabhubesi phakathi kwabo, + abulala abanye kubo. 26 Kwathunyelwa umbiko enkosini yase-Asiriya, kwathiwa: “Izizwe oziyise ekudingisweni wazihlalisa emadolobheni aseSamariya aziyazi inkolo* kaNkulunkulu waleliya zwe. Ngakho ulokhu ethumela amabhubesi phakathi kwazo; ayazibulala ngoba akekho noyedwa kuzo owazi inkolo kaNkulunkulu wezwe.”
27 Inkosi yase-Asiriya yaphendula yathi: “Thathani omunye wabapristi kulabo enabasusa lapho nabayisa ekudingisweni nimbuyisele ayohlala khona ukuze abafundise inkolo kaNkulunkulu walelo zwe.” 28 Ngakho omunye wabapristi ababedingisiwe besuka eSamariya waphindela eBhethele + wayohlala khona, wabafundisa indlela okufanele bamesabe* ngayo uJehova. +
29 Nokho, isizwe ngasinye sazenzela unkulunkulu waso,* sambeka ezindlini zokukhonza ezindaweni eziphakeme amaSamariya ayezakhile; isizwe ngasinye senza kanjalo emadolobheni esasihlala kuwo. 30 Abantu baseBhabhiloni benza uSukoti-bhenoti, abantu baseKhuti benza uNerigali, abantu baseHamati + benza u-Ashima, 31 ama-Ava wona enza uNibhihazi noTharithaki. AmaSefarivayimi ayeshisa amadodana awo emlilweni, enzela u-Adirameleki no-Anameleki onkulunkulu baseSefarivayimi + umhlatshelo. 32 Nakuba babemesaba uJehova, bazibekela abapristi bezindawo eziphakeme bebakhetha kubantu abavamile nje ukuba bakhonze emathempelini asezindaweni eziphakeme. + 33 Bamesaba uJehova, kodwa bakhonza nonkulunkulu babo ngokwenkolo* yezizwe ababedingiswe besuswa kuzo. +
34 Kuze kube namuhla benza ngokwezinkolo* zabo zangaphambili. Akekho kubo okhonza* uJehova futhi akekho ogcina imithetho yakhe, izahlulelo zakhe, uMthetho nomyalo uJehova awunika amadodana kaJakobe, ogama lakhe alishintsha laba ngu-Israyeli. + 35 Lapho uJehova enza isivumelwano nawo + wawayala wathi: “Ningabesabi abanye onkulunkulu, ningabakhothameli noma nibakhonze noma nibenzele umhlatshelo. + 36 Kodwa uJehova owanikhipha ezweni laseGibhithe ngamandla amakhulu nangengalo eyeluliwe, + nguYe okufanele nimesabe, + nimkhothamele futhi nimenzele umhlatshelo. 37 Iziqondiso, izahlulelo, uMthetho nomyalo anilobela wona, + kufanele niwugcine ngokucophelela ngaso sonke isikhathi, ningabesabi abanye onkulunkulu. 38 Akumele nisikhohlwe isivumelwano engasenza nani, + akumele nesabe abanye onkulunkulu. 39 Kodwa nguJehova uNkulunkulu wenu okufanele nimesabe, njengoba kunguye oyonikhulula esandleni sazo zonke izitha zenu.”
40 Kodwa azizange zilalele, zenza ngokuvumelana nenkolo* yazo yangaphambili. + 41 Ngakho lezi zizwe zamesaba uJehova, + kodwa zazikhonza nemifanekiso yazo ebaziwe. Amadodana azo nabazukulu bazo, benza njengoba nje kwakwenze okhokho babo kuze kube namuhla.