Genesise
21 UJehova wamnaka uSara njengoba nje ayeshilo futhi uJehova wenzela uSara lokho ayekuthembisile. + 2 Ngakho uSara wakhulelwa + wazalela u-Abrahama indodana ekugugeni kwakhe ngesikhathi esibekiwe uNkulunkulu ayesithembise u-Abrahama. + 3 U-Abrahama waqamba indodana yakhe eyayisanda kuzalwa, uSara ayemzalele yona, ngokuthi u-Isaka. + 4 U-Abrahama wasoka indodana yakhe u-Isaka lapho inezinsuku ezingu-8 ubudala, njengoba nje uNkulunkulu ayemyalile. + 5 U-Abrahama wayeneminyaka engu-100 ubudala lapho ezalelwa indodana yakhe u-Isaka. 6 USara wabe esethi: “UNkulunkulu ungilethele injabulo; wonke umuntu ozwa ngakho uzojabula* kanye nami.”* 7 Wanezela: “Ubani obengathi ku-Abrahama, ‘Nakanjani uSara uzoncelisa abantwana’? Noma kunjalo, ngimzalele indodana ekugugeni kwakhe.”
8 Umntwana wakhula wayekiswa ibele, u-Abrahama wahlela ukuba kube nedili elikhulu ngosuku lokulunyulwa kuka-Isaka. 9 Kodwa uSara wayelokhu eqaphela ukuthi indodana kaHagari + umGibhithe, ayeyizalele u-Abrahama, yayigcona u-Isaka. + 10 Ngakho wathi ku-Abrahama: “Xosha lesi sigqilakazi kanye nendodana yaso, ngoba indodana yalesi sigqilakazi ngeke ibe indlalifa kanye nendodana yami, u-Isaka!” + 11 Kodwa u-Abrahama akakuthandanga neze lokho uSara akusho ngendodana yakhe. + 12 Ngemva kwalokho uNkulunkulu wathi ku-Abrahama: “Makungakucasuli lokho uSara akushoyo kuwe ngomfana nangesigqilakazi sakho. Mlalele,* ngoba lokho okuyobizwa ngokuthi inzalo* yakho kuyoba khona ngo-Isaka. + 13 Ngokuqondene nendodana yesigqilakazi, + nayo ngiyokwenza isizwe ngayo + ngoba iyinzalo* yakho.”
14 Ngakho u-Abrahama wavuka ekuseni kakhulu wathatha isinkwa nesigubhu samanzi sesikhumba wakunika uHagari. Wakubeka ehlombe lakhe wayesemhambisa kanye nomfana. + Ngakho uHagari wahamba wazulazula ehlane laseBheri-sheba. + 15 Ekugcineni amanzi aphela esigujini sesikhumba, wayesebeka umfana ngaphansi kwesihlahla. 16 Wabe esehamba yedwa wayohlala phansi buqamama, ethi: “Angifuni ukubona umfana efa.” Ngakho wahlala phansi buqamama wakhala kakhulu.
17 UNkulunkulu walizwa izwi lomfana, + ingelosi kaNkulunkulu yabiza uHagari isezulwini yathi kuye: + “Kwenzenjani Hagari? Ungesabi ngoba uNkulunkulu ulizwile izwi lomfana laphaya lapho ekhona. 18 Sukuma uphakamise umfana umbambe ngesandla, ngoba ngizomenza isizwe esikhulu.” + 19 UNkulunkulu wabe esevula amehlo kaHagari wabona umthombo wamanzi, wahamba wayogcwalisa isigubhu sesikhumba ngamanzi waphuzisa umfana. 20 Umfana + wathola umusa kaNkulunkulu njengoba ekhula. Wahlala ehlane waba umcibi. 21 Wahlala ehlane lasePharanu, + unina wamthathela umfazi ezweni laseGibhithe.
22 Ngaleso sikhathi u-Abhimeleki ekanye noFikoli induna yebutho lakhe wathi ku-Abrahama: “UNkulunkulu unawe kukho konke okwenzayo. + 23 Ngakho manje funga uNkulunkulu kimi lapha ukuthi ngeke usebenzelane nami nenzalo yami ngokungathembeki, nokuthi uzosebenzelana nami nezwe obuhlala kulo ngothando oluqotho olufanayo nengikubonise lona.” + 24 Ngakho u-Abrahama wathi: “Ngiyafunga.”
25 Noma kunjalo, u-Abrahama wakhononda ku-Abhimeleki ngomthombo wamanzi izinceku zika-Abhimeleki ezaziwuqhwagile. + 26 U-Abhimeleki waphendula: “Angazi ukuthi ubani owenze le nto; awungitshelanga lutho ngayo futhi angizwanga lutho ngayo kuze kube namuhla.” 27 U-Abrahama wabe esethatha izimvu nezinkomo wazinika u-Abhimeleki, bobabili benza isivumelwano. 28 Lapho u-Abrahama ehlukanisa amawundlu ezinsikazi ayisikhombisa emhlanjini ewabeka wodwa, 29 u-Abhimeleki wathi ku-Abrahama: “Kungani uwabeke wodwa lapha la mawundlu ezinsikazi ayisikhombisa?” 30 U-Abrahama wathi: “Kumele uwathathe esandleni sami la mawundlu ezinsikazi ayisikhombisa, abe ubufakazi bokuthi yimi engiwumbile lo mthombo.” 31 Yingakho aqamba leyo ndawo ngokuthi iBheri-sheba,* + ngoba yilapho bobabili ababenze khona isifungo. 32 Ngakho benza isivumelwano + eBheri-sheba, okwathi ngemva kwalokho u-Abhimeleki wasuka kanye noFikoli induna yakhe yempi, babuyela ezweni lamaFilisti. + 33 Ngemva kwalokho watshala umthamariske* eBheri-sheba, wamemezela khona igama likaJehova, + uNkulunkulu waphakade. + 34 U-Abrahama wahlala* isikhathi eside* ezweni lamaFilisti. +