Genesise
49 UJakobe wabiza amadodana akhe wathi: “Hlanganani ndawonye ukuze nginitshele okuzokwenzeka kini ezikhathini zokugcina. 2 Hlanganani nilalele, nina madodana kaJakobe, yebo, lalelani u-Israyeli uyihlo.
3 “Rubeni, + wena uyizibulo lami, + ubungqabavu bami nokuqala kwamandla ami okuzala, ukuvelela kwesithunzi nokuvelela kwamandla. 4 Kodwa ngeke uvelele, ngoba ngenxa yokuhluleka ukuzilawula njengamanzi ezikhukhula, ugibele embhedeni kayihlo. + Ngaleso sikhathi wangcolisa* umbhede wami. URubeni wagibela ngempela kuwo!
5 “USimeyoni noLevi bayizelamani. + Izikhali zabo ezobudlova. + 6 O mphefumulo* wami, ungazihlanganisi nabo. Ungangeni eqenjini labo, O nhliziyo* yami, ngoba ngenxa yentukuthelo yabo babulala amadoda, + nangenxa yenjabulo yabo banquma imisipha yezinkunzi. 7 Mayiqalekiswe intukuthelo yabo, ngoba inesihluku, nokufutheka kwabo, ngoba kunokhahlo. + Mangibahlukanise endaweni kaJakobe, ngibahlakaze kwa-Israyeli. +
8 “Wena Juda, + abafowenu bayokudumisa. + Isandla sakho siyoba sentanyeni yezitha zakho. + Amadodana kayihlo ayokhothama phambi kwakho. + 9 UJuda uyiwundlu lebhubesi.* + Ndodana yami uyodla inyamazane usukume. Yena uqoshame wazelula njengebhubesi* futhi njengebhubesi,* ubani ongalokotha amvuse? 10 Intonga yobukhosi ngeke isuke kuJuda, + nenduku yomyali phakathi kwezinyawo zakhe, kuze kufike uShilo,* + uyolalelwa izizwe zonke. + 11 Ebophela imbongolo yakhe esihlahleni samagilebhisi nethole lembongolo esihlahleni samagilebhisi sekhethelo, uyowasha ingubo yakhe ewayinini nasegazini lamagilebhisi. 12 Amehlo akhe abomvu ngokumnyama ngenxa yewayini, namazinyo akhe amhlophe ngenxa yobisi.
13 “UZebhuloni + uyohlala ngasogwini lolwandle, ngasogwini lapho imikhumbi ihlala ibanjwe khona ngamahhuku,* + kuthi umngcele wakhe okude ube ngaseSidoni. +
14 “U-Isakare + uyimbongolo enamathambo aqinile, elala phansi phakathi kwezikhwama ezimbili zesihlalo sayo. 15 Uyobona ukuthi indawo yokuphumula yinhle nokuthi izwe lihle. Uyokwehlisa ihlombe lakhe ukuze athwale umthwalo enze nomsebenzi oyimpoqo.
16 “UDani + uyokwahlulela abantu bakubo njengesinye sezizwe zakwa-Israyeli. + 17 UDani makabe yinyoka eceleni komgwaqo, inyoka enezimpondo ngasendleleni, eluma izithende zehhashi umgibeli walo aketuke. + 18 Ngiyolindela insindiso evela kuwe, Jehova.
19 “UGadi + yena, iviyo labaphangi liyomhlasela, kodwa yena uyolihlasela ezithendeni. +
20 “Isinkwa sika-Asheri + siyoba siningi* kakhulu,* uyonikeza inkosi ukudla okuyifanele. +
21 “UNafetali + uyinyamazane yensikazi eyilambalidlile. Ukhuluma amazwi obugagu. +
22 “UJosefa + uyigatsha lesihlahla esithelayo, esingasemthonjeni, esinamagatsha akhula adlule udonga. 23 Kodwa abacibi baqhubeka bemkhathaza futhi bemciba, baqhubeka bemfukamelele inzondo. + 24 Nokho umnsalo wakhe wawulokhu usendaweni yawo, + izandla zakhe zaziqinile futhi zishesha. + Lokhu kwenzeka ngenxa yalowo onamandla owasiza uJakobe. Ungumalusi, itshe lika-Israyeli. 25 Uvela* kuNkulunkulu kayihlo futhi uyokusiza, ukanye noMninimandla Onke, uyokubusisa ngezibusiso zamazulu aphezulu, ngezibusiso zaphansi ekujuleni, + ngezibusiso zezingane eziningi kanye nemfuyo. 26 Izibusiso zikayihlo ziyoba zinkulu kunezibusiso zezintaba ezimi phakade, kunezinto ezifiselekayo zamagquma ami njalo. + Ziyoqhubeka ziphezu kwekhanda likaJosefa, phezu kokhakhayi lwekhanda lalowo okhethwe kubafowabo. +
27 “UBhenjamini + uyoqhubeka edwengula njengempisi. + Ekuseni uyodla isilwane esizingelwayo, ebusuku ahlukanise impahla ephangiwe.” +
28 Zonke lezi yizizwe ezingu-12 zakwa-Israyeli, yilokho uyise akusho emadodaneni akhe lapho ewabusisa. Wanikeza ngayinye isibusiso esiyifanele. +
29 Ngemva kwalokho wawayala wathi kuwo: “Mina sengizofa.* + Ningingcwabe kanye nobaba emhumeni osensimini ka-Efroni umHeti, + 30 umhume osensimini yaseMakaphela phambi kwaseMamre ezweni laseKhanani, insimu u-Abrahama ayithenga ku-Efroni umHeti ukuba ibe indawo yokungcwaba. 31 Bamngcwaba lapho u-Abrahama nomkakhe uSara. + Bamngcwaba lapho u-Isaka + nomkakhe uRebheka, ngamngcwaba lapho noLeya. 32 Leyo nsimu nomhume okuyo kwathengwa emadodaneni kaHeti.” +
33 UJakobe waqeda ukunika amadodana akhe lezi ziyalezo. Ngemva kwalokho wagibeza izinyawo zakhe phezu kombhede waphefumula okokugcina, bamngcwaba njengoba bangcwaba abantu bakubo.* +