U-Isaya
8 UJehova wathi kimi: “Thatha itshe elikhulu eliyisicaba + ubhale kulo ngothi lokuloba* ukuthi, ‘Mahere-shalali-hashi-bazi.’* 2 Ngifuna ofakazi abathembekile babhale* ukuthi babona lapho libhalwa, u-Uriya + umpristi noZakariya indodana kaJeberekiya.”
3 Khona-ke ngalala* nomprofethikazi,* wakhulelwa ngemva kwesikhathi wabeletha indodana. + UJehova wathi kimi: “Yiqambe ngokuthi uMahere-shalali-hashi-bazi, 4 ngoba ngaphambi kokuba umfana akwazi ukuthi, ‘Baba!’ nokuthi, ‘Mama!’ umnotho waseDamaseku nempango yaseSamariya kuyothathwa phambi kwenkosi yase-Asiriya.” +
5 UJehova waphinde wakhuluma nami wathi:
6 “Ngenxa yokuthi lesi sizwe siwenqabile amanzi ageleza kahle aseShilowa *+
Sathokoza ngoRezini nangendodana kaRemaliya, +
7 Ngakho-ke, bheka! uJehova uzosilethela
Amanzi oMfula* anamandla namaningi,
Inkosi yase-Asiriya + nayo yonke inkazimulo yayo.
Iyokhukhula idlule, ifinyelele entanyeni; +
Amaphiko ayo alulekile ayogcwalisa izwe lakho,
9 Limazani, nina zizwe, kodwa niyophihlizwa nibe yizicucu.
Lalelani, nonke nina enihlala emajukujukwini omhlaba!
Lungelani impi,* kodwa niyophihlizwa nibe yizicucu! +
Lungelani impi, kodwa niyophihlizwa nibe yizicucu!
10 Cebani icebo, kodwa liyobhuntsha!
11 Yilokhu uJehova akusho kimi ukuze angixwayise ukuba ngingalandeli inkambo yalesi sizwe, isandla sakhe esinamandla siphezu kwami:
12 “Akumele nithi uzungu lokho lesi sizwe esikubiza ngokuthi uzungu!
Ningakwesabi lokho abakwesabayo;
Ningathuthumeli ngenxa yako.
13 UJehova wamabutho—nguYe okufanele nimbheke njengongcwele, +
Kufanele nesabe Yena,
NguYe okufanele anenze nithuthumele.” +
14 Uzoba njengendawo engcwele,
Aphinde abe njengetshe lokuqhuzula
Nanjengedwala lokukhubeka +
Kuzo zombili izindlu zakwa-Israyeli,
Abe njengesicupho nanjengogibe
Kwabahlala eJerusalema.
15 Abaningi kubo bayokhubeka, bawe, baphuke;
Bayobekelwa ugibe babanjwe.
17 Ngizohlale ngilindele* uJehova, + ofihlela indlu kaJakobe ubuso bakhe, + ngizothemba yena.
18 Bheka! Mina nabantwana uJehova angiphe bona + sinjengezibonakaliso + nanjengezimangaliso kwa-Israyeli, ezivela kuJehova wamabutho ohlala eNtabeni iZiyoni.
19 Uma bethi kini: “Buzani kwabasebenzelana nemimoya noma kubabikezeli bekusasa abatshiyozayo nabakhuluma ngokuhleba,” akufanele yini isizwe sibuze kuNkulunkulu waso? Ingabe abaphilayo kufanele babuzelwe kwabafile? + 20 Cha, kunalokho kufanele bahlole umthetho nomyalezo obhaliwe!*
Lapho bengakhulumi okuvumelana nala mazwi abanakho ukukhanya. *+ 21 Yilowo nalowo uyodabula izwe ecindezelekile futhi elambile; + ngenxa yendlala nentukuthelo, uyoqalekisa inkosi yakhe noNkulunkulu wakhe njengoba ebheka phezulu. 22 Uyobe esebheka emhlabeni, abone usizi nobumnyama kuphela, indumalo nezikhathi ezinzima, isigayegaye kungekho ukukhanya.