U-Isaya
37 Kwathi nje lapho iNkosi uHezekiya izwa lokhu, yaklebhula izingubo zayo yembatha indwangu yesaka yangena endlini kaJehova. + 2 Ngemva kwalokho, yathuma u-Eliyakimi, owayengamele isigodlo,* uShebina unobhala namadoda amadala angabapristi, bembethe indwangu yesaka, yabathuma kumprofethi u-Isaya + indodana ka-Amozi. 3 Bathi kuye: “Yilokhu uHezekiya akushoyo, ‘Lolu suku luwusuku lokucindezeleka, lokusolwa* nolokuhlaziswa; ngoba abantwana sebekulungele ukuzalwa,* kodwa awekho amandla okubeletha. + 4 Mhlawumbe uJehova uNkulunkulu wakho uzowezwa amazwi kaRabishake, othunywe inkosi yase-Asiriya inkosi yakhe ukuba aklolodele uNkulunkulu ophilayo, + bese emjezisa ngenxa yala mazwi uJehova uNkulunkulu wakho awazwile. Ngakho thandazela abantu + abasasele kuleli zwe abasindile.’ ” +
5 Ngakho izinceku zeNkosi uHezekiya zaya ku-Isaya, + 6 u-Isaya wathi kuzo: “Yilokhu okufanele nikusho enkosini yenu, ‘Yilokhu uJehova akushoyo: “Ungesabi + ngenxa yamazwi owezwile, amazwi izikhonzi zenkosi yase-Asiriya + ezingithuke ngawo. 7 Bheka ngifaka umcabango engqondweni yayo,* izozwa umbiko bese ibuyela ezweni layo; + ngizokwenza ukuba ibulawe ngenkemba ezweni layo.” ’ ” +
8 Ngemva kokuba uRabishake ezwile ukuthi inkosi yase-Asiriya isukile eLakishi, waphindela emuva wayithola ilwa neLibhina. + 9 Manje inkosi yase-Asiriya yathola umbiko wokuthi uThirahaka inkosi yaseTopiya wayephumile ezolwa nayo. Lapho izwa lokhu, yaphinde yathumela izithunywa kuHezekiya, + yathi: 10 “Yilokhu okufanele nikusho kuHezekiya inkosi yakwaJuda, ‘Ungamvumeli uNkulunkulu wakho othembele kuye ukuba akukhohlise, athi: “IJerusalema ngeke linikelwe esandleni senkosi yase-Asiriya.” + 11 Wena uzwile ngalokho amakhosi ase-Asiriya akwenzile kuwo wonke amazwe ngokuwabhubhisa. + Ingabe wena wedwa uzosinda? 12 Ingabe onkulunkulu bezizwe ezaqothulwa okhokho bami bazisindisile yini? + Liphi iGozani, iHarana, + iRezefi nabantu base-Edene ababeseTheli-asari? 13 Iphi inkosi yaseHamati, inkosi yase-Aripadi nenkosi yedolobha laseSefarivayimi, + nenkosi yaseHena neyase-Iva?’ ”
14 UHezekiya wathatha izincwadi ezithunyweni wazifunda. Ngemva kwalokho uHezekiya wakhuphukela endlini kaJehova wazendlala* phambi kukaJehova. + 15 UHezekiya wabe esethandaza kuJehova, + wathi: 16 “O Jehova wamabutho, + Nkulunkulu ka-Israyeli, ohlezi esihlalweni sobukhosi ngaphezu* kwamakherubi, wena wedwa unguNkulunkulu weqiniso kuyo yonke imibuso yomhlaba. Wenza amazulu nomhlaba. 17 O Jehova, ngicela ulalele, uzwe! + Vula amehlo akho Jehova, ubone! + Yizwa amazwi uSaneheribi awathumele ukuze aklolodele ngawo uNkulunkulu ophilayo. + 18 Kuyiqiniso, Jehova, ukuthi amakhosi ase-Asiriya azibhuqile zonke izizwe + kanye namazwe azo. 19 Aphonse onkulunkulu bazo emlilweni, + ngoba bebengebona onkulunkulu kodwa bebewumsebenzi wezandla zomuntu, + ukhuni netshe. Yingakho ababhubhisa. 20 Manje Jehova Nkulunkulu wethu, sicela usisindise esandleni sakhe, ukuze yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi wena, Jehova, unguNkulunkulu wena wedwa.” +
21 U-Isaya indodana ka-Amozi wathumela lo myalezo kuHezekiya, wathi: “Yilokhu uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli akushoyo, ‘Ngenxa yokuthi uthandaze kimi ngokuphathelene noSaneheribi inkosi yase-Asiriya, + 22 nali izwi uJehova alikhulumile ngaye:
“Indodakazi eyintombi yaseZiyoni iyakudelela, ikuhleka usulu.
Indodakazi yaseJerusalema ikunikinela ikhanda.
23 Ngubani lo omklolodele + futhi wamthuka?
Ngubani lo omphakamisele izwi lakho +
Nombuke wamqhoshela?
NgoNgcwele ka-Israyeli! +
24 Ngezithunywa zakho uklolodele uJehova + wathi,
‘Ngezinqola zami zempi eziningi
Ngizonyukela ezintabeni eziphakeme, +
Ezingxenyeni ezikude kakhulu zeLebhanoni.
Ngizogawula imisedari yalo ephakeme, imijunipha yalo yekhethelo.
Ngizongena ezindaweni zalo eziphakeme, ehlathini lakhona elicinene.
25 Ngizomba imithombo ngiphuze amanzi;
Ngizokomisa yonke imifudlana* yaseGibhithe ngamathe ezinyawo zami.’
26 Awuzwanga yini? Kwanqunywa* kudala.
Ngakuhlela* ezinsukwini ezidlule. +
Manje sengizokuletha. +
Wenza amadolobha anezivikelo eziqinile abe yindunduma yamanxiwa. +
27 Izakhamuzi zawo ziyoba buthaka;
Ziyokwesaba zibe namahloni.
Ziyoba njengezimila zasendle nanjengotshani obuluhlaza,
Njengotshani bokufulela izindlu obuhangulwe umoya wasempumalanga.
28 Kodwa ngikwazi kahle konke okwenzayo: lapho uhlala, lapho uphuma, lapho ungena, +
Nalapho ungithukuthelele, +
29 Ngoba ngikuzwile ukungithukuthelela kwakho + nokuklabalasa kwakho. +
Ngakho ngizofaka ihhuku lami ekhaleni lakho namatomu ami + emlonyeni wakho,
Ngizokuphindisela emuva ngendlela oze ngayo.”
30 “ ‘Yile ndlela ozobona* ngayo ukuthi lezi zinto zizokwenzeka: Kulo nyaka nizodla okuzimilelayo;* ngonyaka wesibili nidle ukudla okusanhlamvu okumila kulokho; kodwa ngonyaka wesithathu nizohlwanyela imbewu nivune, nitshale namasimu amagilebhisi nidle izithelo zawo. + 31 Labo abasindile bendlu kaJuda bayohluma + njengezitshalo bathele izithelo. 32 Ngoba abasele bayophuma eJerusalema, nalabo abasindile baphume eNtabeni iZiyoni. + UJehova, umholi wamabutho asezulwini, uzokwenza lokhu ngenxa yentshiseko yakhe. +
33 “ ‘Ngakho yilokhu uJehova akushoyo ngenkosi yase-Asiriya: +
“Ngeke ingene kuleli dolobha +
Noma icibishele umcibisholo kulo
Noma ize kulo iphethe ihawu
Noma ilivimbezele.” ’ +
34 ‘Iyophindela emuva ngendlela eze ngayo;
Ngeke ingene kuleli dolobha,’ kusho uJehova.
36 Kwaphuma ingelosi kaJehova yabulala amadoda angu-185 000 ekamu lama-Asiriya. Lapho abantu bevuka ekuseni, babona izidumbu. + 37 Ngakho uSaneheribi inkosi yase-Asiriya wahamba wabuyela eNineve + wayohlala khona. + 38 Kwathi esakhotheme ethempelini likaNisiroki* unkulunkulu wakhe, amadodana akhe u-Adirameleki noSharezeri ambulala ngenkemba, + ngemva kwalokho abalekela ezweni lase-Ararati. + U-Esari-hadoni indodana yakhe + wabusa esikhundleni sakhe.