UHabakuki
Ngizoqapha ukuze ngibone ukuthi yini azoyikhuluma esebenzisa mina
Nokuthi ngizophendula ngithini lapho ngikhuzwa.
2 UJehova wangiphendula wathi:
“Wubhale phansi umbono, uwuqophe ngokucacile ematsheni ayizicaba, +
3 Ngoba umbono uzogcwaliseka ngesikhathi esimisiwe,
Leso sikhathi sizofika ngokushesha, ngeke uqambe amanga.
Ngisho noma ungase ulibale,* hlala uwulindele! *+
Ngoba nakanjani uzogcwaliseka.
Ngeke wephuze!
4 Bheka lowo oziphakamisayo;
Akekho qotho.
Kodwa olungile uyophila ngenxa yokwethembeka kwakhe. *+
5 Impela, ngenxa yokuthi iwayini liyakhohlisa,
Indoda eqhoshayo ngeke iwufinyelele umgomo wayo.
Isifiso sayo asaneliseki njengeThuna;*
Ayaneliseki njengokufa.
Iqhubeka iqoqa zonke izizwe
Iqoqela kuyo bonke abantu. +
6 Ngeke yini bonke laba basho isaga, amazwi agudliselayo neziphicaphicwano? +
Bayothi:
‘Maye kulowo oqongelela okungekona okwakhe
—Kuyoze kube nini?—
Nakulowo ozandisela isikweletu!
7 Ngeke yini labo obakweletayo bavumbuke kungalindelekile?
Bayophaphama bakudlikize,
Uyoba yinto yokuphangwa. +
8 Ngenxa yokuthi waphanga izizwe eziningi,
Zonke ezinye izizwe ziyokuphanga, +
Ngenxa yokuchitha kwakho igazi labantu
Nobudlova bakho emhlabeni,
Emadolobheni nakubo bonke abahlala kuwo. +
9 Maye kulowo otholela indlu yakhe inzuzo embi,
Ukuze abeke isidleke sakhe endaweni ephakeme,
Ukuze abalekele inhlekelele!
10 Ucebe ukulethela indlu yakho ihlazo.
Ngokuqothula izizwe eziningi uzilethele isono. +
11 Itshe liyokhala lisodongeni,
Nogodo luyoliphendula lusophahleni lwamapulangwe.
12 Maye kulowo owakha idolobha ngokuchitha igazi,
Omisa idolobhana ngokungalungi!
13 Bheka! Akuveli yini kuJehova wamabutho ukuthi izizwe ziyosebenza kanzima ukuze zikhwezele umlilo,
Nokuthi izizwe zikhandlekela ubala? +
15 Maye kulowo onika abangani bakhe okuphuzwayo,
Ekuxuba nolaka nentukuthelo, ukuze abenze badakwe,
Ngenjongo yokubuka ubunqunu babo!
16 Uyosutha ihlazo esikhundleni senkazimulo.
Nawe futhi—phuza bese ukuveza obala ukungasoki kwakho.*
Indebe esesandleni sokudla sikaJehova iyofika nakuwe, +
Ihlazo liyomboza inkazimulo yakho;
17 Ngoba uyombozwa ubudlova obenziwe eLebhanoni,
Nokubhubhisa okwethuse izilwane kuyokufikela,
Ngenxa yokuchitha igazi labantu
Nobudlova obenza emhlabeni,
Emadolobheni nakulabo abahlala kuwo. +
18 Sinanzuzoni isithombe esibaziwe,
Lapho umenzi waso esesibazile?
Sinanzuzoni isithombe sensimbi,* nofundisa amanga,
Ngisho noma umenzi waso ethembele kuso,
Enza onkulunkulu abangasizi ngalutho abangakhulumi? +
19 Maye kulowo othi okhunini: “Phaphama!”
Noma othi etsheni elingakhulumi: “Vuka! Sifundise!”
20 Kodwa uJehova usethempelini lakhe elingcwele. +
Thula phambi kwakhe, mhlaba wonke!’ ” +