Eksodusi
21 “Yilezi izinqumo zokwahlulela okumele uzidlulisele kubo: +
2 “Uma uthenga isigqila esingumHebheru, + siyoba isigqila iminyaka eyisithupha, kodwa ngonyaka wesikhombisa siyokhululwa singakhokhanga lutho. + 3 Uma sifike sodwa, siyohamba sodwa. Uma sinomfazi, umfazi waso kumele ahambe naso. 4 Uma inkosi yaso isinika umfazi futhi esizalela amadodana noma amadodakazi, lowo mfazi nabantwana baso bayoba abenkosi yaso, sona sihambe sodwa. + 5 Kodwa uma leso sigqila singaphikelela sithi, ‘Ngiyayithanda inkosi yami, umkami namadodana ami; angifuni ukukhululwa,’ + 6 inkosi yaso kumele isilethe phambi kukaNkulunkulu weqiniso. Iyobe isisincikisa emnyango noma ensikeni yomnyango, inkosi yaso iyobhoboza indlebe yaso ngosungulo, siyoba yisigqila sayo ukuphila kwaso konke.
7 “Uma umuntu ethengisa indodakazi yakhe ukuba ibe isigqila, ngeke ikhululwe ngendlela okukhululwa ngayo owesilisa oyisigqila. 8 Uma inkosi yayo ingayithandi futhi ingayenzi isancinza kodwa iyitholela othile ozoyithenga,* ngeke ibe nalo ilungelo lokuyithengisa kwabesinye isizwe ngoba iyikhohlisile. 9 Uma iyikhethela indodana yayo, kumele iyinike amalungelo endodakazi. 10 Uma izithathela omunye umfazi, akufanele kuncishiswe ukudla, izingubo nesibopho sasemshadweni + komfazi wokuqala. 11 Uma ingeke imnike lezi zinto zontathu, kufanele akhululwe ngaphandle kokukhokha imali.
12 “Oshaya umuntu aze afe kumele abulawe. + 13 Kodwa uma lokho ekwenza engahlosile futhi uNkulunkulu weqiniso ekuvumela ukuba kwenzeke, ngizobeka indawo angabalekela kuyo. + 14 Uma umuntu emthukuthelela kakhulu omunye umuntu aze ambulale ngamabomu, + lowo muntu kumele afe ngisho noma ecasha e-altare lami ukuze athole isivikelo. + 15 Oshaya uyise noma unina kumele abulawe. +
16 “Uma kuba khona othumba umuntu + futhi amthengise noma abanjwe embambile, + kumele abulawe. +
17 “Noma ubani oqalekisa uyise noma unina kumele abulawe. +
18 “Yilokhu okufanele kwenzeke uma amadoda exabana, enye ishaye enye ngetshe noma ngesibhakela* nokho ingafi kodwa ilale embhedeni wayo: 19 Uma ikwazi ukuvuka ihambahambe ngaphandle ngodondolo, leyo eyishayile kumele ingajeziswa. Iyokhipha kuphela isinxephezelo sesikhathi esilahlekele olimele emsebenzini wakhe aze alulame ngokuphelele.
20 “Uma umuntu eshaya isigqila sakhe noma isigqilakazi sakhe ngenduku bese siyafa, kumele siphindiselelwe. + 21 Kodwa uma siqhubeka siphila usuku noma izinsuku ezimbili, akumele siphindiselelwe ngoba sithengwe ngemali yomniniso.
22 “Uma amadoda elwa futhi alimaze owesifazane okhulelwe, azale umntwana ngaphambi kwesikhathi *+ kodwa kungafi muntu,* owonile kumele akhokhe inhlawulo ayinqunyelwe umyeni wowesifazane; kumele ayikhokhe kubahluleli. + 23 Kodwa uma kuba khona ofayo, kumele kukhokhwe ukuphila ngokuphila, *+ 24 iso ngeso, izinyo ngezinyo, isandla ngesandla, unyawo ngonyawo, + 25 ukushiswa ngokushiswa, inxeba ngenxeba, igalelo ngegalelo.
26 “Uma umuntu eshaya iso lesigqila sakhe noma iso lesigqilakazi sakhe alilimaze, kufanele asikhulule esinxephezela ngeso laso. + 27 Nalapho ekhipha izinyo lesigqila sakhe noma lesigqilakazi sakhe, kufanele asikhulule esinxephezela ngezinyo laso.
28 “Uma inkunzi ihlaba owesilisa noma owesifazane afe, leyo nkunzi kumele ishaywe ngamatshe ize ife, + inyama yayo akumele idliwe; kodwa umnikazi wayo ngeke ajeziswe. 29 Nokho uma inkunzi ibinomkhuba wokuhlaba abantu futhi umniniyo exwayisiwe kodwa wangayiqapha, yona yase ibulala owesilisa noma owesifazane, leyo nkunzi kufanele ishaywe ngamatshe ize ife nomniniyo kufanele abulawe. 30 Uma enqunyelwa inhlawulo,* kumele akhiphe konke angase anqunyelwe kona kube inani lokukhulula ukuphila* kwakhe. 31 Kungakhathaliseki ukuthi ihlabe umfana noma intombazane, kumele kwenziwe kumnikazi wenkunzi ngokwalesi sinqumo sokwahlulela. 32 Uma leyo nkunzi ihlabe isigqila noma isigqilakazi, uyokhokha inani lamashekeli* angu-30 enkosini yaso, inkunzi yona iyoshaywa ngamatshe ize ife.
33 “Uma umuntu evula umgodi noma ewumba kodwa angawumbozi bese kuwela kuwo inkomo noma imbongolo, 34 umnikazi womgodi kumele akhiphe isinxephezelo. + Kufanele akhokhele umnikazi wayo, isilwane esifile kube ngesakhe. 35 Uma inkunzi yomuntu ilimaza inkunzi yomunye ife, kumele bayithengise inkunzi ephilayo bahlukanise inani elikhokhiwe ngayo; nefile kufanele bayihlukanise. 36 Noma uma bekwaziwa ukuthi inkunzi ibinomkhuba wokugwazana kodwa umnikazi wayo wangayiqapha, kumele akhiphe inkunzi ibe isinxephezelo senkunzi, efile kube ngeyakhe.