Duteronomi
33 Yilesi isibusiso uMose umuntu kaNkulunkulu weqiniso asisho kuma-Israyeli ngaphambi kokufa kwakhe. + 2 Wathi:
“UJehova—weza evela eSinayi, +
Wakhanya phezu kwabo eseSeyiri.
Wakhanya ngenkazimulo esesifundeni esinezintaba sasePharanu, +
Kwakukhona amashumi ezinkulungwane ezingcwele kanye naye, +
Esandleni sakhe sokudla kukhona amaqhawe akhe. +
Kanye nazo zonke izizwe zakwa-Israyeli. +
7 Yilesi isibusiso asisho kuJuda: +
“O Jehova, yizwa izwi likaJuda, +
Kwangathi ungambuyisela kubantu bakubo.
Izingalo zakhe zikulwele okungokwakhe,
Kwangathi ungamsiza amelane nabaphikisana naye.” +
8 Ngokuqondene noLevi wathi: +
Waqala ukuphikisana naye ngasemanzini aseMeriba, +
9 Umuntu owathi kuyise nonina, ‘Angikhathazekanga ngabo.’
Ngisho nabafowabo akabavumanga, +
Abantwana bakhe akabanakanga.
Ngoba baligcina izwi lakho,
Bagcina nesivumelwano sakho. +
Mabanikele impepho ibe iphunga elimnandi kuwe *+
Banikele nomnikelo ophelele phezu kwe-altare lakho. +
11 O Jehova, busisa amandla akhe,
Kwangathi ungawujabulela umsebenzi wezandla zakhe.
Fahlaza imilenze* yalabo abamelana naye,
Ukuze labo abamzondayo bangaphinde bamelane naye.”
12 Ngokuqondene noBhenjamini wathi: +
“Othandekayo kaJehova makahlale ngakuye ngokuphepha;
Kuyilapho emkhoselisa usuku lonke,
Uyohlala emhlane wakhe.”*
13 Ngokuqondene noJosefa wathi: +
“Kwangathi izwe lakhe lingabusiswa uJehova +
Ngezinto zekhethelo zezulu,
Ngamazolo nangamanzi avela eziphethwini, +
14 Ngezinto zekhethelo ezikhuliswe ilanga
Nesivuno sekhethelo senyanga ngayinye, +
15 Ngezinto zekhethelo ezivela ezintabeni zasendulo *+
Nangezinto zekhethelo zamagquma ami njalo,
Nangokwamukelwa yiLowo ohlala esihlahleni sameva. *+
Kwangathi zingehlela phezu kwekhanda likaJosefa,
Phezu kokhakhayi lwalowo owakhethwa kubafowabo. +
17 Ubukhazikhazi bakhe bunjengobenkunzi eyizibulo,
Izimpondo zakhe ziyizimpondo zenkunzi yasendle.
Uyogwaza* ngazo izizwe
Uyozisunduzela emaphethelweni omhlaba zonke ngothi lwazo.
Zingamashumi ezinkulungwane zika-Efrayimi, +
Ziyizinkulungwane zikaManase.”
18 Ngokuqondene noZebhuloni wathi: +
“O Zebhuloni, jabula ekuphumeni kwakho,
Nawe Isakare, ematendeni akho. +
19 Bayobizela izizwe entabeni.
Bayoyinikela khona imihlatshelo yokulunga.
20 Ngokuqondene noGadi wathi: +
“Ubusisiwe oyenza ibe banzi imingcele kaGadi. +
Ulala khona njengebhubesi,
Elilungele ukudwengula ingalo nokhakhayi.
Izinhloko zabantu ziyoqoqana ndawonye.
Uyokwenza ukulunga kukaJehova,
Nezinqumo zakhe zokwahlulela ku-Israyeli.”
22 Ngokuqondene noDani wathi: +
“UDani uyiwundlu lebhubesi. +
Uyogxuma aphume eBhashani.” +
23 Ngokuqondene noNafetali wathi: +
“UNafetali wanelisekile ngokwamukelwa uJehova,
Ugcwele isibusiso sakhe.
Yidla ifa lezwe lasentshonalanga nelaseningizimu.”
24 Ngokuqondene no-Asheri wathi: +
“U-Asheri ubusiswe ngamadodana.
Kwangathi abafowabo bangambonisa umusa,
Kwangathi angacwilisa* izinyawo zakhe emafutheni.
26 Akekho onjengoNkulunkulu weqiniso + kaJeshuruni, +
Ohamba anqamule amazulu ukuze akusize,
Okhuphuka emafwini ngamandla akhe amakhulu. +
28 U-Israyeli uyohlala ngokuphepha,
Umthombo kaJakobe uyohlala wodwa,
Ezweni lokudla okusanhlamvu newayini elisha, +
Okuyoconsa kulo amazolo evela esibhakabhakeni. +
Ubani onjengawe, +
Isizwe esijabulela insindiso kuJehova, +
Ihawu lakho elikuvikelayo, +
Nenkemba yakho enkulu?
Izitha zakho ziyothithibala phambi kwakho, +
Futhi wena uyonqoba izindawo zazo eziphakeme.”