IzAga
4 Yithi ekuhlakanipheni, “Ungudadewethu,”
Ubize ukuqonda ngokuthi “sihlobo sami,”
5 Ukuze kukuqaphe kowesifazane ondindayo, *+
Kowesifazane ongenasimilo* nasemazwini akhe abushelelezi. *+
6 Ngisefasiteleni lendlu yami,
Ngabuka phansi, ngefasitela* lami,
7 Njengoba ngangibuka abantu abangenalo ulwazi,
Ngabona insizwa entula ukuhlakanipha* phakathi kwabantu abasha. +
8 Yayidlula ngesitaladi iya ngasekhoneni lomgwaqo walona wesifazane,
Yahamba ngendlela eya endlini yakhe
9 Lapho sekuhwalele kusihlwa, +
Sekuzoba sebusuku futhi sekuzoba mnyama.
Akahlali* endlini yakhe.
13 Ufike ayibambe le nsizwa ayiqabule;
Ngokuzethemba athi kuyo:
14 “Bekufanele nginikele imihlatshelo ehlanganyelwayo. +
Namuhla ngizigcwalisile izifungo zami.
15 Yingakho ngiphumile ngazokuhlangabeza,
Ngifuna wena, manje ngikutholile!
16 Umbhede wami ngiwendlale ngezindwangu ezisezingeni eliphezulu,
Ilineni elimibalabala laseGibhithe. +
17 Embhedeni wami ngifafaze imure, inhlaba nesinamoni. +
18 Woza, masiphuze uthando sizanelise kuze kuse;
Masizitike ngokubonisana uthando.
19 Ngoba umyeni wami akekho ekhaya;
Uthathe uhambo olude.
20 Uhambe nesikhwama semali,
Uyoze abuye mhla inyanga igcwele.”
21 Uyidukisa ngokuyithonya kakhulu. +
Uyiyenga ngenkulumo ebushelelezi.
22 Ngokushesha iyamlandela njengenkunzi iyohlatshwa,
Njengesiwula esiboshwe ngozankosi* okumele sijeziswe, +
23 Kuze kube yilapho umcibisholo uhlaba isibindi sayo;
Njengenyoni igijimela esicuphweni, ayazi ukuthi lokhu kuzoyilahlekisela ngokuphila kwayo. +
24 Manje madodana ami, ngilaleleni;
Nakani amazwi engiwakhulumayo.
25 Ningazivumeli izinhliziyo zenu ziphambukele ezindleleni zakhe.