U-Isaya
4 Bayomila njengokungathi baphakathi kotshani obuluhlaza, +
Njengezihlahla zikabhabhulini ngasemifudlaneni yamanzi.
5 Omunye uyothi: “NgingokaJehova.” +
Omunye azibize ngegama likaJakobe,
Kanti omunye uyobhala esandleni sakhe: “OkaJehova.”
Uyozibiza ngegama lika-Israyeli.’
‘Ngingowokuqala futhi ngingowokugcina. +
Akekho omunye uNkulunkulu ngaphandle kwami. +
Makamemeze, asho futhi anginikeze ubufakazi! +
Mabasitshele izinto ezizayo
Nezinto ezisazokwenzeka,
Kusukela ngenza abantu bakudala.
Anginitshelanga yini kungakenzeki, ngakumemezela?
Ningofakazi bami. +
Ukhona yini omunye uNkulunkulu ngaphandle kwami?
Cha, alikho elinye iDwala; + alikho engilaziyo.’ ”
11 Bheka! Bonke abangani bakhe bayohlazeka! +
Izingcweti zingabantu nje.
Mababuthane ndawonye bame.
Bonke bayokwesaba kakhulu bahlazeke.
12 Osebenza ngensimbi ushisa insimbi emalahleni esebenzisa ithuluzi lakhe.*
Uyiqongqotha ngezando,
Uyilungisa ngengalo yakhe enamandla. +
Kuthi kusenjalo alambe, aphelelwe amandla;
Akawaphuzi amanzi futhi uyakhathala.
13 Umbazi wokhuni welula intambo yokukala, uyaludweba ngoshoki obomvu.
Uyaluphala ngesiphalo sokhuni, aludwebe ngethuluzi.
14 Kukhona owenza umsebenzi wokugawula imisedari.
Ukhetha uhlobo oluthile lwesihlahla, i-oki,
Uyasiyeka sikhule siqine phakathi kwezinye izihlahla zehlathi. +
Utshala isihlahla somfire, imvula iyasikhulisa.
15 Siba yizinkuni umuntu angabasa ngazo umlilo.
Uthatha ingxenye yaso ukuze othe;
Ubasa umlilo abhake isinkwa.
Kodwa wenza nonkulunkulu amkhothamele.
Wenza ngaso isithombe esibaziwe, akhothame phambi kwaso. +
16 Ingxenye yaso uyayibasa;
Ngaleyo ngxenye wosa inyama ayidlayo, aneliseke.
Uyotha athi:
“Awuzwa-ke! Ngifudumele njengoba ngihlezi emlilweni.”
17 Kodwa ingxenye yaso esele uyenza ibe ngunkulunkulu, ibe yisithombe esibaziwe.
Uyasikhothamela asikhonze.
Uthandaza kuso athi:
“Ngisindise ngoba ungunkulunkulu wami.” +
19 Akekho ocabangayo enhliziyweni yakhe
Noma onolwazi noma ukuqonda, othi:
“Ingxenye yaso ngiyishise emlilweni,
Emalahleni aso ngibhake isinkwa ngosa nenyama ngadla.
Ingabe ingxenye yaso esele kufanele ngiyenze ibe yinto enyanyekayo? +
Ingabe kufanele ngikhonze ugodo* lwesihlahla?”
20 Udla umlotha.
Inhliziyo yakhe ekhohlisiwe imdukisile.
Akakwazi ukuzisindisa, futhi akasho ukuthi:
“Awekho yini amanga esandleni sami sokudla?”
21 “O Jakobe, khumbula lezi zinto, nawe Israyeli,
Ngoba uyinceku yami.
Ngakubumba, uyinceku yami. +
O Israyeli, ngeke ngikukhohlwe. +
Buyela kimi, ngoba ngizokuhlenga. +
23 Memezani ngenjabulo nina mazulu,
Ngoba uJehova uthathe isinyathelo!
Memezani ngentokozo nina zingxenye eziphansi zomhlaba!
Memezani ngenjabulo nina zintaba, +
Wena hlathi nazo zonke izihlahla zakho!
Ngoba uJehova umhlengile uJakobe,
Ubonisa ubuhle bakhe ku-Israyeli.” +
“NginguJehova, owenza zonke izinto.
Ubani owayenami?
25 Ngishafisa izibonakaliso zabaprofethi bamanga,*
NginguYe owenza ababhuli baziphathise okwezilima; +
Lowo owenza amadoda ahlakaniphile adideke,
Oguqula ulwazi lwawo lube ngubuwula; +
26 Lowo owenza izwi lenceku yakhe ligcwaliseke,
Lowo ogcwalisa ngokuphelele izibikezelo zezithunywa zakhe; +
Lowo othi ngeJerusalema, ‘Lizohlalwa,’ +
Nangamadolobha akwaJuda, ‘Azokwakhiwa kabusha, +
Ngizowavuselela amanxiwa alo’; +
27 Lowo othi emanzini ajulile, ‘Hwamuka,
Ngizoyomisa yonke imifula yakho’; +
28 Lowo othi ngoKoresi, + ‘Ungumalusi wami,
Uzoyifeza yonke intando yami’; +
Lowo othi ngeJerusalema, ‘Lizokwakhiwa kabusha,’
Nangethempeli, ‘Sizobekwa isisekelo sakho.’ ” +