Eksodusi
6 UJehova wathi kuMose: “Manje uzokubona engizokwenza kuFaro. + Isandla esinamandla sizomphoqa ukuba abakhulule futhi sizomphoqa ukuba abaxoshe ezweni lakhe.” +
2 UNkulunkulu wabe esethi kuMose: “NginguJehova. 3 Ngangivame ukubonakala ku-Abrahama, u-Isaka noJakobe njengoNkulunkulu uMninimandla Onke, + kodwa igama lami elithi Jehova + angizange ngilembule ngokugcwele kubo. + 4 Ngamisa isivumelwano sami nabo sokubanika izwe laseKhanani, izwe ababehlala kulo njengezifiki. + 5 Manje mina ngikuzwile ukububula kwabantu bakwa-Israyeli abagqilazwa abaseGibhithe futhi ngiyasikhumbula isivumelwano sami. +
6 “Ngakho yithi kuma-Israyeli: ‘NginguJehova, ngizonikhulula ekusetshenzisweni kanzima abaseGibhithe nginikhulule nasekugqilazweni yibo, + futhi ngizonibuyisa ngengalo eyeluliwe* nangezahlulelo ezinkulu. + 7 Ngizonithatha nibe isizwe sami, mina ngibe uNkulunkulu wenu, + nakanjani nizokwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu ozonikhulula ekugqilazweni abaseGibhithe. 8 Ngizoningenisa ezweni engafunga ukuthi* ngiyolinika u-Abrahama, u-Isaka noJakobe; ngizoninika lona libe elenu. + NginguJehova.’” +
9 Kamuva uMose wadlulisa lo myalezo kuma-Israyeli, kodwa awamlalelanga uMose ngenxa yokudikibala nangenxa yokugqilazwa kabuhlungu. +
10 UJehova wabe esekhuluma noMose, wathi: 11 “Hamba utshele uFaro, inkosi yaseGibhithe, ukuthi kufanele akhulule ama-Israyeli aphume ezweni lakhe.” 12 UMose waphendula uJehova, wathi: “Bheka! Ama-Israyeli awangilalelanga; + uFaro yena angangilalela kanjani nje ngibe ngingakwazi ukukhuluma kahle?” + 13 Kodwa uJehova waphinde watshela uMose no-Aroni ukuthi yimiphi imiyalo okumele bayidlulisele kuma-Israyeli nakuFaro, inkosi yaseGibhithe, ukuze akhulule ama-Israyeli ezweni laseGibhithe.
14 Yilezi izinhloko zemindeni yama-Israyeli: Amadodana kaRubeni, izibulo lika-Israyeli, + kwakunguHanoki, uPhalu, uHezironi noKarmi. + Lena imindeni kaRubeni.
15 Amadodana kaSimeyoni kwakunguJemuweli, uJamini, u-Ohadi, uJakini, uZohari noShawule, indodana yowesifazane ongumKhanani. + Lena imindeni kaSimeyoni.
16 Lawa amagama amadodana kaLevi, + ngokozalo lomndeni wawo: UGereshoni, uKohati noMerari. + Iminyaka yokuphila kukaLevi yayingu-137.
17 Amadodana kaGereshoni kwakunguLibhini noShimeyi, ngokwemindeni yawo. +
18 Amadodana kaKohati kwakungu-Amramu, u-Izihari, uHebroni no-Uziyeli. + Iminyaka yokuphila kukaKohati yayingu-133.
19 Amadodana kaMerari kwakunguMaheli noMushi.
Lena kwakuyimindeni yamaLevi, ngokozalo lomndeni wawo. +
20 U-Amramu wathatha uJokebedi, udadewabo kayise, waba umkakhe. + Wamzalela u-Aroni noMose. + Iminyaka yokuphila kuka-Amramu yayingu-137.
21 Amadodana ka-Izihari kwakunguKhora, + uNefegi noZikiri.
22 Amadodana ka-Uziyeli kwakunguMishayeli, u-Elizafani + noSitri.
23 U-Aroni wathatha u-Elisheba, indodakazi ka-Aminadaba, udadewabo kaNaheshoni, + waba umkakhe. Wamzalela uNadabi, u-Abhihu, u-Eleyazare no-Itamari. +
24 Amadodana kaKhora kwakungu-Asiri, u-Elkana no-Abhiyasafa. + Lena kwakuyimindeni yabakwaKhora. +
25 U-Eleyazare, + indodana ka-Aroni, wathatha enye yamadodakazi kaPhuthiyeli yaba umkakhe. Yamzalela uFinehasi. +
Lezi izinhloko zemindeni yokhokho bamaLevi, ngokwemindeni yazo. +
26 Yibo laba o-Aroni noMose uJehova athi kubo: “Khiphani abantu bakwa-Israyeli ezweni laseGibhithe ngokwamaqembu* abo.” + 27 Yibo abakhuluma noFaro, inkosi yaseGibhithe, ukuba akhiphe abantu bakwa-Israyeli eGibhithe. Kwakuyilo Mose no-Aroni. +
28 Ngalolo suku uJehova akhuluma ngalo noMose ezweni laseGibhithe, 29 uJehova watshela uMose, wathi: “NginguJehova. Tshela uFaro, inkosi yaseGibhithe, konke engikusho kuwe.” 30 UMose wathi phambi kukaJehova: “Bheka! Angikwazi ukukhuluma kahle, uzongilalela kanjani uFaro?” +