AmaHubo 113 Dumisani uJah!* Mdumiseni nina zinceku zikaJehova,Dumisani igama likaJehova. 2 Kwangathi igama likaJehova lingadunyiswaKusukela manje kuze kube phakade. + 3 Kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo,Igama likaJehova malidunyiswe. + 4 UJehova uphakeme ngaphezu kwazo zonke izizwe; +Ukhazimula kakhulu kunamazulu. + 5 Ubani onjengoJehova uNkulunkulu wethu, +Lowo ohlala* endaweni ephakeme? 6 Uyagoba ukuze abuke ezulwini nasemhlabeni, + 7 Aphakamise ophansi othulini. Uphakamisa ompofu endundumeni yomlotha *+ 8 Ukuze amenze ahlale kanye nezicukuthwane,Nezicukuthwane zabantu bakhe. 9 Unika owesifazane oyinyumba ikhayaAbe ngumama wezingane* ojabulayo. + Dumisani uJah!*