UJeremiya
15 UJehova wathi kimi: “Ngisho noma ngabe uMose noSamuweli bebe la phambi kwami, + bengingeke ngisibonise umusa lesi sizwe. Sisuse phambi kwami. Siyeke sihambe. 2 Uma sithi kuwe, ‘Sizoyaphi?’ kufanele uthi kuso, ‘Yilokhu uJehova akushoyo:
“Abanye benu bayobulawa yizifo,
Abanye bayobulawa yimpi, +
Abanye bayobulawa indlala,
Kanti abanye bayothunjwa.” ’ +
3 “ ‘Ngiyobalethela izinhlekelele ezine,’ *+ kusho uJehova, ‘inkemba yokubulala, izinja zokuhudula, izinyoni zamazulu nezilwane zasendle ukuba zidle futhi zibhubhise. + 4 Ngiyobenza into eshaqisayo kuyo yonke imibuso yomhlaba + ngenxa yalokho uManase indodana kaHezekiya, inkosi yakwaJuda, akwenza eJerusalema. +
5 Ngubani oyoba nesihe kuwe, Jerusalema,
Ngubani oyozwelana nawe,
Ngubani oyoza ezobuza ngenhlalakahle yakho?’
6 ‘Wena ungilahlile,’ kusho uJehova. +
Ngakho ngizokwelulela isandla sami kuwe ngikubhubhise. +
Ngikhathele ukukudabukela.*
7 Ngizobahlunga ngemfoloko emasangweni ezwe.
Ngizobaphuca abantwana. +
Ngizobabhubhisa abantu bami,
Ngoba abafuni ukushiya izindlela zabo. +
8 Abafelokazi babo bazoba baningi kunesihlabathi solwandle.
Ngizobalethela umuntu ozobabhubhisa emini bebade, ozobhubhisa onina nezinsizwa.
Ngizobalethela ukukhathazeka nokwesaba bengalindele.
9 Owesifazane ozele abantwana abayisikhombisa usebuthakathaka;
Uphefumula kanzima.
Ilanga limshonele kusesemini,
Limbangele amahloni nokuphoxeka.’
‘Abambalwa abasele kubo
Ngizobanikela enkembeni yezitha zabo,’ kusho uJehova.” +
Angitshelekisanga, futhi abangitshelekanga lutho;
Kodwa bonke bayangiqalekisa.
11 UJehova wathi: “Nakanjani ngiyokusiza;
Nakanjani ngiyokulamulela esitheni,
Ngesikhathi senhlekelele, nangesikhathi sokucindezeleka.
12 Ukhona yini umuntu ongaphula insimbi ibe yizicucu,
Insimbi evela enyakatho nethusi?
13 Umnotho wakho nengcebo yakho ngizokunikela ezitheni zakho, +
Ngeke ngizikhokhise lutho, ngenxa yazo zonke izono zakho owawuzenza kuzo zonke izindawo zakho.
Ngoba intukuthelo yami iyavutha,
Iyanivuthela.” +
15 Wena uyazi Jehova,
Ngikhumbule unginake.
Ngiphindiselele kulabo abangishushisayo. +
Ungangivumeli ngishabalale* ngenxa yokwephuza kwakho ukuthukuthela.
Yazi ukuthi ngenxa yakho ngithwala leli hlazo. +
16 Lapho ngithola amazwi akho, ngawadla; +
Izwi lakho langithokozisa langijabulisa enhliziyweni yami,
Ngoba ngibizwa ngegama lakho, Jehova Nkulunkulu wamabutho.
17 Angihlali nabantu abenza amahlaya bese ngijabula. +
Ngenxa yokuthi ngiqondiswa nguwe, ngihlala ngedwa,
Ngoba ungenze ngathukuthela kakhulu ngenxa yobubi ababenzile. +
18 Kungani ubuhlungu bami bungapheli nenxeba lami lingapholi?
Alelapheki.
Ingabe uzoba njengomthombo wamanzi oshile
Okungeke kuthenjelwe kuwo?
19 Ngakho-ke yilokhu uJehova akushoyo:
“Uma ubuyela kimi, ngizokubonisa umusa.
Uzoqhubeka ungikhonza.*
Uma uhlukanisa okuyigugu ezintweni ezingasizi ngalutho,
Uzoba umkhulumeli* wami.
Abantu bayofuna usizo kuwe,
Kodwa wena ngeke ulufune kubo.”
20 “Ngikwenza udonga lwethusi oluqinile kulesi sizwe. +
Nakanjani siyolwa nawe,
Ngoba nginawe, ukuze ngikusindise futhi ngikukhulule,” kusho uJehova.
21 “Ngizokukhulula kubantu ababi,
Ngikusindise kulabo abanonya.”