UHoseya
Usishayile kodwa uzosibopha amanxeba.
2 Uzosiphilisa ngemva kwezinsuku ezimbili.
Ngosuku lwesithathu uzosivusa
Siphile phambi kwakhe.
3 Sizokwazi, ngobuqotho sizofuna ukumazi uJehova.
Ukuphuma kwakhe kuqiniseke njengokuntwela kokusa;
Uzoza kithi njengemvula,
Njengemvula yasentwasahlobo ematisa umhlaba.”
4 “Kufanele ngenzeni ngawe Efrayimi?
Kufanele ngenzeni ngawe Juda?
Ngoba uthando lwakho oluqotho lunjengamafu asekuseni,
Lunjengamazolo ashabalala ngokuphazima kweso.
Izahlulelo zami ngokumelene nani ziyokhanya njengesibani. +
6 Ngoba ngijabula ngothando oluqotho,* hhayi ngomhlatshelo,
Ngijabula ngolwazi ngoNkulunkulu kunangeminikelo eshiswayo ephelele. +
7 Kodwa bona, njengabantu abavamile, basephulile isivumelwano. +
Yilapho lapho bengikhohlise khona.
9 Iqembu labapristi linjengamaviyo aphangayo acuthela umuntu.
Liyabulala emgwaqweni eShekemi +
Ngoba liziphatha ngendlela ehlazisayo.
10 Ngibone into enyantisayo endlini yakwa-Israyeli.