Hamba NoNkulunkulu, Uvune Okuhle
“Baqhubeka behlwanyela umoya, futhi bayovuna isivunguvungu.”—HOSEYA 8:7.
1. Singahamba kanjani noJehova?
UHAMBO olunqamula endaweni eyingozi lungaba oluphephe kakhudlwana uma kuhola umuntu ongumakadebona. Kungaba ukuhlakanipha ukuhamba nomuntu onjalo kunokuba sizihambele sodwa. Ngezindlela ezithile, lokho kuchaza isimo esikuso. Ngomqondo ongokomfanekiso, uJehova uzinikele ukuba asihole kulo dedangendlale wogwadule eliyizwe lamanje elonakele. Kuwukuhlakanipha ukuhamba naye kunokuba sizame ukuziqondisa thina. Singahamba kanjani noNkulunkulu? Ngokulandela isiqondiso asinikeza eZwini lakhe.
2. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?
2 Isihloko esandulele sixoxe ngedrama engokomfanekiso ekuHoseya izahluko 1 kuya ku-5. Njengoba sibonile, leyo drama inezifundo ezingasisiza ukuba sihambe noNkulunkulu. Manje ake sixoxe ngamaphuzu avelele athile ezahluko 6 kuya ku-9. Kuzosisiza ukuqale sithi fahla fahla ngalezi zahluko ezine.
Amazwibela
3. Landisa kafushane lokho okuqukethwe izahluko 6 kuya ku-9 zikaHoseya.
3 UJehova wathuma uHoseya ukuba ayoprofetha ngokuyinhloko embusweni wakwa-Israyeli wezizwe eziyishumi owawusenyakatho. Leso sizwe, esaziwa nangokuthi u-Efrayimi, okuyigama lesizwe esivelele, sase simshiyile uNkulunkulu. UHoseya izahluko 6 kuya ku-9 ubonisa ukuthi abantu babonisa ukungathembeki ngokwephula isivumelwano sikaJehova nangokwenza okubi. (Hoseya 6:7) Bathembela kwezinye izizwe ababenze nazo imifela-ndawonye esikhundleni sokubuyela kuJehova. Ngenxa yokuthi baqhubeka behlwanyela okubi, babezovuna okubi. Ngamanye amazwi, isahlulelo esibi sasiseduze. Kodwa isiprofetho sikaHoseya sinanomyalezo ojabulisayo. Abantu baqinisekiswa ngokuthi babengabuyela kuJehova, futhi babezoboniswa isihe uma benikeza ubufakazi bokuthi baphenduke ngokusuka enhliziyweni.
4. Iziphi izifundo eziwusizo ezisesiprofethweni sikaHoseya esizoxoxa ngazo?
4 Kulezi zahluko ezine zesiprofetho sikaHoseya, singathola esinye isiqondiso esizosisiza sihambe noNkulunkulu. Ake sixoxe ngezifundo ezine eziwusizo: (1) Ukuphenduka kweqiniso kuboniswa ngezenzo, hhayi ngamazwi wodwa; (2) imihlatshelo iyodwa ayimjabulisi uNkulunkulu; (3) uJehova uzwa ubuhlungu lapho abakhulekeli bakhe bemshiya; futhi (4) ukuze sivune okuhle, kumelwe sihlwanyele okuhle.
Indlela Ukuphenduka Kweqiniso Okuboniswa Ngayo
5. Nikeza umnyombo walokho okushiwo kuHoseya 6:1-3.
5 Isiprofetho sikaHoseya sisifundisa okuningi mayelana nokuphenduka kanye nesihe. KuHoseya 6:1-3, siyafunda: “Wozani, masibuyele kuJehova, ngoba yena udwengulile kodwa uzosiphulukisa. Waqhubeka eshaya, kodwa uzosibopha amanxeba. Uzosiphilisa ngemva kwezinsuku ezimbili. Ngosuku lwesithathu uzosivusa, siphile phambi kwakhe. Futhi sizokwazi, sizokuphishekela ukumazi uJehova. Njengokuntwela kokusa, ukuphuma kwakhe kumi kuqinile. Uzokuza njengemvula ethululekayo kithi; njengemvula yasentwasahlobo ematisa umhlaba.”
6-8. Yini eyayingalungile ngokuphenduka kuka-Israyeli?
6 Ubani owasho amazwi alotshwe kula mavesi? Abanye bathi ashiwo ama-Israyeli angathembekile, bethi laba bantu abangalaleli babedlala ngesihe sikaNkulunkulu bezishaya abaphendukayo. Kanti abanye bathi ashiwo umprofethi uHoseya, encenga abantu ukuba babuyele kuJehova. Noma ngabe ashiwo ubani, umbuzo obalulekile yilo, Ingabe iningi embusweni wakwa-Israyeli wezizwe eziyishumi labuyela kuJehova, libonisa ukuphenduka okuqotho? Cha. UJehova uthi ngoHoseya: “O Efrayimi, ngizokwenzenjani ngawe? O Juda, ngizokwenzenjani ngawe, lapho umusa wenu wothando unjengamafu asekuseni nanjengamazolo amukayo ekuseni?” (Hoseya 6:4) Yeka ukuthi lokhu kububonisa kanjani ububi besimo esingokomoya sabantu bakaNkulunkulu! Umusa wothando, noma uthando oluqotho, wawusuphelile—kuhle kwenkungu yasekuseni esheshe inyamalale lapho kuphakama ilanga. Nakuba ngokusobala abantu babezishaya abaphendukayo, uJehova akasitholanga isizathu sokubabonisa isihe. Inkinga yayikuphi?
7 Ukuphenduka kuka-Israyeli kwakungasuki ngempela enhliziyweni. Mayelana nokungabenameli kukaJehova abantu baKhe, uHoseya 7:14 uthi: “Nakuba aqhubeka ehewula emibhedeni yakhe, akazange acele kimi usizo ngenhliziyo yakhe.” Ivesi 16 liyanezela: “Wabuya, kodwa engabuyeli kokuphakeme”—okungukuthi, “engabuyeli ohlotsheni oluphakeme lokukhulekela.” (Umbhalo waphansi we-Reference Bible) Abantu babengazimisele ukubuyela ekukhulekelweni okuphakeme kukaJehova ngokwenza izinguquko ezazidingeka ukuze balungise ubuhlobo babo naye. Babengafuni ngempela ukuhamba noNkulunkulu.
8 Kwakunenye futhi inkinga ngokuphenduka kuka-Israyeli. Abantu babesaqhubeka benza izono—empeleni, izinhlobonhlobo zezono—ezihlanganisa ukukhwabanisa, ukubulala, ukweba, ukukhonza izithombe nokwakha imifela-ndawonye ewubuwula nezinye izizwe. KuHoseya 7:4, abantu bafaniswa ‘nesithando somlilo,’ noma uhhavini wombhaki, ngokusobala ngoba izifiso ezimbi zazivutha ngaphakathi kubo. Njengoba isimo esingokomoya sasishaqisa kanjalo, ingabe sasibafanele isihe laba bantu? Phinde! UHoseya utshela lezi zihlubuki ukuthi uJehova ‘uyosikhumbula isiphambeko sazo azinake nezono zazo.’ (Hoseya 9:9) Zazingeke zithole sihe!
9. Amazwi kaHoseya asifundisani ngokuphenduka nesihe?
9 Njengoba sifunda amazwi kaHoseya, sifundani ngokuphenduka nesihe? Isibonelo esiyisixwayiso sama-Israyeli angenalukholo sisifundisa ukuthi ukuze sizuze esiheni sikaJehova, kumelwe sibonise ukuphenduka okusuka enhliziyweni. Kuboniswa kanjani ukuphenduka okunjalo? UJehova akakhohliswa izinyembezi noma nje amazwi. Ukuphenduka kwangempela kubonakala ngezenzo. Ukuze athole isihe, umenzi wobubi kumelwe ayishiye ngokuphelele inkambo yakhe yokona avumelanise ukuphila kwakhe nezindinganiso eziphakeme zokukhulekelwa okuphakeme kukaJehova.
Imihlatshelo Iyodwa Ayimjabulisi UJehova
10, 11. Njengoba kwabonakala ku-Israyeli, kungani imihlatshelo iyodwa ingamjabulisi uJehova?
10 Manje ake sixoxe ngesifundo sesibili esingasisiza sihambe noJehova. Siwukuthi: Imihlatshelo iyodwa ayimjabulisi uNkulunkulu. UHoseya 6:6 uthi: “[Mina Jehova] ngijabulele umusa wothando, hhayi umhlatshelo; nolwazi ngoNkulunkulu kuneminikelo yokushiswa ephelele.” Phawula ukuthi uJehova ujabulela umusa wothando, noma uthando oluqotho—okuyimfanelo yenhliziyo—nolwazi ngaye. Kodwa hleze uyazibuza: ‘Kungani leli vesi lithi uJehova akawujabuleli “umhlatshelo neminikelo yokushiswa ephelele”? Zazingafuneki yini lezi zinto eMthethweni KaMose?’
11 Imihlatshelo neminikelo yayifuneka eMthethweni, kodwa abantu besikhathi sikaHoseya babenenkinga engathí sina. Ngokusobala, kunama-Israyeli ayeyenza njalo le minikelo, ebukisa ngokuzinikela kwawo. Ngesikhathi esifanayo, ayeqhubeka ona. Ngokona kwawo ayebonisa ukuthi izinhliziyo zawo zazingenalo uthando oluqotho. Ayebonisa nokuthi ayeselulahlile ulwazi ngoNkulunkulu, ngoba ayengaphili ngokuvumelana nalo. Uma abantu babengenaso isimo esifanele senhliziyo futhi bengaphishekeli indlela efanele yokuphila, yayinanzuzoni imihlatshelo yabo? Imihlatshelo yabo yayinengeka kuJehova uNkulunkulu.
12. UHoseya 6:6 unasiphi isixwayiso kubantu banamuhla?
12 Amazwi kaHoseya anesixwayiso kubantu abaningi abasontayo namuhla. Benzela uNkulunkulu iminikelo ngemisebenzi namasiko enkolo. Kodwa uma ukukhulekela kwabo kukuthonya ngempela ukuziphatha kwabo kwansuku zonke, lincane kakhulu lelo thonya. Ingabe abantu abanjalo bayamjabulisa ngempela uNkulunkulu uma izinhliziyo zabo zingabashukumisi ukuba bangenise ulwazi olunembile ngaye futhi balusebenzise ngokuba bashiye imikhuba yesono? Makungabi namuntu ocabanga ukuthi imisebenzi yenkolo iyodwa iyamjabulisa uNkulunkulu. UJehova akabajabuleli abantu abazama ukuthola umusa wakhe ngokumane nje babe nesimo sokumkhulekela esikhundleni sokuphila ngeZwi lakhe ngempela.—2 Thimothewu 3:5.
13. Luhlobo luni lwemihlatshelo esiyinikelayo, kodwa yini okufanele siyikhumbule mayelana nokubaluleka kwayo?
13 NjengamaKristu eqiniso, siyakhumbula ukuthi imihlatshelo iyodwa ayimjabulisi uNkulunkulu. Kuyiqiniso ukuthi asinikeli ngemihlatshelo yezilwane kuJehova. Noma kunjalo, ‘sinikela kuNkulunkulu umhlatshelo wokudumisa, okuwukuthi, isithelo sezindebe ezivuma obala igama lakhe.’ (Hebheru 13:15) Kubalulekile ukuba singabi njengama-Israyeli anesono osuku lukaHoseya, sicabange ukuthi singavala ukona ngokunikela ngale mihlatshelo engokomoya kuNkulunkulu. Cabanga ngesibonelo somusha owayeziphatha kabi ngokobulili ngasese. Kamuva wavuma: “Ngandisa inkonzo yami yasensimini, ngicabanga ukuthi lokhu kwakuzogqiba ububi engibenzayo.” Lokhu kwakufana nalokho ama-Israyeli azama ukukwenza. Nokho, uJehova wamukela umhlatshelo wethu wokudumisa kuphela uma uhambisana nesisusa esihle senhliziyo nokuziphatha kokuhlonipha uNkulunkulu.
UJehova Uzwa Ubuhlungu Lapho Abakhulekeli Bakhe Bemshiya
14. Isiprofetho sikaHoseya sembulani mayelana nemizwa kaNkulunkulu?
14 Isifundo sesithathu esisifunda kuHoseya isahluko 6 kuya ku-9 siphathelene nendlela uJehova azizwa ngayo lapho abakhulekeli bakhe bemshiya. UNkulunkulu unesisa kodwa futhi uyathukuthela. Uyajabula futhi abe nesihawu ngalabo abaphendukayo ezonweni zabo. Nokho, lapho abantu bakhe bengaphenduki uthatha isinyathelo esiqinile nesiwujuqu. Ngenxa yokuthi uyikhathalela ngokujulile inhlalakahle yethu, uyajabula lapho sihamba naye ngokwethembeka. IHubo 149:4 lithi: “UJehova uyajabula ngabantu bakhe.” Nokho, uNkulunkulu uzizwa kanjani lapho izinceku zakhe zingathembeki?
15. NgokukaHoseya 6:7, ayenzani amanye ama-Israyeli?
15 Ekhuluma ngama-Israyeli angathembekile, uJehova uthi: “Bona, njengomuntu wasemhlabeni, baseqile isivumelwano. Yilapho lapho bengikhohlise khona.” (Hoseya 6:7) Igama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi ‘khohlisa’ lisho nokuthi ‘yenza ngobuqili, (yenza) ngokungathembeki.’ KuMalaki 2:10-16, lona leli gama lesiHebheru lisetshenziselwe ukuchaza ukuziphatha okungeqotho kwalawo ma-Israyeli ayengathembekile kubangane bawo bomshado. Mayelana nokusetshenziswa kwaleli gama kuHoseya 6:7, enye incwadi ithi “liyisingathekiso esiphathelene nomshado esifaka izimfanelo zabantu ebuhlotsheni . . . Yisimo esithinta umuntu uqobo lapho uthando loniwe.”
16, 17. (a) U-Israyeli wenzani ngokuqondene nesivumelwano sakhe noNkulunkulu? (b) Yini okufanele siyikhumbule mayelana nezenzo zethu?
16 UJehova wayebheka u-Israyeli njengomfazi wakhe ongokomfanekiso ngenxa yesivumelwano ayesenze naleso sizwe. Ngakho lapho abantu bakhe bephula lesi sivumelwano, kwaba sengathi babephinga. UNkulunkulu wayenjengomyeni othembekile, kodwa abantu bakhe bamshiya!
17 Kuthiwani ngathi? UNkulunkulu unendaba nokuthi sihamba naye yini noma cha. Kuhle sikhumbule ukuthi “uNkulunkulu uluthando” nokuthi izenzo zethu ziyamthinta. (1 Johane 4:16) Ngakho uma silandela inkambo engalungile, singase simzwise ubuhlungu uJehova futhi nakanjani siyomdumaza. Ukukhumbula lokhu kungaba isivikelo esinamandla ekunqotshweni isilingo.
Indlela Esingavuna Ngayo Okuhle
18, 19. Isiphi isimiso esisithola kuHoseya 8:7, futhi safezeka kanjani kuma-Israyeli?
18 Ake sixoxe ngesifundo sesine esisesiprofethweni sikaHoseya—indlela esingavuna ngayo okuhle. Ngokuqondene nama-Israyeli nobuwula nobuze benkambo yawo yokungabi nalukholo, uHoseya uyabhala: “Baqhubeka behlwanyela umoya, futhi bayovuna isivunguvungu.” (Hoseya 8:7) Lapha sithola isimiso esenza kahle ngokusikhumbula njalo: Izinto esizenza manje zihlobene ngokuqondile nalokho okuyokwenzeka kithi kamuva. Saba yiqiniso kanjani lesi simiso endabeni yama-Israyeli angathembekile?
19 Ngokuqhubeka ona, lawo ma-Israyeli ayehlwanyela okubi. Ingabe ayezoqhubeka enza kanjalo kodwa angavuni imiphumela emibi? Ayengeke neze aphunyule esahlulelweni esibi. UHoseya 8:13 uthi: “[UJehova] uzosikhumbula isiphambeko sabo futhi abenze balandise ngezono zabo.” KuHoseya 9:17, siyafunda: “UNkulunkulu wami uyobala, ngoba abazange bamlalele, futhi bayoba ngababaleki phakathi kwezizwe.” UJehova wayezowenza alandise ama-Israyeli ngezono zawo. Ngenxa yokuthi ayehlwanyela okubi, ayezovuna okubi. Isahlulelo sikaNkulunkulu safika phezu kwawo ngo-740 B.C.E., lapho abase-Asiriya bechitha umbuso wakwa-Israyeli wezizwe eziyishumi futhi bethumba izakhamuzi zakhona.
20. Okwenzeka kuma-Israyeli kusifundisani?
20 Okwenzeka kulawo ma-Israyeli kusifundisa iqiniso eliyisisekelo: Sivuna esikuhlwanyelayo. IZwi likaNkulunkulu liyasixwayisa: “Ningadukiswa: UNkulunkulu akayena owokuhlekwa usulu. Ngoba noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi.” (Galathiya 6:7) Uma sihlwanyela okubi, siyovuna okubi. Ngokwesibonelo, labo abaphishekela indlela yokuphila yokuziphatha okubi bayovuna imiphumela ebuhlungu. Umenzi wokubi ongaphenduki uyothola umphumela ongajabulisi.
21. Singakuvuna kanjani okuhle?
21 Pho singakuvuna kanjani okuhle? Lo mbuzo singawuphendula ngomfanekiso olula. Uma umlimi efuna ukuvuna ummbila, ingabe ubengatshala ubhontshisi? Cha! Kumelwe atshale lokho afuna ukukuvuna. Ngokufanayo, uma sifuna ukuvuna okuhle, kumelwe sihlwanyele okuhle. Ingabe uyafuna ukuqhubeka uvuna okuhle—ukuphila okwanelisayo manje, unethemba lokuphila okuphakade ezweni elisha likaNkulunkulu? Uma ufuna, kumelwe uqhubeke uhlwanyela okuhle ngokuhamba noNkulunkulu nangokuphila ngokuvumelana nezindinganiso zakhe zokulunga.
22. Iziphi izifundo esizifunde ezahlukweni 6 kuya ku-9 zikaHoseya?
22 Kusukela ezahlukweni 6 kuya ku-9 zikaHoseya, sifunde izifundo ezine ezingasisiza sihambe noNkulunkulu: (1) Ukuphenduka kweqiniso kuboniswa ngezenzo; (2) imihlatshelo iyodwa ayimjabulisi uNkulunkulu; (3) uJehova uzwa ubuhlungu lapho abakhulekeli bakhe bemshiya; (4) ukuze sivune okuhle, kumelwe sihlwanyele okuhle. Izahluko ezinhlanu zokugcina zale ncwadi yeBhayibheli zingasisiza kanjani ukuba sihambe noNkulunkulu?
Ungaphendula Kanjani?
• Ukuphenduka kwangempela kuboniswa kanjani?
• Kungani imihlatshelo iyodwa ingamjabulisi uBaba wethu osezulwini?
• UNkulunkulu uzizwa kanjani lapho abakhulekeli bakhe bemshiya?
• Yini okumelwe siyihlwanyele ukuze sivune okuhle?
[Isithombe ekhasini 23]
Uthando oluqotho luka-Israyeli lwanyamalala njengamafu asekuseni
[Isithombe ekhasini 23]
Izifiso ezimbi zika-Israyeli zazivutha njengesithando somlilo
[Isithombe ekhasini 24]
Kungani uJehova ayenqaba imihlatshelo yabantu bakhe?
[Isithombe ekhasini 25]
Ukuze sivune okuhle, kumelwe sihlwanyele okuhle